Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 26—ETUNENI LIKA JOSEFA.

    U MSINDISI walahlelwa ukuti ulwa nombuso wama Roma. Abantu ababe bulawelwe loku babembelwa endaweni eyabekelwa ukumbela abantu abanje.UUW 159.1

    U Johane wahlasimula lapa ecabanga ngomzimba weNkosi yake etandekayo, ukuti uzo patwa amabuto angazweli buhlungu, ambelwe etuneni elingahlonipekiyo. Kodwa akabonanga ndhlela yokukuvimbela, ngoba izwi lake lali ngeke lizwakale ku Pilatu.UUW 159.2

    Ngalesisikati, u Nikodemu no Josefu wase Arimatiya beza kobasiza abafundi. Bobabili babe abantu be Sanhedrim, bazana no Pilatu. Bobabili babe abantu abacebileyo benezwi. Bazimisela ukuba umzimba wo Msindisi umbelwe ngokuhlonipekayo.UUW 159.3

    U Josefa waya ngesibindi ku Pilatu, wacela kuye umzimba ka Jesu. U Pilatu esezwile ukuti u Krestu usefile impela, wabanika abakucelayo.UUW 159.4

    Wati u Josefa eya kocela umzimba wo Msindisi ku Pilatu, u Nikodemu wa elungisela ukummbela. Kwaku umkuba walezo zikati ukuba kusongwe izidumbu zabafileyo ngendwangu yelineni, namafuta amahle namaka amnandi. Kwakuyindhlela yokuba gqumisa kwabo le. Ngako u Nikodemu waleta isipo esibiza imali eningi sekulu lamapaundi izisindo zemure namaka emzimbeni ka Jesu.UUW 159.5

    Ohlonishwa kunabo bonke base Jerusalem wa engeke ahlonishwe ngapezu kwaloku esefile. Abalandeli baka Jesu abapansi bamangala bebona ababusi abacebileyo benakekela kangaka ukumbela i Nkosi yabo.UUW 160.1

    Abafundi badabuka kabi ekufeni kuka Krestu. Bakohlwa ukuti wa ebatyelile ukuti kuya kwenzeka. Basebepelelwe itemba.UUW 160.2

    Amuko ko Josefu no Nikodemu owa ekewamukela u Msindisi ngokusobala esapila. Kodwa babezizwa izinshumayelo zake, babhekisisa zonke izinyatelo zokushumayela kwake. Nokuba abafundi bakohlwa amazwi oMsindisi ebatyela ngokufa kwake, u Josefa no Nikodemu babekukumbula kahle. Nako konke okwenzeka kanye nokufa kuka Jesu, okwadumaza abafundi, kwa nyakazisa inkolo yabo, kulaba babusi ababili kwakubonisa nje ukuti ungu Mesiya weqiniso, kwabenza ukuba beme baqine babe amakolwa ake.UUW 160.3

    Usizo lwalababantu abacibileyo nabadumileyo lwaludingeka kakulu ngalesisikati. Babe ngenzela i Nkosi yabo eyase ifile okwakungeke kwenziwe abafundi abahlupekayo.UUW 160.4

    Bawususa kahle nangokuhlonipa umzimba ka Krestu esipambanweni ngezandhla zabo. Izinyembezi zomunyu zazehla ngamandhla, lapa behamba bebuka umzimba wake olinyaziwe noxhebhuliweyo.UUW 160.5

    U Josefa wa enetuna elaliqoshwe ematyeni. Wa ezakele lona yena ; kodwa manje wa eselilungisela u Jesu. Isidumbu namaka ayeletwetu Nikodemu, kwasongwa ngendwangu, yelineni, no mhlauleli watwalwa wayiswa etuneni.UUW 160.6

    Nokuba ababusi baba Juda babeze bapumelela ekubulaleni u Krestu, babe ngenakupumula kahle. Babe wazi kahle amandhla ake amakulu.UUW 160.7

    Abanye babemi ngasetuneni lika Lazalos, babona ofileyo epiliswa batutumeliswa ukwesaba ukuti u Krestu uzakuzi vusa kwabafileyo, abuye abonakale pambi kwabo.UUW 161.1

    Babemzwile eti esixukwini, unamandhla okubeka pansi ukupila kwake unamandhla futi nawo kukutata.UUW 161.2

    Bakumbula ukuti wa ete, “Bhidhlizani lelitempeli ngobuye ngilivuse ngezinsuku ezintatu,” (Johane 2:19) babazi ukuti wa ekuluma ngomzimba wake.UUW 161.3

    U Juda wa ebatyelile ukuti u Krestu wa etekubafundi bake lapa beya e Jerusalem okokugcina:—UUW 161.4

    “Bhekani siya e Jerusalem; ne Ndodana yomuntu iyakunikelwa kubapristi nababhali, baya kumlahla afe bamnikele kwabezizwe ukuba bamhleke, bamshaye, bambetele; nangosuku lwesitatu abuye avuke.” UMateu 20 :18, 19.UUW 161.5

    Basebe kumbula izinto eziningi ayezishilo ezazikombisa ukuti uyovuka. Babe ngenakuzi kohlwa lezizinto, nokuba babe tanda kangakanani ukuzi kohlwa. Babe kolwa betutumela njengoyise wabo, u Satani.UUW 161.6

    Zonke izinto kubo zaziti u Jesu uyi Ndodana ka Nkulunkulu. Babe ngenakulala ngoba babe hlupeka kakulu ngaye esefile kunokuba esapila.UUW 161.7

    Bazama ngayo yonke imizamo yabo ukuba angapumi etuneni, bati ku Pilatu aka livuneke lit ngci ituna lilindwe futi kuze kupele izinsuku ezintatu. U Pilata wabeka amabuto njengokusho kwabapristi, wati:—UUW 161.8

    “Lindani; hambani nenze, kuqine ngokutanda kwenu. Ngako bahamba baya koqinisa ituna, bavuneka itye babeka abalindi.” UMateu 27 : 65, 66.UUW 161.9

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents