Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 11—UKUGCINA ISABATA.

    UMsindisi wa eligcina iSabata, wa fundisa nabafundi bake ukuligcina. Wa ekwazi ukuti lifanele ukugcinwa kanjani, ngokuba lenziwa uye ukuba libe ingcwele.UUW 67.1

    IBaibele liti, “Kumbula usuku lwe Sabata, ulugcine lubengcwele. Usuku lwesikombisa luyi Sabata lika Jehova uNkulunkulu wako. Ngokuba uJehova wenza izulu nomhlaba nolwandhle nako konke okukuwo. Wa pumula ngosuku Iwesikombisa. Ngako-ke uJehova wa busisa usuku lwe Sabata, wa lwenza lwaba ingcwele.” Eks. 20 :8, 10, 11; 31: 16, 17.UUW 67.2

    UKrestu wa sebenza noYise ekudaleni umhlaba ngako wa eselenzile iSabata. IBaibele liti, “zonke izinto ze nziwa uye.” Johane 1: 3. Uma sibona ilanga nezinkanyezi nemiti nezimbali ezinhle, asokumbula ukuti kwenziwa uKrestu konke. Wenza iSabata ukuba lisisize, sihlale sikumbula ngotando lwake namandhla ake.UUW 67.3

    Otisha babaJuda basebenze imiteto yokugcina iSabata, babe funa ukuba bonke balalele imiteto yabo. Ngako bamqapelisisa uKrestu azokwenza.UUW 67.4

    Ngelinye iSabata uKrestu nabafundi bake be goduka bevela endhlini yokusabata, badabula ensimini yamabele. Isikati sase sidhlulile sebelambile. Basebeka izikwebu, bazihlikihla ezandhleni, badhla izinhlamvu. Ngezinye izinsuku kwakutiwa uma edabula ensimini ayokuka loko angakudhla. Kodwa akushiwongo ngesabata. Izita zika Krestu zabona okwenziwa abefundi zati ku Msindisi:—UUW 67.5

    “Bheka abefundi bako benza okunga fanele ukwenziwa ngo suku lwe Sabata.” UMateu 12 :2.UUW 68.1

    Kodwa uKrestu waba vikela abalandeli bake. Laba aba bemtolisa icala waba kumbuza ngo Davida owati lapa e lambile wadhla izinkwa ezingcwele ze tabanekele wasinika abalandeli bake abalambileyo. Uma kwaku lungile ukuba u Davida adhle lesisinkwa esingcwele lapa elambile kwakunga lungile ngani ukuba abefundi bafule izikwebu ngalawo mahola angcwele e Sabata, belambile ?UUW 68.2

    Isabata alenzelwanga u kuba libe umtwalo kubantu. Kwaku elokumpata kahle limnike ukutula nokupumula. Ngako ke i Nkosi yetu yati. Isabata lenzelwa umuntu a kusiye umuntu owenzelwa i Sabata. UMarko 2 : 27.UUW 68.3

    Kwati futi nge Sabata elinye wangena endhlini yoku Sabata wafundisa; kwaku kona umuntu onesandhla esishwabeneyo.UUW 68.4

    Ababhali naba Farisi ba mhlomela beti ababone ukuti uzopilisa yini ngosuku lwe Sabata, ukuba bamtolise icala. Kodwa wa yazi imicabango yabo wa eseti ku muntu onesandhla esishwabeneyo. Suka ume pakati. We suka wema.UUW 68.5

    U Jesu wati kubo, ngitanda ukunibuza into ibenye. Ku lanele ukwenza okulungileyo nge Sabata noma ukwenza okubi, ukusindisa noma uku bhubhisa ?UUW 68.6

    Esebaqalaza waba bheka ngokutukutela, edabuka ngo bulukuni bezinhliziyo zabo wati kumuntu yelula isandhla sako. Wase lula; isandhla sake sapila saba njengesinye.UUW 69.1

    Ba tukutela babuzana bodwa ukuti bazo kwenzani ku Jesu. ULuka 6 : 6—9, 11 ; uMarko 3 : 5.UUW 69.2

    U Msindisi waba kombisa ukunga cabangi kwabo ngokumbuza. Wati kubo ubani kini okungati uma enemvu iyinye kuti uma iponseka emgodini nge Sabata angayibambi ayi kipe? Babe ngena mandhla okupendula loku. Wa eseti kubo, umuntu uyidhlula kangakanani imvu ? Ngako kufanele ukwenza okulungileyo ngezinsuku ze Sabata. UMateu 12 : 11, 12.UUW 69.3

    “Kufanele ;” oku ukuti ku okushiwo umteto. U Krestu aka zange ebasole aba Juda ngoku gcina umteto ka Tixo, nangoku hlonipa iSabata. Kodwa wa epakamisa umteto ngoku gcwala kwawo konke.UUW 69.4

    U Isaya wa profeta ngo Krestu wati, “uya kukulisa umteto awenze uhlonipeke.” Ulsaya 42:21. Ukukulisa ukuwenza ubemkulu ukuwupakamisela esikundhleni esipakemeyo u Krestu wa wukulisa umteto ngoku kombisa ngezindhlela zonke okushiwo yiwo nge mpela okumangalisayo. Wabonisa ukuti umelwe ukulalelwa kungesiko nge zenzo ezi bonwa abantu nje, kepa ngemi cabango eyaziwa u Tixo yedwa.UUW 69.5

    Wati kulabo ababeti uzo cita umteto. Ningasho ukuti ngizo ko cita umteto naba profete ; angi zile ko cita ngize ko gcwalisa. UMateu 5 :17. Ukugcwalisa kusho ukugcina, ukwenza. Jakobe 2:8. Kwati lapa eza ko bhapatizwa u Johane umBhapatizi wati Si fanele ukugcwalisa ukulunga konke. Ukugcwalisa ku ukulalela ngokupeleleyo. UMateu 3:15.UUW 69.6

    Umteto ka Tixo awunakuguqulwa, ngokuba u Krestu wati, kodhlula izulu nomhlaba kungakadhluli nebalana lomteto, kuze kugcwaliswe konke. UMateu 5: 18.UUW 70.1

    Ekubuzeni kwake umbuzo wokuti, kufanele ukuba kwenziwe okulungileyo nge Sabata noma kufanele kwenziwe oko kusindisa noma ukubitubhisa ? U Krestu wa e bona kalisa ukuti uyakwazi ukufunda izinhliziyo zaba Farisi ababi ababe mtolisa. icala.UUW 70.2

    Kwati lapa yena esindisa umpefumulo ngokupilisa o gulayo bona babe linga ukubulala umpefumlo ngo kubulalo yena. Kwakulungile ukubulala nge Sabata njengababe ceba ukukwenza, kunokupilisa abahlupekayo njengaye sekwenzile ? Kwaku lungile ukuba nokufisa ukubulala enhliziyweni ngo suku luka Nkulunkulu oluyingcwele kunokuba notando kubantu, utando olwalu bonakalisa umusa nezenzo zesihau ?UUW 70.3

    Kwaze kwaba izikati eziningi aba Juda be tolisa u Jesu icala lokuti wepula i Sabata. Babe vama ukulinga uku mbulala ngoba engali gcini ngendhlela yezi ndaba ababe kolwa yizo. Kodwa loku kwa ku yize kuye. Wa ligcina i Sabata ngendhlela e yayi funwa u Nkulunkulu.UUW 70.4

    Kwaku kona e Jerusalem icibi elikulu lamanzi elali bizwa ngokuti i Betesda. Kwa kuti ngesikati esitile icibi lizanyazanyiswe; abantu babe kolwa ukuti kwakuye kwehle ingelosi ingene kulo, idunge amanzi nokuti oyo ngena ku qala emva koku zanyazanyiswa ;kwamanzi uyopiliswa esi fweni sake anaso.UUW 70.5

    Kwakuza abantu abaningi beza kulendawo ; kodwa iningi labo lali jabha. Ekuzamazameni kwamanzi kwakuba kona isixuku esikulu nga ngokuba abaningi babe ngenamandhla nawo kufinyelela ose beni lwecibi.UUW 70.6

    Ngolunye usuku lwe Sabata uJesu weza e Betesda. Inhliziyo yake yagcwala isihau lapa ebona iziguli ezihlupekayo zi lapo. Omunye wa e bukeka egula kunabo bonke. Wa ese unyonga iminyaka engamashumi amatatu nesishiyagalombili. Akuko nyanga eyayi ngampilisa. Zasezi ziningi izikati eletwa kona e Betesda; kodwa kwakuti uma amanzi e zanyazanyiswa adhlulwe ngomunye.UUW 71.1

    Nangaleli i Sabata wa eseke wa linga ukufinyelela ecibini wehluleka. UJesu wambona esegaqazela eya okukweni lwake olwalu umbhede wake. Amandhla ake a esecishu ukupela. Kwase kuzoti uma kungasheshi ukufika usizo abesefa. Eleleke kanje eloku epakamisa amehlo njalo ebuka icibi kwa fola pezu kwake ubuso obuno tando, wezwa izwi liti:—UUW 71.2

    Uya tanda ukupiliswa na? Umuntu wapendula ngokudabuka wati. “Mngane angi namuntu wokungi ponsa ecibini uma amanzi ezanyazanyiswa, ngiti lapa ngiti ngi yaya bese kudhlule omunye ngapambi kwami.”UUW 71.3

    Wa engazi ukuti lo oseduze kwake ange pilise abe munye kodwa anga pilisa bonke abeza kuye. U Krestu wa eseti kumuntu :—UUW 71.4

    “Suka utabate umbhede wako uhambe.”UUW 71.5

    Wa linga ukulalela umteto lowo ngaso leso sikati, amandhla afika kuye. Wa xuma wema ngezinyawo wafumanisa ukuti angase eme ahamba. Yeka ukutokoza okwabakona.UUW 71.6

    Watata umbhede wagijima edumisa uNkulunkulu ngazo zonke izinyatelo zake. Masinyane wa hlangana naba Farisi waba tyela ngokupiliswa kwa ke okumangalisayo. Abaze babukeka bejabulile, kodwa bati ukusuka nje bamsola ngokuba etwele umbhede nge Sabata. Umuntu wati:—UUW 72.1

    Ongi pilisileyo ute kimi, “Tata ukuko lwako uhambe.” Johane 5:1—11.UUW 72.2

    Base beyekake ukumcunukela sebe sola ote kuye akatwale ukuko lwake nge Sabata.UUW 72.3

    E Jerusalem lapa kwaku kona uMsindisi manje kwaku hlala otisha abaningi. Kwaku fundiswa kona imiqondo yabo yamanga ngoku gcina i Sabata. Kwaku fika aba ningi bezo konza e tempelini ngako imfundo yabo yanda kude. U Krestu wa efuna ukulungisa lawa macala. Yiloko nje okwamenza ukuba apilise nge Sabata amtyele ukuba atate ukuko lwake ahambe. Wayazi ukuti ngokwenza nje uyakuvusa otisha abesetola ituba lokubafundisa.UUW 72.4

    Nempela kwabanjalo. Aba Farisi baleta u Krestu pambi ko mpakati we Sanhedren nompakati omkulu waba Juda ukuba apendule ngokumangalelwa kwake kokuti wepule i Sabata.UUW 72.5

    U Msindisi wati ukwenza kwake kuyezwana futi nentando nomsebenzi ka Tixo. Wati, “U Baba uya sebenza ngako nami ngiya sebenza.” Johane 5:17. U Tixo usebenza njalo epilisa zonke izinto ezipilayo. Umsebenzi wake wa u melwe ukupela yini nge Sabata?UUW 72.6

    U Nkulunkulu wa ezokwenqabela ilanga ukuba lenze umsebenzi wabo nge Sabata na ? Wa ezovimbela imisebe yalo ekufudumezeni umhlaba nase kuhlumiseni okukulayo ? Imifulana yaizoyeka ukumanzisa amadhlelo namaza olwandhle ayeke ukuhamba kwawo ? Amabele ayeke ukukula, nemiti nembali kungabi nami qumbe, kunga kahleli nge sonto ?UUW 72.7

    Abantu babeyo dinga izitelo zomblaba nezi busiso ezipilisayo. Okudaliweyo kumelwe ukwenza umsebenzi wako uma kungenjalo abantu bangafa. Nomuntu futi unawo umsebenzi angawenza ngalolusuku. Izinto ezidingekayo ekupileni ko muntu zidingeka ukuba zenziwe. UTixo aka tandi ukuba abantwana bake bezwe ubuhlungu nge Sabata obungase bu vinjelwe, nangezinye izinsuku futi aka tandi.UUW 73.1

    Umsebenzi wase zulwini awu peli natike asingaze sayeka ukwenza okulungileyo. Oku umsebenzi wetu ikona umteto ukwenqabela ukuba sikwenze ngosuku loku pumula luka Jehova. Umsebenzi wokusebenzela impilo awupele ; kungabiko umsebenzi woku sebenzela intokozo nenzuzo ye zwe ngalolo suku. ISabata akusilo elokuba kwenziwe ngalo imisebenzi enga sizi luto. Njengokuba uNkulunkulu wa yeka umsebenzi wake woku dala ngalolusuku wa pumula, nati simelwe ukupumula. Uti masi yeke yonke imisebenzi yetu yezi nsuku zonke, sicite lesosikati esingcwele ekupumuleni okupilisayo ukukonza nase misebenzini engcwele.UUW 73.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents