Go to full page →

Iqinisti liyangmlisa IE 30

Umkhohlisi omkhulu unezimfundiso zamanga eziningi azilungisele izinhlobo ezehlukene zabantu afuna ukubalahlekisa. Kuyicebo lakhe ukuletha ebandleni abantu abakhohlisayo, nabangaphendukile, abazokhuthaza ukungabaza nokungakholwa. Abaningi abangamkholwa ngempela uNkulunkulu, bayazamukela izimfundiso zeqiniso ezithile, bathathwe njengamaKristu, kanjaloke bakwazi ukufaka iziphosiso njengemfundiso yeBhayibheli. USathane uyazi ukuthi iqiniso uma lamukelwe ngothando, lingcwalisa umphefumulo. Ngakhoke ufuna ukufaka izimfundiso zamanga, izinganekwane, elinye ivangeli. Kusukela ekuqaleni, izinceku zikaNkulunkulu zazilwa nabafundisi bamanga, kungebona nje kuphela abantu abayizixhwanguxhwangu, kodwa nabantu ababhebhethekisa amanga ayingozi emphefumulweni. UEIiya, uJeremiya, uPawulu baphikisana kakhulu nalabo ababexosha abantu eZwini likaNkulunkulu. Lokho kukhululeka komqondo okuthi ukukholwa okuyikonakona akubalulekile, akwamukelwanga yilabavikeli beqiniso. IE 30.3

Ukuhunyushwa kweBhayibheli ngendlela engacacile nenongiwe kanye nezimfundiso eziziphikisayo phakathi kwamaKristu kuwumsebenzi wesitha sethu esikhulu ukuze sidide izingqondo. Ukungezwani nokwehlukana emabandleni ikakhulu kwenziwa ukuhlanekezela imiBhalo ngenhloso yokuvikela imfundiso ethandwa umuntu. IE 31.1

Abanye, ukuze baqhube izimfundiso ezilahlekisayo, banyula izindimana, zingahambisani nokunye okushiwoyo, bafunde inxenye yendimana bethi bazama ukwesekela abakushoyo, kanti inxenye esele itshengisa ukuthi empeleni kushiwo okuphikisana nalokho. Ngobuqili obufana nobenyoka bagxila kokungahlangene, kwahlanekezelwa ukuze kuhambisane nezifiso zabo zenyama. Abanye bathatha imifanekiso nezibonelo, bazihumushe ngokuthandwa yibona, benganaki ubufakazi bokuthi imiɓhalo izichaza yona, bese beshumayela imibono yabo njengemfundiso yeBhayibheli. IE 31.2