Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 28—HAMBANI NITYELE ABAFUNDI BAMI.

    U LUKE, ekubhaleni kwake ngokumbelwa ko Msindisi ukuluma ngabesifazane ababe naye ekubetelweni kwake eti:— “Babuya, ba lungisa amaka namafuta ; bapumula nge Sabata njengesimemezelo.” ULuka 23 : 56.UUW 166.1

    U Msindisi wembelwa ngolwesitupa usuku lwesitupa lwesonto. Abesifazane balungisa amaka namafuta ababezo gqumisa ngawo i Nkosi yabo, bawa beka ecaleni kuze kudhlule i Sabata.UUW 166.2

    Sekudhlulile i Sabata, ekuseni ngangomuso, ngosuku lokuqala lwesonto, bafika etuneni ukupuma kwelanga ? UMarko 16 :1, 2.UUW 166.3

    Besondela ensimini, bamangala ukubona izulu li kanyiswe kahle, bezwa umhlaba ututumela pansi kwezinyawo zabo. Bashesha baya etunene, bamangala ngokunga pezulu, lapa bebona itye li gingqiwe, naba lindi bama Roma bengeko.UUW 166.4

    U Maria Magadeleni wafika kona kuqala. Ebona ukuti itye lisusiwe, wasehsha waya ko tyela abafundi bake. Ekufikeni komunye wesifazane, ba bona ukukanya kuzungeze ituna, be bheka pakati ba bona ukuti alisenasidumbu. Besa zulazula kuleyondawo, babona masinyane insizwa igqoke izingubo ezi kazimulayo ihlezi ngasetuneni. Kwaku yingilosi eyayigingqe itye. Bapenduka sebebalekiswa ukwesaba, kodwa ingilosi yati:—“Ningesabi, ngokuba ngi yazi ukuti nifuna u Jesu obebetelwe. Amuko lapa ; uvukile, njengokusho kwake. Wozaninibone lapa bekulele kona i Nkosi. Hambani nisheshe, nityele abafundi bake ukuti u vukile kwabafileyo; bhekani uyahamba pambi kwabo uya e Galile; niya kumbona kona.” UMateu 28:5—7.UUW 166.5

    Abesifazane lapa bepinda be bheka futi etuneni, babona enye ingilosi ekazimulayo, eyaba buza yatiUUW 167.1

    Nimfunelani opilayo pakati kwabafileyo? Amuko lapa kodwa u vukile; kumbulani ukukuluma kwake kini ese se Galile, eti i Ndodana yomuntu iyakunikelwa ezandhleni ze zoni, ibetelwe, nangosuku lwesitatu ibuye ivuke. ULuka 24:5-7.UUW 167.2

    Izingilosi zaba casisela ngokufa nangoku vuka kuka Krestu. Bawakumbula abesifazane amazwi aye ku lunye u Krestu uqobo lwake, ayebatyele kuwo ngokubetelwa kwake na ngoku vuka kwake. Lawa mazwi ka Jesu aye sesobala kubo, bashesha bayo tyela indaba etokozisayo benetemba elisha nesibindi esisha.UUW 167.3

    U Maria wa ekade engeko lapa abanye be bona konke loku kodwa wati ebuya wa ese hamba no Peter no Johane. Bati lapa sebe buyela e Jerusalem, yena wahlala etuneni. Akavumanga ukuba ahambe engakezwa ukuti wenze njani umzimba we Nkosi yake. Emi lapo ekala, wezwa izwi liti:— “Mfazi, ukalelani ? ufunabani ?”UUW 167.4

    Amehlo ake aye valeke izinyembezi akaze abona ukuti ubani okuluma naye. Wacabanga ukuti mhlaumbe ungumgcini wensimu, wati kuye encenga :—UUW 167.5

    “Mngane, uma umtatile, ngityele lapa umbeke kona, ngimsuse.”UUW 168.1

    Wa cabanga ukuti uma lelituna lomuntu ocebileyo lali shaywa into ehlonipekayo lingafanele ukuba kuhlale kona iNkosi yake, wa ezozifunela yena indawo. Kodwa manje izwi lika Krestu lawela ezindhlebeni zake, wati:— UUW 168.2

    “Maria.”UUW 168.3

    Izinyembezi zesulwa masinyane, wambona u Msindisi. Ekutokozeni kwake wa kohlwa, ukuti kade ebetelwe, welula izandhla zake kuye wati “Raboni” (Nkosi).UUW 168.4

    U Jesu wati, “unga ngi pati; ngokuba angi ka kupukeli ku Baba; kodwa yiyakubazalwane bani, uti kubo, ngiyakupukela ku Baba wami no Baba wenu: Na ku Nkulunkulu wami, no Nkulunkulu wenu.” Johane 20 :15—17.UUW 168.5

    U Jesu wala ukwamukela uhlonipo lwabantu bakubo aze azi ukuti umhlatyelo wake wamukelekile ku Yise. Wakupnkela ezigodhlweni zase zulwini, wezwa ku Nkulunkulu uqobo lwake iqiniso lokuti ukuhlaulela kwake izono zabantu kwakupelele nokuti ngegazi lake bonke babezo zuza ukupila okupakade.UUW 168.6

    Onke amandhla asezulwini nasemhlabeni ayenikwe e Nkosaneni yokupila, wabuyela kubalandeli bake ezweni lezono, ukuze abape amandhla ake nokukazimula kwake.UUW 168.7

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents