Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 10—IMFUNDISO KA KRESTU.

    PAKATI kwa baJuda inkolo yase iumkuba nje. Kwati ngoba sebe delile inkonzo ye qiniso ka Nkulunkulu, sebelahlekelwa na amandhla omoya wezwi lake, ba linga ukugcwalisa aba kusweleyo ngoku faka ezabo izinkonzonezindaba aba bekolwa yizo.UUW 58.1

    Igazi lika Krestu lodwa elinga hlanza izono. Amandhla ake ukupela enza umuntu angaze ona. Kodwa abaJuda babencike emisebenzini yabo nase zinkonzweni zenkolo yabo ukuti kuyoba zuzela usindiso. Ngenxa yoku kutalela kwabo lezi zinkonzo babeti ba lungile, bafanele indawo embusweni ka Nkulunkulu.UUW 58.2

    Kodwa amatemba abo a egxile ebukulwini bezwe. Babefisa kakulu ingcebo namandhla nako loku babe kubheke nje ngoba beti kuyoba umuvuzo woku kolwa kwabo koku zenzisa. Babe bheke ukuti u Mesiya uza ku misa umbuso wake lapa. emhlabeni abuse e yinkosi enkulu pakati kwabantu. Ba beti botola zonke izibusiso zomhlaba ekufikeni kwake.UUW 58.3

    UJesu wazi ukuti amatemba abo azo jabhiswa. Wa ezobafundisa nge nto encono kakulu kunaleyo ababeyifuna. Wa ezo vusa inkonzo eqinisekileyo ka Tixo. Wa elete inkonzo yenhliziyo emhlope, eya izozi bonakalisa empilweni emhlope nase simweni esi ngcwele.UUW 58.4

    Enshumayelwani enhle yase ntabeni u casisela nge zinto uNkulunkulu ati zinhle kakulu kunazo zonke neziyo leta intokozo epeleleyo.UUW 59.1

    Abafundi bo Msindisi basebe tole umoya wemfundiso yawo tisha laba, ngakoke izifundo zika Krestu za qala ngabo. Loko abafundisa kona okwetu nati. Sidinga ukuba sazi izintoezinjalo nati.UUW 59.2

    U Krestu wati, “Babusisiwe abampofu emoyeni.” Abampofu emoyeni ilabo abaziyo ukona kwabo nokuswela kwabo. Bayazi ukuti abanakuzenzela luto olulungileyo. Ba fisa ukusizwa uNkulunkulu abesebanika isibusiso. Ngokuba uti omkulu nopakamileyo ohlala e bungunapakadeni, ogama lake li Ingcwele : “Ngi hlala endaweni epezulu encwele, ngi hlala futi none nhliziyo eyapukileyo netobileyo ukuvusa umoya waba. tobekileyo ne zinhliziyo ezepukileyo.” UIsaya 57 : 15.UUW 59.3

    “Babusisiwe abakalayo.” Loku akusho kulabo ababamba be sola, be nkonona be hamba be no buso obubi obupansi. Kusho ku bantu abadabukele izono zabo nge qiniso aba cela ku Tixo ukuba aba tetelele. Bonke abanje uba tetelela ngoku kululeka. Uti, “Ngiya kupendula ukukala kwabo kubeintokozo, ngi ba duduze, ngi benze ba jabule ngezibusizi zabo.” UJeremia 31:13.UUW 59.4

    “Ba busisiwe abamnene,” u Krestu uti, “funda kimi ngokuba ngimnene ngitobekile ngenMiziyo.” UMateu 11: 29. Kwakuti uma epetwe kabi apindise okubi ngokuhle. Ngaloko wa sinika isibonelo ukuze senze njengaye.UUW 59.5

    “Ba busisiwe abalambele bomele ukulunga.” Ukulunga ku ukwenza izinto ezilungileyo. Ku ukulalela umteto ka Tixo ; ngokuba ku lowo mteto kubonakaliswa izinto ezi vezwa ukulunga. IBaibeli liti, “Iziyalezelo zako zonke zi ukulunga.” Isihlabelelo 119 :172. U Krestu wafundisa abantu ukuba balalele lowo mteto ngezenzo zake, ukulunga komteto kubonakala ekupileni kwake. Uma sisuke sifuna ukuba imicabango yonke yetu namazwi onke etu, nezenzo zetu, zibe njenge zika Krestu sisuke silamba somela ukulunga.UUW 59.6

    Singase sibe njengo Krestu uma sitanda ngeqiniso. U kupila kwetu kungaba njengo kwake, nezenzo zetu zivumelane nomteto ka Nkulunkulu. U Moya oyingcwele uya kuleta utando luka Tixo ezinhliziyweni zetu ukuze sitokoze uma senza intando yake. U Tixo utanda ukusipa u moya wake kakulu kunoku tanda kwabazali ukupa izipo ezinhle kubantwana babo. Isetembiso sake siti “celani niyakupiwa.” ULuka 11:9. Bonke aba lambele bomele ukulunga “baya ku sutiswa.” UMateu 7:7.UUW 60.1

    “Ba busisiwe abanesihau.” Ukuba nesihau ku ukupata abanye kahle ngapezu kwabakufaneleyo. No Nkulunkulu usipata kanjalo. Kuya mjabulisa uku bonakalisa isihau nomusa kwaba nyazayo nakwababi. Ngaloku usifundisa ukuba senze njalo kwabanye. Uti yenzelanani umusa nibe nezinhliziyo ezitambile; nitetelanane njengo kuba u Tixo wanitetelela ngenxa ka Krestu. Abasefesu 4 : 32.UUW 60.2

    Babusisiwe abamhlope nge nhliziyo. U Nkulunkulu ukatalela kakulu esiyiko kunesiti siyiko. Akakatali ngobu bakabaka betu, kodwa ufuna izinhliziyo zetu zibe mhlope. Ati amazwi etu nezenzo zetu zilunge. Inkosi u David wa tandaza wati, “Ngipe inhliziyo ehlanzekileyo Tixo.” Wati futi, “amazwi omlomo wami nezi zindhlo zenhliziyo yami azemkeleke kuwe, 0 ! Jehova mandhla ami nomkululi wami.” Isihlabelelo 51:10 ; 19 :14. Lo ufanele ukuba ube umtandazowetu.UUW 60.3

    Ba busisiwea abalamulayo. Onomoya ka Krestu omnene notobekile, uyakuba umlamuli. Lomoya awu qali ukulwa. awu penduli ngolaka. Wenza kutokozwe ekaya ulete ukutulaokumnandi okubusisa bonke.UUW 61.1

    “Ba busisiwe abahlushwa ngenxa yokulunga.” UMateu 5:3—10. U Krestu wayazi ukuti baningi abafundi bakeabaya kufakwa etilongweni, abaningi babulawe. Kodwa. wabatyela bangakukaleli. Akuko okubi okungalimaza laboabatanda nabalandela u Krestu. Uya kuba nabo kuzo zonke izindawo noma be bulawa uyakuba nika impilo engasoze yapela, nomqele wobukosi ongagugiyo.UUW 61.2

    Abanye ke baya kumazi u Msindisi ngabo. UKrestu wati kubafundi bake :—UUW 61.3

    “Ni ukukanya kwezwe.” UMateu 5 :14. U Jesu wa esezosheshe ahambe emhlabeni aye ekaya lake lase zulwiniKodwa abafundi babe zofundisa abantu utando lwake. Babezoba ukukanya pakati kwa bantu. Isibani esisesibubulungu. esikanya ebumnyameni, sihola umkumbi uze ufike kahle lapa. uma kona ; ngako abalandeli baka Krestu bafanele bakanye kulelizwe lobumnyama, ukuze ba holele abantu ku Krestu nasekaya lasezulwini. Bonke abalandela u Krestu bafaneleukwenze nje. Uti abasebenza naye basindisa abanye.UUW 61.4

    Izifundo ezinye zazi isimangaliso ziqabukeka kulaboababelalele u Krestu wazi pinda njalo izikati eziningi. Ngesinyeizikati kweza kuye ummeli ezobuza umbuzo wo kuti:--UUW 61.5

    “Mfundisi ngingenzani akuze ngidhle ifa lombuso opakade na ?”UUW 62.1

    U Jesu wati kuye kulotyweni emtetweni, ufunda kanjani ? UUW 62.2

    Wa pendula wati, wotanda i Nkosi u Nkulunkulu wako ngenliliziyo yonke yako, na ngompefumulo wonke wako, nowakelene nawe njengokuba uzitanda wena.UUW 62.3

    U Krestu wati. Upendule kahle yenza loku uyakupila.UUW 62.4

    Ummeli wa engazange akwenze loku. Wa kwazi ukuti wa ekade engaba tandi abanye njengokuba ezitanda yena. Esikundhleni sokuba apenduke wa linga ukutola izaba zo kuzi tanda kwake. Ngakoke wa esebuza ku Jesu eti:—UUW 62.5

    “U bani owakelene nami ?” ULuka 10 : 25—29.UUW 62.6

    Abapristi nawo tisha babe vama ukupikisana ngalombuzo. Abampofu nabangefundile babe ngatsho ukuti ba abakelwana babo, babe ngabenzeli nomncane umusa. UKrestu wa engaze angangena ekupikisaneni kwabo; umbuzo wa upendula ngendaba eyaisandu ukwenzeka.UUW 62.7

    Wati: umuntu otile wa yehla eya eJeriko, evela eJerusalem. Umgwaqo wa unommango omkulu, unamatye wa dabula endaweni eyihlane esesita. Umuntu wa banjwa abapangi bamepuca konke ayenako. Bamshaya bamlimaza, bamshiya ukuba afe.UUW 62.8

    Wati e lele enje, kwadhlula umpristi, kwabuye kwadhlula umLevi e vela e tempelini eJerusalem. Kodwa esikundhleni sokuba basize lomuntu ohlupekayo bamgwema, bamdhlula. Laba bantu babe ketelwe ukuba basebenze etempelini lika Nkulunkulu, babe fanele ukuba babe njengaye, babe nesihau esikulu nomusa omkulu. Kodwa izinhliziyo zabo zazilukuni zingezweli.UUW 62.9

    Emva kwesikati kwabuye kwa dhlula umSamaria. AmaSamaria kwaku abantu abadeliweyo nabazondekayo ku baJuda. UmJuda wa engeke ampuzise omunye wabo amanzi nokumnika umutamo wokudhla. Kodwa u mSamaria aka cabanganga ngaloku. Aka cabanganga nangabapangi ababe ngabe bemqamele. Isihambi sasi lele lapo, sopa sesizokufa. UmSamaria wa kumula elake ibhantyi, wambopa ngalo. Wamnika iwayini lake ukuba apuze, wamkata ngamafuta ezilondeni. Wamkwelisa esilwaneni sake, wamyisa endblini yezihambi, wamlondoloza bonke ubusuku.UUW 63.1

    Ngakusasa engaka hambi, wakokela umpati wendhlu yezihambi, wati akamlonde aze apile. UJesu wayityela kanje indaba le. Ese pendukela kummeli wabuza wati:—UUW 63.2

    “Imupi kulaba abatatu ocabanga ukuti wa engumakelwana walo owaponseka emaseleni ?”UUW 63.3

    Ummeli wa pendula wati, “Ilowo owamenzela umusa.”UUW 63.4

    UJesu wati, “Hamba wenze njalo nawe.” ULuka 10:35-37.UUW 63.5

    Ngako uJesu wafundisa ukuba bonke abantu esidinga ukuba sibasize banga bakelwana betu. Sifanele ukuba simpate ngendhlela esinga tanda ukupatwa ngayo nati.UUW 63.6

    Umpristi no mLevi, babe shaya sengati baya zigcina iziyalezelo zika Nkulunkulu, kodwa okwaku uyena ezigcina kwaku umSamaria. Inhliziyo yake ya inotando inomusa. Ngokunakekela kwake lesi sihambi esilimeleyo, wa ebonisa utando lwake, atanda ngalo uNkulunkulu natanda ngalo abantu. Kuya mtokozisa uNkulunkulu uma senzelana okuhle. Sisuke sikombisa ukuti siya mtanda nxa senzela umusa labo abasizungezilayo.UUW 63.7

    Inhliziyo enomusa nenotando ingcono kakulu kunayo yonke ingcebo yase mhlabeni. - Abapilela ukwenza okulungileyo ba bonisa ukuti ba abantwana baka Nkulunkulu. Ibona-ke abaya ku hlala no Krestu embusweni wake.UUW 64.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents