Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 9—UKUSHUMAYELA KO KUQALA.

    UKRESTU wa buya qede ehlane, wa buyela e Jordan lapa kwaku shumayela kona uJohane. Nga leso sikati abantu ababe tunywe ababusi base Jerusalem, babe buza uJohane ukuti amandhla oku fundisa nawoku bhapatiza abantu uwatatepi. Ba buza bejti ungu Mesiya noma uElija noma ilowa mprofeti, “betsho uMoses.” Kuko konke loku wati, “Angi siye.” Base bebuza beti:—“Ungu bani po ? Ukuze si banike impendulo aba si tumileyo.”UUW 51.1

    “Wati, Ngi yizwi eli memeza ehlane liti, Lungisani indhlela ye Nkosi njengo kwa shiwo umprofeti uIsaya.” Johane 1: 22, 23.UUW 51.2

    Endulo kwa kuti uma inkosi izohamba ezweni layo elinye iya kwe linye, kwa ku tunyelwa abantu ngapambili kwe kalishi layo, ukuba ba lungise izindhlela. Babe gawula imiti baqoqe amatye ba gcwalise izisele ukuze indhlela ye nkosi ibe sobala. Ngakoke kwati lapa seku zofika uJesu iNkosi yase Zulwini, kwa tunyelwa uJohane uMbhapatizi ukuba aze ko lungisa indhlela ngokuba a tyele abantu ukuti abapenduke ezonweni zabo.UUW 51.3

    Wati uJohane esapendula izitunywa ezazi vela eJerusalem, wa bona uJesu emi ogwini lomfula. Ubuso bwake bwa kazimula, elula izandhla zake wati:—UUW 51.4

    “Ukona pakati kwenu eninga maziyo, Uye oza emva kwami, owa ekona ngi nga kabiko, engi nga kabiko, engi nga fanele noku tukulula imicilo yezi catulo zake.” Johane 1:26, 27.UUW 52.1

    Abantu bahlabeka. UMesiya wa epakati kwabo baqalaza betanda ukubona lo uJohane aye kuluma ngaye. Kodwa uJesu wa ese ngene pakati kwe sixuku wa nyamalala.UUW 52.2

    Nga ngomso uJohane wa bona uJesu emkomba watiUUW 52.3

    Bhekani iCwane lika Nkulunkulu elisusa isono sezwe !UUW 52.4

    UJohane wa ese batyela nge sibonakaliso esabonwa ngamhla e bhapatizwa. Wati. “Nga bona, ngi ya fakaza ukuti lo iNdodana ka Nkulunkulu.” Johane 1: 29, 34.UUW 52.5

    Ababezwa ba mbheka uJesu ngo kwe saba noku mangala. Ba zibuza beti, uKrestu yini lona ?UUW 52.6

    Ba bona ukuti uJesu ana siboniso sengcebo yezwe no bukulu bwalo. Izingubo zake zazi nge namfeketiso, zi ngesizo ezemali eningi, zi njenge zazi gqokwa abantu aba mpofu. Kodwa kwa ku kona okwa kuzamazamisa izinhliziyo zabo ebusweni bake obu papatekileyo. Kulobo buso babe funda ukupakama namandhla, nako konke uku buka kweso lake nezito zobuso bake kwaku tyela umhau wa ngapezulu notando olungena kupunyeselwa.UUW 52.7

    Kodwa izitunywa ezazi vela e Jerusalem azi sondezwanga ku Msindisi, UJohane wa enga shongo ababe funa ukukuzwa. Babe bheke ukuti uMesiya uya kufika eumnqobi omkulu. Ba bona-ke ukuti kwa kungesiko loku uJesu aye zo kwenza, base be mshiya be jabhile.UUW 52.8

    Ngangomso uJohane wa bona uJesu wati futi; Bhekani iCwane lika Nkulunkulu! Ababili abafundi baka Johane ba bemi eduze, base be landela uJesu. Ba lalela ukufundisa kwake, baba abafundi bake. Omunye wa laba ababili kwaku uAndru nomunye ku uJohane. UAndru wa shesha wa leta umfowabo uSimon ku Jesu, uKrestu wa ese mqamba ngokuti uPeter. Nga ngomso beya e Galile uKrestu wa biza omunye umfundi uFilipa igama lake. UFilipa wanele watola uMsindisi nje wa ese leta umngane wake uNatanela.UUW 53.1

    Umsebenzi ka Krestu omkulu wase mhlabeni wa qalwa ngalendhlela. Waba biza ngabanye ukuba babe abafundi bake, omunye alete umfowabo, omunye alete umngane wake. Loku oku fanele ukwenziwa yibo bonke abalandela uKrestu. Bafanele ukuba banele bazi nje ngo Jesu bese betyela abanye Isihlobo esihle aba si tolileyo. Umsebenzi ongenziwa yibo bonke lona, abasha nabadala.UUW 53.2

    UKrestu nabafundi bake baya emshadweni e Kana lase Galile. Amandhla ake amangalisayo avezelwa ukuba kutokoze lo mndeni obuteneyo.UUW 53.3

    Kwa ku umkuba wa lelozwe ukuba ku puzwe iwayini nga lezi zikati. Lapela iwayini umshado ungakapeli. Kwakuti nxa kwe sweleke iwayini, ku bonakalise ukungabi nasu lokupata abantu kulabo okwa kuziwe kubo, loku-ke kwa kutiwa ihlazo. UKrestu wa tyelwa okwenzakeleyo. Wa eseti ezincekwini azi gcwalise izimbiza ezi yisitupa ezinkulu ngamanzi. Wa eseti “yikani niyise ku mpati we dili.” Johane 2:8.UUW 53.4

    Esikundhleni samanzi kwa puma iwayini. Leli wayini lali ncono ku nelikade lipuzwa labanela futi bonke.UUW 53.5

    UJesu esenzile lesi bonakaliso, wa nyenya wa hamba. Aba menyiweyo baze bezwa ngo msebenzi awenzileyo ese hambile.UUW 54.1

    Isipo sika Krestu emshadweni sasi umfanekiso. Amanzi aefanekisa ubhapatizo, newayini lali fanekisa igazi lake elacitelwa izwe.UUW 54.2

    Iwayini elenziwa uJesu lali ngesibo utywala obubilileyo. Iwayini elinje liveza ukudakwa nobubi obuningi u Nkulunkulu uya lenqabela ukuba lipuzwe. Uti, Iwayini liyi sideleli okupuzwayo okunamandhla kuveza umsindo ; owedukiswa yilo akahlakanipile. Liluma njenge nyokal intinyele njenge bululu. Amazwi 20 : 1, 23, 32.UUW 54.3

    Iwayini elali puzwa kuleli dili lali amanzi amagrepi amable amnandi. Lali fana neli shiwo umprofeti u Isaya eti “iwayini elisha elitolwa esixukuwini,” uti futi kukona ubusiso kulo. Ulsaya 65 :8.UUW 54.4

    Ngokuya kuka Krestu emshadweni wa ekombisa ukuti kuhle ukuba abantu bahlangane ndawonye ngalendhlela ejabulisayo. Wa etanda ukubona abantu be tokoza. Wa evama ukuba vakashela emakaya abo alinge ukubenza ba kohlwe izinkatazo nezinhlupo zabo, ba cabange ngokulunga kuka Nkulunkulu nango tando Iwake.UUW 54.5

    Wa elinga ukukwenza loku noma engabapi. Lapa kwaku kona inhliziyo evulekele ukwa mukela izindaba zika Nkulunktilu. Wa yembula amaqiniso endhlela yosindiso.UUW 54.6

    Ngolunye usuku wati lapa edabula izwe lase Samaria, wa hlala pansi ngase mtonjeni ukuba apumule. Kwa se kufika owesifazane ezakuka amanzi. Wa cela kuye ukuba ampuzise.UUW 54.7

    Umfazi wa mangala ngaloku ngoba wa yazi ukuti abaJuda bawa zonda kanjani amaSamaria. Kodwa uKrestu wa mtyela wati uma ube cela kuye, ube yomupa amanzi angapeliyo. Naloku-ke futi kwabuye kwa mu mangalisa ngokunga pezulu. Wa eseti.UUW 54.8

    “Opuza lawa manzi uyobuye ome ; kodwa opuza amanzi engi ya kumnika wona akayupinde ome; kodwa amanzi engiya ku mnika wona aya kuba kuye umtombo wamanzi ampompozayo eku pileni okungunapakade.” Johane 4 :13,14.UUW 55.1

    Nga manzi apilayo kutshiwo uMoya oyingcwele. Njengoba isihambi esomileyo si dinga amanzi okuba si puze kunjalo-ke nati si dinga uMoya ka Nkulunkulu ezi nhliziyweni zetu. Opuza lawa manzi aka sayi koma. UMoya Oyingcwele uleta utando luka Nkulunkulu ezinhliziyweni zetu. Usutise izifiso zetu, si ngabe sisa kangwa ingcebo nodumo ne ntokozo ya lelizwe.UUW 55.2

    Usi gcwalisa nge ntokozo esenza si tande ukuba nabanye babe naye. Kitina uyakuba njengomtombo wamanzi ompompozayo nge zibusiso kubo bonke aba zungezileyo.UUW 55.3

    Bonke okuhlala kubo uMoya ka Nkulunkulu baya ku hlala no Krestu ungunapakade embusweni wake. Uma usu wamkelwe enhliziyweni ngoku kolwa, kusuke seku qaleukupila okupakade.UUW 55.4

    U Krestu watyela umfazi ukuti lesi isibusiso esihle uya ku mnika sona uma esi cela. Natike futi uya kusipa.UUW 55.5

    Lomfazi wa apule izimemezelo zika Nkulunkulu, u Krestu wa bonisa ukuti uya zazi izono zempilo yake. Wa bonisa futi ukuti uyisihlobo sake, nokuti uya mtanda uya mdabukela, nokuti uma evuma ukushiya izono zake u Tixo uya kumamukela abe umntwana wake.UUW 55.6

    Kwaba kukulu ukujabula kwake qede ezwe loku. Ngokujabula kwake wa sheshe waya emzini oseduze wa biza abantu ukuba bazobona.UUW 56.1

    Bafika emtonjeni ba mcela ukuba a hlale nabo. Wa hlala nabo izinsuku ezimbili waba fundisa, baba baningi aba wezwayo amazwi ake. Bapenduka ezonweni zabo ba kolwa uye ukuti ungu Msindisi wabo.UUW 56.2

    Ngesikati soku shumayela kuka Jesu wa vakashela kwabo kabili. Okuku qala wa ngena endhlini yesobata nge Sabata.UUW 56.3

    Wa fika we funda isiprofeto sika Isaya ngomsebenzi ka Mesiya, ngoku shumayela kwake izindaba ezinhle kwaba hlupekayo, ngoku duduza abadabukileyo, ngoku vula amehlo ezimpumpute nangokupilisa abalimeleyo.UUW 56.4

    Wa esetyela abantu ukuti konke loko kwase kugcwalisekile ngalo lolosuku. Kwa kuyiwo lowo msebenzi aye wenza yena.UUW 56.5

    Ababelalele bajabula ngalawa mazwi. Ba kolwa ukuti uJesu ungu Msindisi owetenjiswayo. Izinhliziyo zabo zazanyazanyiswa u moya oyingcwele ba pendula ngo ameni nezindumiso ku Jehova.UUW 56.6

    Base be kumbula ukuhlala kuka Jesu pakati kwabo eumbazi. Base be mbone kaningi esebenza e shabhu no Josefa. Nokuba ekupileni kwake konke kwaku kona izenzo zotando nomusa zodwa abakolwanga ukuti ungu Mesiya.UUW 56.7

    Ngemicabango enjenga lena ba vula indhlela yokuba uSatani abuse imiqondo yabo. Base be mtukutelela kakulu uMsindisi. Ba memeza ngaye ba zimisela uku mbulala.UUW 56.8

    Ba mxosha beti bazo mponsa esiweni segquma eli kulu. Kodwa izingilosi zazise duze zizo mvikela. Wa shuma pakati kwesixuku abe esa bonwa.UUW 56.9

    Wati epinda eza e Nazareta abantu babese njalo benga kulungeli ukuba ba mamukele. Wa se hamba ukupela.UUW 57.1

    U Krestu wa esebenzela labo abafuna ukuba abasize, abantu ba butana kuye be vela kulo lonke izwe. Kwa kuba kona ukutokoza okukulu lapa ebapilisa, ebafundisa. Kwaba sengati izulu lehlile leza emhlabeni, badhla umusa wo Msindisi one sihau.UUW 57.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents