Go to full page →

IZIHLOHO 12—MASENZENI NGOKU NGABAZA. IEK 100

Baningi, kakulu kulabo abasagena ekuhambeni kobu Kristu, aba'de bekatazeka imizindhlo yokungabaza. E Baibileni kukona izinto eziningi abangenakuzieasisela baziqonde, u Satane ke ufike atate zon'ezinjalo asebenze ngazo ukuxegisa ukukolwa kwabo emBhalweni ukuti iwona oisambulo esivela ku Nkulunkulu. Baye bazibuze ngokuti, “Konje indhlela okuiyona—yona ngingayazi kanjani na? Uma i Baibile i ilizwi lika Nkulunkulu ngempela, ingaze ingitukulule kanjani kuloku kungabazu enginako nalenkatazo?” IEK 100.1

U Nkulunkulu akaze angasibizela ekukolweni'qede angasiniki ubufakazi obanele esingati sakele kubo ukukolwa kwetu. Ubukona Bake, isimo Sake, ukuqiniseka kwe 'zwi Lake, konke loku kukanyiswa bufakazi obufike bubonakale ekuqondeni kwetu; lobu 'fakazi buningi. Kanti noko u Nkulunkulu akabonanga asuse nya isimo sokuba kungakona nokungabaza. Ukukolwa kwetu ku fanele kugxile pezu kwento esobala, kungabi pezu kwento elinganiswayo ngamazwi. Labo abanemfiso yokungabaza nabo banalo ituba; kanti nalabo abalifuna ngokwempela iqiniso banokuzuza ubufakazi obanele abangakela kubo ukukolwa kwabo. IEK 100.2

Ku unqabele umqondo onomkaulo ukubambisisa ugo kwanele isimo nemisebenzi ya Lowo Ongenamkaulo. Lesi 'Sibili esingcwele siyakuhlala sembeswe imfihlo engenakuqondwa nangabahlakanipile kakulukazi nangabafunde ngokupakeme. “Ungahle ngokumfuna umtole na u Nkulunkulu? uhle ngokumtola umazisise ngokupelele? Kupezulu nje ngezulu; ungenz’enjani? kujule ngapezu kwesihogo; ungazi kanjani?” 1Job. 11. 7, 8. IEK 100.3

Umpostoli Paule uti, “Kukulu ukujula komcebo wokuhlakanipa nokwazi ruka Nkulunkulu! izahluelo Zake azinakupenywa, nendhlela Zake zidhlule ekubeni zibe nokuqondwa?”2Rom. 11. 33. Kodwa noma “amafu nobumnyama bu m’zungezile, ubulungisa nezahlulelo 'sisekelo sesihlalo Sake sobukosi.”3Izihlabelelo 47. 2. Sinokuqonda kancane izenzo Zake kiti, nozwela abanalo, kupela ngokubona utando olungenamkaulo, nomusa oxubene namandhla angapeli, kitina. Singabanokuqonda loko asuke e ku cabangile ngati kupela kulezozinto ezi usizo ukuba sizazi; ngapezu kwaloku sifanelwe ukwetemba, kupela, isandhla esipezu konke nenhliziyo egcwele lutando. IEK 101.1

Izwi lika Nkulunkulu, nje ngesimo so 'Mninilo, lifike lisivezele imfihlakalo engenakuze ibenokuqondwa izinto ezinesipelo. Ukungena kwesono emhlabeni, ukwembata inyama kuka Kristu, ukuzalwa ngokutsha, uvnko, nezinye izindaba eziningi esiziboniswayo e Baibileni, 'zimfihlakalo ezinzulu kakulu ukuqondwa ngumuntu abe nokuzicasisela, azibonisise ngokugcwele. Kodwa u Nkulunkulu usinikile ubufakazi obanele esi Balweni ukuba sizibone ukuba e Zake, ngako akufanelekile sibe nokungabaza Izwi Lake ngenxenye yokuba singenakuqonda imfihlakalo yobukosi Bake tina ngokwetu. Kuleli'zwe kwandile ukuba sihaqwe 'zimfihlakalo esingenakuze sifikelele ebunzulwini bazo siziqonde. Zona nje izintwana ezidelelekile zendalo zifike zibonakalise ubulukuni obungenakuqaqwa naizazi ezihlakanipe kakulu. Yonke indawo sibona izimangaliso ezingapezu komqondo wetu. Poke, singamangaliswa yini inxa kukona izimfihlakalo esingenakufikelela ebunzulwini bazo ezweni loraoya na? Ubunzima sibufunyana kupela ebutakatakeni nase buncaneni be ngqondo zobuntu. IEK 101.2

Umpositoli Petrosi uti kukona ezi Balweni “izinto ezingenakuqondwa, ezingenakufundwa eziye zindunyelwe ngabangaqondile.....zize zibangele, ukubujiswa kwabo.”12 Petro 3. 16. izo lezinto abafike basizakale ngazo ukulwa ne Baibile labo abangabazayo; kodwa zikude kakulu nombono lowo wabo ngoba izo ezifike zimise ubufakazi obuqinile bokuba yona ipefunyulelwe ngu Nkulunkulu. Ukuba ya igcine ngokusityela ngo Nkulunkulu lezo'nto esinokuziqonda; ukuba ubukulu Bake nobukosi Bake babunokwaziwa ngokupelele yingqondo enomkaulo yetu, lalingeke i Babili libe nobufakazi obungangabazekiyo bamandhla a Pezulu. Uqobo lobuhle nemfihlakalo yalezi zindaba esizityelwayo, zifanele ukuhlongoza ukolo kuzo njengeZwi lika Nkulunkulu. IEK 102.1

I Baibele lipenya amaqiniso ngobulula nokufana oku peleleyo nezinswelo nezimfiso zenhliziyo zobuntu, osebumangalise, batokozisa imicamango esifundiswe yahluzeka kakulu; kanti nakwaba pantsi, nabangafundile baya ibona indhlela yosindiso. Kanti lamaqiniso abekwe kalula aze afinyelele pezu kwezindaba ezipakamileyo, ezikude kangaka, ezipakeme kangaka ngapezu kwokuqonda kwomuntu, esize sizamkele ngokuba zikulunywe ngu Nkulunkulu. Icebo lokuhlengwa limiswe kanjalo ke ukuba sisizakale, ukuze wonk’ubani abe nokubona izinyatelo afanele ahambe ngazo inxa ependukela ku Nkulun kulu, abe nokukolwa iNkosi yetu u Jesu Kristu ukuze abe nokusindiswa ngokubona kuka Nkulunkulu; kanti noko pansi kwaleliqiniso, eliqondakala lula kangaka, kuhlezi imfihlakalo efihle ubukosi Bake,—imfihlakalo eyehlula ingqondo yomuntu ukuba abe noku ipenya, idhlule noko ingenise, kofuna iqiniso, ngenhlonipo nokolo. Inxa eya elipenyisisa i Baibile, kuya kumkanyela ukuba ilona lizwi lika Nkulunkulu opilile; nokuqonda komuntu kufike kukubazeke pambi kwesambulo sobukosi Bake. IEK 102.2

Uma sivuma ukuba asinakuze siliqonde ngokwanele iqiniso elikulu leBaibile, loko ukuti siyavuma ukuba, ingqondo enomkaulo ainakuze ibonisise ngokwanele ingqondo engenamkaulo; urauntu nokwazana kwake okupelayo kobuntu, akanakuze aqonde oku catyangwe Ngowazikonke. IEK 103.1

Ngenxa yokuba abangabazayo nabangakolwa bengenakufikelela ebunzulwini bemfihlakalo ye’zwi lika Nkulunkulu baya lidela; akusibo bonke abati bayakolwa li Baibile abakude nale ngozi ekuyo le nhlamvu. Umpostoli uti. “Xwayani, bazalwana, funa kanti bakona pakati kwenu abanenhliziyo embi yokungakolwa, bacezuke ku Nkulunkulu opilile.”1Hebere 3. 12. Kuhle ukwefundisisa izeluleko ze Baibile, sipenye “izinto ezizikile zika Nkulunkulu.”21 Korinte 2. 10. Njengaloku zambuliwe embalweni. “Izinto ezifihlakele eze Nkosi yetu u Nkulunkulu.” “Kanti lezo ezambuliwe izona ku ezetu.”3Duet. 29. 29. Kodwa ku umsebenzi ka Satane ukwedusa amandhla engqondo okufunisisa. Kukona nkubabazeka okutile oku hlanganiswe nokufunda iqiniso le Baibile, okubangela abantu batshiseke baze behluleke inxa bengenako ukucasisela yonke indawana esesi Bhalweni ngokudelisa bona. Bakubukele pansi kakulu ukuvuma ukuba abakuqondi okutshiwo ngalamazwi apefunyulelwe. Abavumi ukulinda ngokubekezela aze u Nkulunkulu abone yena inxa sekufanele abambulele iqiniso. Basuke bezwe sengati ukwazana kwabo kwobuntu kwanele ukubaqondisa isi Bhalo ngapandhle kokun cediswa, kuti ke nxa sebehluleka baqale ukupika ngok wempela amandhla aso. Kuliqiniso ukuti miningi imibuko nezimfundiso, okutshaya sengati zitalelwa e Baibileni, kepa zifumaniseke zingenasisekelo ekufundiseni kwazo, empeleni zipambene nya nomongo wokupefunyulelwa ngomoya. Yizo lezi-nto ezibangele ukuba kube kona ukungabaza nokudideka emiqondweni yabaningi. Noko ke konke loku akunakubekelwa ubucala ngenxa ye lizwi lika Nkulunkulu, kodwa kungenxa yokupanjaniswa kwabantu. IEK 103.2

Ukuba bekunokwenzeka ukuba izidalwa zibe nokufinyelela ekumqondeni ngokwanele u Nkulunkulu nemisebenzi Yake, gekoti ke, sezifinyelele kulelobanga, kubonakale kungasasele luto ezifanele zilufune zilutole malunga neqiniso, nokwanda ekwazini, kungabe kusabakona kuqubeka kwa ngqondo nanhliziyo. U Nkulunkulu anbage saba ngopezukonke; nabantu, sebefikelele emkaulweni wokwazi, bangabe besaqubekela pambili. Asimbonge u Nkulunkulu loku kungenjalo. U Nkulunkulu akanamkaulo; “wonke umcebo wokwazi oku iko ukuye.”11 Kolose 2. 3. Abantu bohlala befuna, befunda kuze kube pakade. po bebengenako uku uqeda umcebo wokwazi Kwonke. ukulunga Kwake, kuuye namandhla Ake. IEK 104.1

U Nkulunkulu ukuqondile ukuba kuti sise kona lap'ezweni nje, Izwi Lake liye lembuleka ngokwe mbuleka kubantu Bake. Inye kupela indhla okungatolwa ngavo lokukwazi. Singafumana ukuqondana neZwi lika Nkuluukulu kupela ngokukanyiselwa ngulowo Moya elinikezwe ngawo i Zwi. “Izinto zika Nkulunkulu kazaziwa muntu, kupela U Moya ka Nkulunkulu;” “ngokuba uMoya upenya zonke izinto, yebo izinto ezijulileyo zika Nkulunkulu.”1Korinte 2. 11, 10. Nesetembiso so Msindisi kubalandeli Bake ,saba ilesi, “Lapo Yena, u Moya weqiniso esefikile, uyakunikokela kulo lonke iqiniso .... Ngokuba Yena uyakwamkela Kimi anibonise nina.”2Johane 16. 13, 14. IEK 105.1

U Nkulunkulu ufisa ukuba umuntu asebenzise amandhla omqondo wake; kuti ukufundwa kwe Baibile, kuqinise, kupakamise umcamango ngapezu kwazo zonke izifundo.. Kanti noko kufanele ukuba sixwaye ukucamanga okugagamelayo, okubangelwa ubutaka, nokugogeka kwobuntu. Uma singatandi ukuba izi Balo zibe netunzi emqondweni wetu ukuba kuti neqiniso elisobala lingabi nakuqondwa, kufanele ukuba sibe nokutamba kokolo lwomntwana omncane, olungele ukufunda, enxusa usizo luka Moya o iNgcwele. Ukuqonda ngamandhla nokuhlakanipa kuka Nkulunkulu, nokuswela kwetu amandhla okuqonda ubukulu Bake, kufanele kuhlongoze ukuzitoba, sibese sivula i Zwi Lake, njengaloku besingenza njalo uma sipambi Kwake ngokwesaba okungcwele. Uma sitabata i Baibile ukuqonda kwetu kufanele ukuba kuvume ukuti ukona onamandhla angapezu kwawetu, nezinhliziyo zetu, nokwazi kwetu kufanele ukuba kutobe kulowo omkulu o NGI NGUYE. IEK 105.2

Kukona izinto eziningi ezibonakala zilukuni mhlaumbe zisitakele, ayakuti u Nkulunkulu azenze zibelula zikanye kulabo abafuna ngokunje ukuba baziqonde. Kodwa ngapandhle kokuholwa ngu Moya o iNgcwele sohla sazipambanisa njalo izi Bhalo mhlaumbe sizihumushe ngokungesiko. Kukona ukufundwa kwe Baibile okunguni okun gasizi luto, kuti kwabaningi kube isilimazo ngempela. Lapo iLizwi lika Nkulunkulu livulwe ngapandhle kwenhlonipo nangapandhle kokukuleka; lapo imicamango nentando zingagxilisiwe ku Nkulunkulu, mhlaumbe zinobudhlelane ne Ntando Yake, ingqondo inetunzi lokungabaza; kuti esa ifunda njalo i Baibile umuntu kuqine ukungabaza. Kuti isita singene sibuse imicamango, siveze izihumusho ezingesilo iqiniso. Uma abantu bengacabangi ngamazwi, mhlaumbe ngezenzo ukufuna ukuba babe nobudhlelane no Nkulunkulu, yebo, noma bangafundiswa kangakanani, kusobala ukuba bangaposisa ekuqondeni kwabo isi Bhalo, kungepilise ukutembela ekucasiseni kwabo. Labo abafuna e Baibileni ukufumana izinsolo abanawo amehlo oMoya. Ngombono wabo wokukamelela bangabona izisusa eziningi ezingabangela ukuba bangabaze bangakolwa ezintweni ngeqiniso ezilula nezisobala. IEK 106.1

Bangafihla uma betanda, kodwa sona isizatu sempela sokungabaza nokungakolwa, imvamo, ukutanda isono. Imfundiso, nezitintelo zeZwi lika Nkulunkulu azimnandi kwabazigabisayo, nenhliziyo etanda isono, nakulabo abangavumi ukulalela izimfundiso zalo, baseloko belungele ukungabaza amandhla alo. Ukuze sifike eqinisweni, kufanele ukuba sibenesifiso sesiminya sokwazi iqiniso, nenhliziyo etandayo ukulilalela. Bonke abeza ngalo moya ukufunda i Baibile bayakufumanisa ubufakazi obugcweleyo ukuba li iZwi lika Nkulunkulu, bangazuza ukuqonda amaqiniso alo ayakubenza bahlakanipe kuze kuye ekusindisweni. IEK 106.2

U Kristu wati. “Uma ubani avuma ukwenza intando Yake, uyakuzazi izimfundiso.”1Johane 7. 17. Endaweni yokuba sihlale sibuza, sihlupeka ngaloko esingakuqondiyo, kufanele ukuba sibheke kuloko kukanya osokukanya pezu kwetu, niyakwamkela ukukanya okukulu. Ngomusa ka Kristu yenza yonke imisebenzi ese ikanyisiwe emqondweui yako, uyakuba nokuqonda nokwenza naleyo osangabaza ngayo. IEK 107.1

Kukona ubufakazi obuvulekele bonke,—labo abafundiswe kakulu, nalabo abangafundile neze,—ubufakazi bokwazi. U Nkulunkulu uti masizibonele ngokwetu ubuqiniso be Zwi Lake, iqiniso lezetembiso ZakeUti kiti, “Yizwani nibone ukuti i Nkosi ilungile.”2Izihlabelelo 34. 8. Endaweni yokutembela ezwini lomunye kufanele ukuba sizizwele tina. Uti, “Celani niyakwamkela.”3Johane 16. 24. Izetembiso Zake ziyakugewaliseka. Azi-zange zihluleke; azi-zoze zehluleke. Siti-ke uma sisondela eduze ku Jesu, sijabule ekugcwalisekeni kotando Lwake, izingabazo zetu nobum unyama buyakueatsha ekukanyeni kobuso Bake. IEK 107.2

U Mpostoli u Paule wati u Nkulunkulu “wasikulula emandhleni obumnyama, wasipendulela ebukosini be Ndodana Yake etandekayo.”4Kolose 1. 13. Nalowo osedhlule eku feni wezu ekupileni unamandhla oku “beka upau Lwake ukuti u Nkulunkulu uliqiniso.”5Johane 3. 33. Angafakaza ukuti, “Ngangifuna usizo, ngalufumana ku Jesu. Zonke izin- swelo zaneliswa, ukulamba kompefumulo wami kwesutiswa; manje i Baibile li isambnlelo sika Jesu Kristu. Ubuza ukuti ngikolelwani ku Jesu ua?—Ngokuba kimina ungu Msindisi ka Nkulunkulu. Ngilikolelwani i Baibele na?—Ngokuba ngalifumanisa ukuti li izwi lika Nkulunkulu empefumulweni wami.” Ngahle abe ufakazi upakati kwetu wokuti, i Baibele liliqiniso, nokuti u Kristu u iNdodaua ka Nkulunkulu. Siyazi ukuti asilandeli amacebo, izinganekwana ezenziwa ugokuhlakanipa. IEK 107.3

U Petrosi uyala abazalwane bake ukuba 'bakule emuseni, nasekwazini i Nkosi yetu no Msindisi wetu u .Jesu Kristu.12 Petrosi 3. 13. Inxa abantu baka Nkulunkulu bekula emuseni, bayakuya betola ukuqonda okucacile kakulu kweli zwi Lake. Bayakubona ukukanya okutsha nobuhle emaqinisweni acwebile. Loku kuliqiniso ngokuzwakala kwako ezindabeni ze Bandhla kuzozonke izikati, kuyakuba njalo kuhlale kunjalo kuze kube sekupeleni. “Indhlela yabalun gileyo injengokukanya kokusa, okukanya ngokukanya kuze kufike osukwini olupeleleyo.”2Amazwi 4. 18. IEK 108.1

Ngokolo singabuka esikatini esizayo, sibambe isitembiso sika Nkulunkulu ukuba kukule ukuqonda, kuti imizindhlo yobuntu ihlangane neyapezulu, wonke ama ndhla ompefumulo aletwe aqondane noMtombo wokukanya. Singatokoza ngoba konke okusididile emuseni ka Nkulunkulu kuya kubekwa obala; izinto ezilukuni ukuba ziqondeke ziyakucasiseka; kuyakuti lapo izi ngoqonda zetu ezipelayo bezibona ukudideka, nemiqondo eyapukileyo, siyakubona ngokubona ngokupeleleyo ubu dhlelane obuhle. “Okwamanje sibona kaluvivi, kumnnyaina; kodwa siyakubonana ubuso ngalesosikati: Manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikati ngiyakwazi njengaloku ngaziwa.”31 Korinte 13. 12. IEK 108.2