Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 20—U JUDAS.

    ABABUSI baba Juda babe kade befuna ukuba bangenise u Jesu embusweni wabo, kodwa abazange bakwanze ngokusobala ngokuba babe saba ukuvusa umsindo. Ngako babe funa umuntu oyakumnikelela esita bafumana ku Judas omunye wabayishumi nambili umuntu oya kwenza lesi isenzo esipansi.UUW 127.1

    U Judas wa enotando olukulu lwemali ngemvelo kodwa noko akazange ebamubi abole kangangokuba enze into enjangale. Wahlala ondhla umoya wokutanda ukuceba pakati kwake waze wambusa wa esebanamandhla okutengisa nge Nkosi yake watola opondwe abatatu neshumi okwaku inani lesigqili. Eks. 21:28—32. Wa esenamandhla okunikela u Msindisi ngokwanga e Getsemane.UUW 127.2

    Kodwa walandela zonke izinyatelo ze Ndodana ka Tixo lapa isuka ensimini waze wafika kubabusi baba Juda. Akacabanganga ukuti u Msindisi angavumela aba Juda bambulale njengokusonga kwabo.UUW 127.3

    Ngaso sonke isikati wa ebheke ukuba ambone ekululwa evikelwa amandhla angapezulu njengokwakukade kwenziwa ngezikati ezidhlulileyo. Kodwa ngokuqubeka kwesikati u Jesu wazinikelela kuko konke ukucunulwa okwa kunqwatyelwa kuye, kwafika ukwesaba okukulu kumnikeli ukuba waze impela wayinikela i Nkosi yake.UUW 127.4

    Kwati lapa icala selizopela u Judas kwabalukuni ukuba abekezele ubuhlungu bwonembeza wake onesono. Kwetuka sekuzwakala izwi elibi liqubula indhlu, elasabisa bonke aba bekona.UUW 128.1

    Akanacala, myeke Kayifasi. Akenzanga luto afanele ukubulawa ngalo.UUW 128.2

    Umzimba omude waka Judas wabonakala udabula isixuku esetukileyo. Ubuso bake bwabupapatekile bunyukubele namatonsi amakulu okujuluka ayemi ebunzini lake. Egijima eya esihlalweni sokwahlula, waponsa pansi pambi kompristi omkulu imali eyayitenge ukunikelwa kwe Nkosi yake.UUW 128.3

    Wahamba ingubo ka Kayifasi wamncenga ukuba akulule u Jesu eti akenzanga luto olubi. U Kayifasi wamvutulula ngokutukutela wati ebhinqa.UUW 128.4

    Kuyini loko kitina ? Zibonele wena. UMateu 27 : 4. U Judas wa eseziponsa ezinyaweni zoMsindisi. Wavuma ukuti ungu Jesu i Ndodana ka Nkulunkulu wamncenga ukuba azikulule eziteni zake.UUW 128.5

    U Msindisi wazi ukuti u Judas wa engapenduki ngeqiniso kwa ekwenzile. Umfundi onamanga wa esesaba nje ukuti uzofikelwa ukujeziswa okukulu ngesenzo sake esesabekayo ; kodwa kwaku ngeko ukudabuka kweqiniso ngokuba wa enikele i Ndodana ka Nkulunkulu engenacala.UUW 128.6

    Noko u Krestu akakulumanga nelilodwa izwi lokumlahla. Wambheka ngomunyu u Judas wati:—UUW 128.7

    “Ngezela lesisikati emhlabeni.”UUW 128.8

    Inhlangano yonke yabubula ngokumangala. Ba bheka bamangala ekubekezeleni kuka Krestu kumnikeli wake.UUW 129.1

    U Judas wabona ukuti ukuncenga kwake akusizi luto wapuma ekala eti:—UUW 129.2

    Sekwepuzile! Sekwepuzile !UUW 129.3

    Wati akanakupila nesikati esingangokuba aze abetelwe u Jesu, wapuma esezidelile waya kozipanyeka.UUW 129.4

    Ngasemuva kwaloku ngalololosuku ngendhlela eya endaweni yenhloko isuka endhlini yokwahlula ka Pilatu isixuku esikulu sasi hola u Msindisi siya endaweni yokubetelwa. Masinyane ukumemeza kwabo nemibhinqo yatikimezwa. Bati bedblula indawo yokupumula babona ngapansi komuti osewafa isidumbu esifileyo sika Judas.UUW 129.5

    Kwaku into eyesabisayo. Isisindo sake sagqashula intambo ayezibope ngayo emtini. Ekuweni kwake umzimba wake wafohlozeka wa esedhliwa izinja ngalesisikati.UUW 129.6

    Bashesba bamumbela, kodwa kwaku yingcozana ukuhleka, baba baningi ababenobuso obupapatekileyo obwa bukombisa imicabango eyesabekayo eya ingapakati. Bonke ababe necala legazi lika Jesu basebe funa ukukubuyisela emva.UUW 129.7

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents