Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 31—INKOSI YABO EKUPUKILEYO.

    EKUBUYELENI kwabafundi e Jerusalem, abantu baba buka ngokumangala. Emva kokutetwa kwecala nokubetelwa kwe Nkosi yabo kwaku catyangwa kutiwa bayakuba nemimoya epansi babe namahloni. Izita zabo zazi bheke ukubona ebusweni babo ukudabuka nokwablulwa. Esikundhleni saloku, kwa ku kona uku nqoba nokujabula ukupela. Ubuso bwabo ba bukanyiswa ukutokoza okungesiko okomhlaba. Abakaliswanga amatemba ajabhileyo, kodwa babe gcwele ukudumisa nokubonga ku Tixo.UUW 181.1

    Bayi landa indaba emangalisayo yokuvuka, nokukupukela kuka Krestu ezulwini, ngokujabula okukulu, ubufakazi bwabo bwamukelwa abaningi.UUW 181.2

    Abafundi basebe ngasesibo abangenatemba lesikati esizavo. Babazi ukuti u Msindisi usezulwini, nokuti ukuhaukela kwake kwakusenabo. Babazi ukuti unxuzela ku Nkulunkulu umvuzo we gazi lake. Wa ekombisa u Yise izandhla zake ezalinyazwayo nezinyawo, ukuba kube isizatu esikulu senani aye likokele abahlengiweyobake. Babazi ukuti uyakuza futi, nazo zonke izingilosi ezingcwele zi hamba naye, babe bheke kuloku ngokutokoza okukulu nokufisa ukuba kusheshe kufike.UUW 181.3

    Ekunyamalaleni kuka Jesu emehlweni abafundi bake, entabeni yemihlwati, wahlangabezwa isixuku sase zulwini esampelekezela simyisa pezulu ngama gama okuhlabelela okutokoza. Emasangweni omuzi ka Tixo ukuza kwake kwakulindwe isixuku esingenakubalwa sezingilosi, kona. Wati lapa u Krestu esondela emasangweni, izingilosi ezazimpelekezela zakuluma ngamazwi okunqoba ku lezo ezazi semasangweni zati:—UUW 182.1

    “Masango pakamisani izinhloko zenu; Nani minyango yapakade, pakamani; Ukuba Nkosi yokukazimula ingene.” Izingilosi ezazi lindile emasangweni zabuza zati. Inguban le Nkosi yokukazimula ? Loku azi kusho ngoba zingazi ukuti ungubani kodwa ngoba zitanda ukuzwa impendulo yokudumisa okupakamileyo kokuti :—UUW 182.2

    I Nkosi enamandhla. I Nkosi enamandhla okulwa. Masango pakamisani izinhloka zenu, minyango yapakade zipakamiseni; ukuba iNkosi yokukazimula ingene.UUW 182.3

    Zase zibuza futi izingilosi ezilindileyo ziti:—UUW 182.4

    Ingubani le Nkosi yokukazimula ? Izingilosi ezimpelekezelayo zapendula ngokuhlabelela okuzwanayo zatiUUW 182.5

    “I Nkosi yemikosi. Uye i Nkosi yokukazimula.” Isihlabe 24:7-10.UUW 182.6

    A esevulekake amasango omuzi ka Nkulunkulu ati gengelezi, nesixuku sezingilosi sangena emasangweni pakati kokuhlabelela kokujabula okukulu.UUW 182.7

    Imikosi yonke yase zulwini ilinde ukudumisa i Nduna yabo ebuyileyo. Bamlinlele ukuba atate indawo yake esihlalweni sobukosi sika Yise. Kodwa kwaku ngakabi isikati sokuba emukele umqele wobukosi nengubo yobukosi. Unesicelo sokuba asilete pambi kuka Yise sabaketiweyo bake abase mhlabeni. Akanakwamukela udumo lize ibandhla lake litetelelwe lamukelwe.UUW 182.8

    U cela ukuba kuti lapa ekona nabantu bake babe kona. Uma ezoba nobukosi nabo mababudhle kanje naye. Labo abahlupeka naye emhlabeni ababuse naye embusweni wake.UUW 183.1

    Ngaloku u Krestu unxusela ibandhla lake. Ulinganisa okutandwa uye kanye nokwabo, nangotando nokuqina okunamandhla kunokufa uya nxusela amalungelo nezi kundhla ezitengwe ngegazi lake.UUW 183.2

    Impendulo ka Yise kulesisicelo izwakala ngesimemezelo esiti. “Zonke izingilosi zika Tixo mazimkotamele.” Ama Heberu 1: 6.UUW 183.3

    Abaholi bemikosi yezulu bamdumisa uMhlauleli wabo. Isixuku sezingilosi ezingena ku balwa sakotama pambi kwake, nezigodhlo zase Zulwini zapindelisela ukunkeneza kwazo zabuye zapinda zimemeza ngokujabula ziti:—UUW 183.4

    “I Cwane elahlatywayo lifanele ukwamukela amandhla ingcebo, ukuhlakanipa nokuqina, nodumo, nobukosi nobusiso.” Isambulo 5 :12.UUW 183.5

    Abalandeli baka Krestu “bayamukelwa kotandiweyo.” Pambi kwesixuku sasezulwini, u Yise usegcwalisile isivumelwano a senza no Krestu sokuti, uyakwamukela abantu abapendukileyo naba lalelayo ; abatande njengokuba etanda i Ndodana yake. Lapa u Mhlauleli ekona nabahlaulelweyo bayakuba kona futi.UUW 183.6

    I Ndodana ka Tixo yase iyinqobile inkosana yobumnyama, yanqoba ukufa nesono. Izulu laduma amazwi ahlabelela amagama apakemeyo eti:—UUW 184.1

    “Ubusiso, no dumo, nobukosi namandhla, akube kuye ohlezi esihlalweni sobukosi, nakulo i Cwane pakade napakade.” Isambulo 5 :13.UUW 184.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents