Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 22—PAMBI KUKA HERODI.

    U HERODI wa enga zange abone u Jesu kodwa kwaseku yisikati eside efuna ukumbona, nokubona amandhla ake amangalisayo. Ngokuletwa ko Msindisi pambi kwake isixuku lesi, sabantu ababesa kandana ku ilabo bezi sholo okwabo. U Herodi wati akutulwe ngoba wa efuna ukubuza isiboshwa.UUW 137.1

    Wa buka ebusweni buka Krestu obwabupapatekile ngeso elitanda ukwazi nelinesihau. Wabona kubo okubonisa ukuhlakanipa nobungcwele. Waneliswa ukuti kwaku amagqubu nomona ukupela okwakwenza aba Juda bamangalele u Msindisi.UUW 137.2

    U Herodi wati ku Krestu akenze esinye sezibonakaliso zake ezimangalisayo pambi kwake. Wati uzakumkulula uma esenza. Wa eseti akuletwe izinyonga nezifumbu wati ku Jesu akazi pilise. Kodwa u Msindisi wema pambi kwake njengomuntu ongaboniyo nongezwayo.UUW 137.3

    I Ndodana ka Nkulunkulu yase ibeke pezu kwayo ubuntu. Wenza okwakungenziwa umuntu uma kunje. Ngakoke wala ukwenza isibonakaliso ukuba enze abantu bamangale nokuba azisindise ebuhlungwini nasekubekweni pansi abantu aye nako kulesisikundhla aye bekwe kuso.UUW 137.4

    Abacebi bake besaba lapa u Herodi efuna isibonakaliso ku Krestu. Into ababeyesaba kunazo zonke kwaku ukuba aveze amandhla ake angapezulu. Uma wa eke wabonakalisa loku kwakuyobulala amacebo abo onke, mhlaumbe kwenze ukuba babulawe. Ngako basebe memeza beti u Jesu wenza imimangaliso ngamandhla ayewanikwe u Belzebubi inkosi yamadimonaUUW 137.5

    Ngeminyaka eminingi edhlulileyo u Herodi wa e kade ezwa ukufundisa kuka Johane u Mbhapatizi. Wahlatywa ukushumayela kwake kodwa akaze avuma ukudela ukupila kwake kokupuza nokwesono. Ngako inhliziyo yake yaba lukun kakulu wagcina ngokuba isidakwa, wati akubulawe u Johane kutokoziswe u Herodiyas omubi.UUW 138.1

    Manjeke wa eselukuni ngokungapezulu. Kwala uma abekezele lapa u Jesu etule. Ubuso bake bwagqunqa ukutukutela, wamsongela u Msindisi, owa eloku emi etule engazamazami.UUW 138.2

    U Krestu wa eze emhlabeni ukuba azoduduza abazinhliziyo zapukile. Uma wa eke wakuluma nelilodwa nje izwi loku polisa imipefumulo eya iguliswa izono, wa engeke atula. Kodwa, wa engenawo amazwi angawakuluma kulabo ababezonyatela iqiniso pansi kwezinyawo zabo ezingcolileyo. U Msindisi wa engase akulume ku Herodi amazwi ayeyohlaba izindhlebe zenkosi elukuni. Wa engamesabisa amtutumelise, ngokubeka pambi kwake ububi bonke bokupila kwake, nokwesabeka kokulahlwa kwake okwakusondela. Kodwa ukutula kuka Krestu kwakudhlula konke ukuba kuza aye ngaba kuza ngako.UUW 138.3

    Leyondhlebe eyayikade ivuleke ekukaleni kwabantu, yayi ngenandawo yomyalo ka Herodi. Leyonhliziyo, eya ihlatywa na isicelo sesoni esidhlula zonke, yavalwa ku Herodi opakemeyo owa engezwa ukuti udinga u Msindisi.UUW 138.4

    U Herodi etukutele wapendukela esixukwini, wati ku Jesu ungumkohlisi. Kodwa ababemcebile u Krestu babazi ukuti akasiye umkohlisi. Basebebona imisebenzi yake eyayanele ukuba bakolwe ukuti akasiye.UUW 139.1

    Ngakoke inkosi yaqala ukwetuka nokweyisa i Ndodana ka Nkulunkulu. U Herodi nabantu bake bempi bamenze ize bahlekisa ngaye bamfaka ingubo yobukosi! ULuka 23:11.UUW 139.2

    Ekuboneni kwenkosi embi u Jesu, amukela konke loku kujivazwa etule, wesaba ukuti wa engumuntu nje. Wa esedideka umcabango wokuti isiboshwa lesi kungasekube konje umuntu owehle ezulwini.UUW 139.3

    Ngako ke u Herodi akaze atanda ukunquma ukulahlwa kuka Jesu. Wafuna ukuzikulula kulelicala wa mpindelisela ku Pilatu.UUW 139.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents