Go to full page →

IZIHLOHO 13—JABULANI E NKOSINI. IEK 109

Abantwana baka Nkulunkulu batunyelwe ukuba babe ngabameli baka Kristu babonise ukulunga nomusa we Nkosi. Njengaloku u Jesu ebonakalise kitina isimilo sika Yise, ngokunjalo kufanele ukuba sibonakalise u Kristu elizweni elingalaziyo utando Lwake olutambile, nolunesihau. “Njengaloku wangitumela ezweni,” watsbo u Jesu, “ngokunjalo nami ngibatumele ezweni.” “Mina ngipakati kwabo, Wena upakati kwami, .... ukuze izwe lazi ukuti ngabe ngitunywe Ngume.”1Johane 17. 18-23. U Mpostoli Paule uti kubafundi baka Jesu, “Nishunya yelwe ngokusobala ukuba ni incwadi ka Kristu,” “eya ziwa, ifundwa ngabo bonke abantu.”2Korinte 3. 3. Ngabo bonke abangabautwana Bake u Jesu utumela iucawadi ezweni. Uma ningabalandeli baka Kristu. utumela kini, nangani, incwadi kubantwana emzini, nasemigwaqweni enake kuyo. U Jesu uhleli kini. ufisa ukukuluma ezinhliziyweni zalabo abangamejwayele. Mhlaumbe aba ifundi i Baibele, mhlaumbe abalizwa ilizwi elikuluma kubo emapepeni e Baibele; abaluboni utando luka Nkulunkulu emisebenzini Yake. Kodwa uma ningabameli beqiniso baka Jesu, kungati ngani baholelwe ekuqondeni uto ngokulunga Kwake, banqotyelwe otandweni nasekumkonzeni Yena. IEK 109.1

Amakolwa abekelwa ukuba abe ngabapati bobhaqa endhleleni eya ezulwini. Bafanele ukukanyisa ezweni, ukukanya okukanya pezu kwabo okuvela ku Kristu. Ukupila kwabo, nezimilo zabo zifanele ukuba zibenjengokuba, kuze, kuti ngabo, abanye baze batole umqondo olungile ka Kristu, nangenkonzo Yake. IEK 110.1

Uma simele u Kristu, siyakuyenza inkonzo Yake itandeke, njengaloku nempela itandeka. Amakolwa azitatela usizi nenhlupeko emipefumulweni yawo, akonone, asole, anikeza abanye abantu isimilo esiposisekile ngo Nkulunkulu nangokupila kobu Kristu. Anikeza umcamango wokuti u Nkulunkulu akatokozi ukubabona abantwana bake bejabule; kulokuke afakaza amanga ngaye u Baba wetu ose Zulwini. IEK 110.2

U Satana uyaotkoza uma eholela abantwana baka Nkulunkulu ekungakolweni, nasekupeleni itemba. Uyatokoza ukusibona singametembi u Nkulunkulu, singabaza ukuvuma kwake namandhla ake okusisindisa. U Satana uvatanda ukuba sizwe ukuti i Nkosi ifuna ukusilimaza ngomusa Wayo. Kungumsebenzi ka Satana ukuba atyenise ukuti i Nkosi i swele umusa nesihau. Ulibeka alisonte iqiniso Ngaye. Ugcwalisa imicamango ngemicamango engasiyo ngo Nkulunkulu; kuti endaweni yokuhlala pezu kweqiniso ngaye u Baba wetu wase Zulwini, siyavama ukuba sigxilise imicamango yetu ekwedusweni kwetu ngu Satana, singamhlonipi u Nkulunkulu ngokungametembi, nangokumkonona. U Satana uyatanda njalo ukwenza impilo yobukolwa ukuba ibe ngeyosizi. Uyatanda ukuba ibonakele i impilo enomsebenzi nelukuni; kutike inxa ikolwa lifaka ekupileni kwalo lombono ngo- bukolwa, lona uqobo lwalo, ngokungakolwa kwalo, lipasa ukuqamba amanga kuka Satana. IEK 110.3

Baningi, abahamba kuleudhlela yokupila abahlala pezu kweziposiso zabo, nokungapumeleli kwabo, nezijabiso zabo, izinhliziyo zabo zigcwaliswe usizi nokungakutali. Ngesikati ngipetsheya e Europe, omunye udade owenza loku, owayesosizini olukulu, wangi balela ecela izwi lokumkutaza. Kute ngobusuku engatola ngabo incwadi, nga ifunda ngapupa ugise ngadini kwati umnini wayo wangityenisa zonke izindhlela zayo. Ngabe mina kungati ngibuta izimbali, ngitokoziswa ipunga lazo. kwati lona udade, owabehamba eceleni kwami. wangiqweba wangityenisa ameva angabukekiyo awayevale endhleleni Yake. Lapoke wafikelwa usizi nokuhlupeka. Wabengahambi ngendhlela, elandela umkokeli; kodwa wabehamba pakati kwenciji nameva. “O,” wakala, eti “akusilo yini icilo ukuba lengadi enhle kangaka yoniwe ugameva?” Waseti keumkokeli, “ayeke ameva, ngokuba azakukulimaza. Buta izimbali, eziqakazile ngo ku bomvu.” IEK 111.1

Akuzange kube kona amabala akanyayo ekwazini kwako? A uzange ube nezikati ezimnandi, okwati inhliziyo yako yaze yatshaya ngokujabula, ipendulana no Moya ka Nkulunkulu? Uma upenduka ubuka emva ezahlukweni zokupila kwako a ufumanisi imikumbulo emnandi? Izetembiso zika Nkulunkulu, njengembali ezinepunga elimnandi ezimila emaceleni emlhlela yako? A u kuvumela ubuhle bazo nobumnandi bazo ukuba bugcwalise inhliziyo yako ngobumnandi? IEK 111.2

Inciji nameva kungakulimaza kukuzwise ubuhlungu; kuti ke uma ubuta lezizinto, uzinikeze kwabanye; nga- pandhle kwokonakalisa minis a ka Nkulunkulu ngokwako, a ukwenzi ini ukwenqabela, abakuzungezile ukuba bahambe endhleleni yokupila? IEK 111.3

Akulungile ukubutela ndawonye yonke imicamaugo engatokozekile yokuhamba kwako kwangapambili,— ububi bako, nezijabiso ukulume ngako nohlupeko ngako uze wembeswe ukujaba,— Umpefumulo ojabhileyo ugcwaliswa ubumnyama, uvalela ukukanya kuka Nkuluukulu kuye, utela itunzi endbleleni yabanye. IEK 112.1

Bonga u Nkulunkulu ngenxa yezifanekiso ezihle azibeke pambi kwetu! Asihlanganise ndawonye zonke izibusiso eziqinisekile zotando Lwake, ukuze sibheke kuye njalo. I Ndodana ka Nkulunkulu ishiya i Sihlalo sika Vise, yagqokisa ubu Nkulunkulu Bayo ngobuntu, ukuze ihlenge abantu emandhleni ka Satana; ukupumelela kwayo ngenxa yetu kwavulela abantu izulu, kwavulela abantu imibono yesigodhlo lapo u Mvelinqangi ebonisa kona ubukosi Bake; isizwe esiwileyo sipakanyiswe emgodini wencitakalo lapo beponswe kona isono, si-buyiselwe ekuhlanganeni no Nkulunkulu ongenasipelo; siti ke lapo sesicutshile sabekezela ukulingwa kwa Pezulu ngokolo kuye u Msindisi, sigqokiswe ubulungisa buka Kristu, sipakanyiswe sisiwe kuso isihlalo Sake sokubusa,—Yizo ke lezi izifanekiso u Nkulunkulu atanda ukuba sizicamange. IEK 112.2

Lapo kubonakala ukuti singabaza utando luka Nkulunkulu sidele izetembiso Zake, asimhlonipi siya ulimaza u Moya Wake o iNgcwele. Unina womuntu angezwa kanjani uma abantwana bake behlala ngokumsola njalo, songati akabenzeli okuhle, nemizamo yake yokupila ayenzela ukuba kuqubeke intokozo yabo? Ake ngiti-ke mhlaumbe bangabaze utando lwake; kungepula inhliziyo yake loko. Umzali uqobo lwake noma ngumupi angezwa kanjani uma abantwana bake bempete kanje? Yena ke u Baba wetu ose Zulwiui angasibuka kanjani uma sidela utando lwake, olwamholela ukuba asinike i Ndodana Yake ezelwe iyodwa ukuze sitole ukupila? U Mpostoli uloba ati, “Lowo onga igcinanga i Ndodana Yake, kodwa wa inikela ngenxa yetu sonke, angatini ukuba kungati ngayo futi asinike ngokukululekile zonke izinto?”,1Roma 8: 32. Kanti noko bangaki, ngezenzo zabo, noma kungasingamazwi, abati, “I Nkosi a ikuqondisile kimi loku. Mhlaumbe itanda abanye, kodwa mina a ingitandi.” IEK 112.3

Konke loku kungukulimaza umpefumulo wako; ngokuba lonke ilizwi olenzayo lokungabaza umema isilingo sika Satana; kungukuqinisa pakati kwako umcamango wokungabaza, loku kutandaza okulimaza izitunywa ezikonzayo kuwe kuzixotshe. Uma u Satana ekulinga ungalokoti ulikulume izwi lokungabaza, nelobumnyama. Uma utanda ukuvula umnyango kuloko akukulumayo, umcamango wako uyakugcwaliswa ukungetembi nemibuzo yokuhlubuka. Uma ukuluma imicamango Yako, konke ukungabaza okukulumayo akupindeli kuwe kupela, kodwa ku imbeu eyakumila itele izitelo ekupileni kwabanye. kubese kwenqaba ukuvimbela amamlhla ako emazwini ako. Wena ngokwako ungaba namandhla okupepa okwesikatshana esilingweni, nasogibeni luka Satana; kodwa abanye abaholwa ngamandhla ako esitunzi, abangeze babenamandhla okupepa kuloko kungakolwa okuqambile. Kulusizo olukulu kangakanani ukuba sikulume ngalezozinto kupela eziyakusinika amandhla oMoya nokupila! IEK 113.1

Izitunya ziyalalela ukuzwa ukuti ludaba luni olukulumayo nolutweleyo ezweni nge Nkosi yako vase zulwini. Ukukuluma kwako makube, Ngaye ohleli ekuncengela pambi kuka Vise. Lapo utata isandhla sesihlobo, ukubonga u Nkulunkulu makube semlonyeni wako nase nhliziyweni yako. Loku kuyakudonsa inhliziyo yesihlobo sako ku ise ku Jesu. IEK 114.1

Bonke banezilingo, izinsizi ezilukuni abazetweleyo, izilingo ezilukuni ukwenqabeka. Musa izinsizi zako ukuzityela izihlobo zako zezwe, kodwa konke kuse ku Nkulunkulu ngomtandazo. Kwenze kube ngumteto ukuba ungakulumi ilizwi noma lilinye lokungabaza nokupela amandhla. Ungenza imisebenzi eminingi ukukanyisa ukupila kwabanye, uqinise imizamo yoba ngamazwi okwetembisa anokukutaza okucwebile. IEK 114.2

Miningi imipefumulo enobuqawe ecindezelwe yizilingo, esifuna ukuqaleka ngenxa yokueindezeleka imisebenzi yayo nangamandhla enkohlakalo. Onjalo musa ukumqeda amandhla ekuzameni kwake okulukuni. Mkutaze ngamazwi obuqawe nangamandhla amkokela endleleni yake. Ngokunjalo ke ukukanya kuka Kristu kungapuma kuwe kukanye. “Kako kitina ozipilelevo.”1Roma 14. 7. Nga mandhla etu esingawazelele singabakutaza abanye babena mandhla mhlaumbe bangati ngawo amandhla etu bapele amandhla bemuke ku Kristu neqiniso. IEK 114.3

Baningi abanemicamango eposisakele, ngokupila nesi milo sika Kristu. Bacamanga ukuti kwakuswelekile ukufudumala, nelanga Kuye, nokuti unenkani, ujezisa kakulu, futi ungumuntu ongenami, kanti kukaningi ezindabeni zobukolwa zifipazwa ilemicamango enamatunzi. IEK 114.4

Kukaningi kutshiwo kutiwa u Jesu wakala, kodwa kakuzange kutshiwo ukuti wamomoteka. U Msindisi wetu wave yiNdoda yezinsizi ejwayelene nokuhlupeka; ngoba wavula inhliziyo Yake kuzozonke izinhlupeko zabantu. Kodwa noma ukupila kwake kwabe kungokwokuzidela kwelekwe ngamatunzi obuhlungu nenkatazeko, u Moya Wake a ucindezelekanga. Ubuso bake babungesibo bomuntu oqedwa lusizi noqedwa uto ngapakati, kodwa kwabe kugcwele injabulo ecacileyo. Inhlizivo Yake vabe ingumtombo wokupila; nalapa wavehamba kona wabe twain ukupumula nokutula, ukwenama nokujabula. IEK 115.1

Umsindisi wetu wabengumuntu onokuqonda okujulileyo, enesineke esikulu. kodwa noko akazange abengumuntu onobuso obubi nobujabileyo. Ukupila kwa labo bantu abalingisa yena kuyakugcwala ngumqondo olungileyo; bayakuba nokuqonda okujulileyo ngobucala babo njengabantu. Ubulula buyakucindezelwa akunge biko ukutokoza kokugcwaneka, kungabiko ukuncokola kokuganga; kodwa ukukolwa kuka Jesu kunika ukutula njengomfula. Akukucishi ukukanya kokutokoza, aku ncipisi ukwenama futi akubufipazi ubuso obumomote kayo. U Kristu akezelanga ukuba akonzwe, kodwa ukuba akonze; kutike lapo utando lubusa enhliziyweni, sibe sesi ulandela umfanekiso wake. IEK 115.2

Uma sigcina sicamangisisa kakulu izeuzo ezingalungile neziposisakele zabanye abantu, siyakukufumana kulukuni ukubatanda njengaloku u Kristu asitandayo nati; kodwa uma imicamango yetu ihleli pezu kwotando olu yisimangaliso, nesihau sika Kristu kitina, wona lowomoya onjalo uyakupuma kitina uvekwabanye. Sifanele ukutandana, sihlonipane, noma kambe ekona amacala nokungapeleli esingenakukusiza nknba sikubone kwabanye.— Ukuzitoba, nokungazetembi kufanele ukuba sikufune, nokutamba kokubekezela amacala abanye. Loku kuyakubulala konke ukucuteka kwemicamango yetu, kuseuze ukuba sibe nesibindi nenhliziyo ezibanzi nezi lungileyo. IEK 115.3

Umhlabeleli uti, “Tembela e Nkosini wenze okulungileyo; uyakuhlala ngokunjalo elizweni, ngokweqiniso uyakupiwa.”1Umhlabeleli 37. 3. “Tembela e Nkosini ” Zonke izinsuku zinemitwalo yazo, insizi, nenhlupeko zazo; kuti lapo sihlangana kona kube iyona ndaba leyo esinayo yezinhlupeko nezilingo. Kntike lapo kungene nebingeko inhlupeko kube kona ukwesaba okuningi, kukulunywe ngomtwalo omkulu wenhlupeko, size sicamange nangokuti, sengati asinaye u Msindisi ositandayo, nonesibau olnngele nkuzwa zonke izicelo zetu, abelusizo kiti manje nangaso sonke isikati esimdinga ngaso. IEK 116.1

Abanye bayesaba ngaso sonke isikati, besukela inhlupeko engeko. Zonke izinsuku bazungezwe izipo zotando luka Nknlunkulu; zonke izinsuku bayajabula ebuningini bomusa ka Nknlunkulu; kodwa abazinaki lezizibusiso ezikona. Imicamango yabo iseloko ihleli kuloko okungemnandi, abesabayo songati kuyeza; mhlaumbe inhlupeko esikona esivele ngempela, noma kambe incane, abavala imehlo ezintweni eziningi ezidinga ukubongwa. Izingozi abahlangana nazo, endaweni yokuba zibaxotshele ku Nkulunkulu, okukupela komtombo wosizo lwabo, zibahlukanisa Naye ngoba sebesosizini kukona okubadhla ngapakati. IEK 116.2

Senza okuhle kambe ngokunkagolwa kanje? Kufanele ngani ukuba singabongi singatembeki? U Jesu u isihlobo setu; lonke izulu liyatokoza ekupileni kwetu. A kufanele ukuba sivumele iuhlupeko nenkatazo zayo zonke izinsuku ukuba kuhlupe imicamango, kufipaze ubucopo. Uma senze njalo, kuyakuseloko kuba kona okuhlupa unuamango, kukataza. Akufanelekile ukuba sibe imihamba yodwa ehamba iqedwa, izinhlupeko zenhliziyo, ezingaselekeleli ekutwaleni izilingo zetu. IEK 117.1

Mhlaumbe ungahlupeka emsebeuzini; kuti ezindabeni zako kuye kubamuyama ngokubamnyama kubonakale impela ukuti uzolahlekelwa yikokonke; kodwa ke musa ukuswela itemba; zonke izinhlupeko zako zibhekise ku Nkulunkulu, uhlale upolile wenamile. Kulekela ukuhlakanipa ukuba imisebenzi yako u iqube ngesu ukuze kungaveli kulahlekelwa nangozi. Yenza konke onako ngolwako uhlangoti ukuba kuvele ukupumelela okuhle. U Jesu watembisa usizo Lwake, kodwa loku akusiko ukuti tina asingenzi luto. Lapo, sesiyamele ku Msizi wetu, senenze konke eninokukwenza, isipumelelo saloko samkele ngentokozo. IEK 117.2

Akusiyo intando ka Nkulunkulu ukuba abantu Bake bacindezelwe pansi izinhlupeko. Kodwa i Nkosi yetu a isikohlisi. A yitsho kiti ukuti, “Musani ukwesaba; aziko izingozi endhleleni yenu.” Iyazi ukuti zikona izilingo nezingozi, usebenza nati ugokusobala. Akaqondile ukutata abantu Bake abakipe elizweni lesumo nobubi, kodwa ubakombisa esipepelweni esingehluleke. Imi kuleko Yake ekulekela abafundi Bake wati. “Angikulekeli ukuba ubasuse elizweni; kodwa ngikulekela ukuba ubagcine kokubi.” “Elizweni,” Utsho ke ati, “niyakuba nezinhlupeko; kodwa yiinani isibindi; ngilinqobile ilizwe.”1Johane 17. 15; 16. 33. IEK 117.3

Eutshunayelweni yake esentabeui u Kristu wabafundisa abafundi Bake izifundo ezinhle ngokusweleka ukuba kutenjelwe ku Nkulunkulu. Lezizifundo zabe ziqonde ukukutaza abantwana baka Nkulunkulu kuwoonke amapakade, zifinyelele nakwezetu izikati zigcwele izimfundiso neziduduso. UMsindisi abalandeli Bake wabakombisa izinyoni zezulu lapo zihlabelela izingoma zazo zibonga zingapazanyiswa imicamango yokuhlupeka, ngoba, “azilimi, futi azivuni.” Kanti noko u Baba omkulu uyazibonelela ezinsweleni zazo azipe. U Msindisi uyabuza, “Aningcono yini nina kakulu kunazo na?”2Mateu 6. 26. U Menzeleli omkulu wabantu nezilwane uyasivula isandhla Sake ape zonke izidalwa Zake. Izinyoni zezulu azimcatshele Yena, ukudhla akakuposi emlonyeni wazo, kodwa uyazilungiselela izinswelo zazo Kufanele ukuba ziwabute amabele azicitela wona, zifanele ukuba zilungise izinto zokwaka izidhleke zazo. Zifanele ukuba zipe amazinyane azo, ziye emsebenzini yazo zihlabelele, ngokuba. “U Yihlo ose Zulwini uyazondhla.” Ani “Ngcono kakulu nina kunazo na?” Nina bakuleka ngomoya, nabanengqondo, anisibo benani elikulu kunenyoni zezulu na? Umqambi wokuvela kwetu, u Mlondolozi wokupila kwetu, Lowo owasenza ngomfanekiso. Wake we zulu akayi ukusibonela ekusweleni kwetu uma setembela Kuye na? IEK 118.1

U Kristu wabakombisa abafundi Bake izimbali zasendhle, zimila hgokunota okukulu, zigewele ubhule obutandekayo ezibupiwe ngu Baba ose Zulwini ekombisa utando lwake ebantwini wati, “Bekani iminduze vasendhle, nkumila kwayo.” Ubuhle nokutandeka kwalezimbali zemvelo, yebo zehlula ubuhle buka Solomon. Noma enjani ingubo eyake yavezwa ukuhlanipa nobungcibi bomuntu, a inakuze ilinganiswe nobuhle bemvelo, nendalo ku Nkulunkulu. U Jesu ubuza uti, “Uma u Nkulunkulu egqokisa utyani basendhle, obukona namhlanje, kanti ngomso abuseko sebubasiwe, akanakuze anigqokise ngokwedhlulileyo, O, nina bokolo oluncaue?”1Mateu 6. 28, 30. Uma u Nkulunkulu iNgcibi vase Zulwini enika ezimbalini ezi yize, ezifa ngosuku lemibala emihle yezinhlobo. nge zinhlobo, unakekelo lwake lungakananike kulabo abenziwa ngomfanekiso Wake! Lesisifundiso sika Kristu si isikuzo emicamangweni enovalo, nakwaba dideke ukungabaza, nakulabo abanhliziyo zingakolwayo. IEK 118.2

U Nkulunkulu nfisa nkuba onke amadodana Ake namadodakazi ajabule. abenokutula, alalele. r Jesu uti, “Ngininika ukutula kwami; kungasiko loko eninikwa ilizwe, engininika kona. Ma yingakatazeki inbliziyo yenu, futi ma ingesabi.” “Lezizinto ngizikulumile kinina. ukuze ukujabula Kwaini kuhlale kinina, ukuze ukujabula kwenu kugcwale.”2Johane 16. 27; 15. 11. IEK 119.1

Ukwenama kwokuzipoqela nje umuntu ngemizamo yake, okungapandhle kwendhlela yemfanelo, akulingene, akulungile futi kungokudhlulayo; kuyedhlula, umpefumulo ugcwaliswa yisizungu nosizi; kodwa kukona ukutokoza nokwaneliswa enkonzweni ka Nkulunkulu; i Kolwa aliyekwa nkuba lihambe ezindhleleni eziuga- bazekayo; aliyekwa ukuba likwelwe ukuzisola kweze nezijabhiso. Uma singenako ukukutola ukutokoza kwalelizwe, singanetemba lokujabulela, nokulindela ukupila okuzayo. IEK 119.2

Kodwa nalapa, amakolwa angakutola ukujabula kobudhlelana uo Kristu; angakutola ukukanya kotando Lwake. intokozo engapeliyo yobukona Bake. Zonke izinyatelo ekupileni zingasisondeza ku Jesu. zingasinika ukwazi okujulileyo kotando Lwake, kuye kusisondeza isinyatelo ngasinye ekayeni elibusisekileyo lokutula.. Ngakoke masingalilahli itemba letu, kodwa sibe netemba eliqinileyo, liqine ngapezu kwangapambili. “I Nkosi isisizile kwaza kwaba imanje.”1Samyeli 7. 12. Isayakusisiza kuze kube sekupeleni. Masibheke ezinsikeni ezi isiku mbuzo, ezisikumbuza loko okwenziwa iNkosi okokuba kusi tokozise, kusisindise esandhleni sotshabalalisayo. Makuhlale kukutsha emicamangweni yetu, wonke umusa olungileyo asenzele wona u Nkulunkulu,—izinyembezi ezesuliwe, ubuhlungu Abutambisile, imvalo ezisusiwe,. izesabo azisusile, izinswelo azanelisile, izibusiso asipe zona, ngokunjalo sibe siyaziqinisa, siziqinisela konke okupambi kwetu, ngaye umkumbuzi wohambo lwetu. IEK 120.1

Asinakusiza ukuba singalindeli inhlupeko ezintsha empini ezayo; kodwake singabuka kuloko okudhlulileyo njengaloku silindele okuzayo siti, ke “I Nkosi isisizile kwaza kwaba imanje.” “Njengokuhamba kwezinsuku zako, namandhla ako ayakuba njalo.”2Deut. 33. 25. Isilingo asinakudhlula amandhla esiwanikiwe ukuba sisitwale. Ngakoke masi utabate umsebenzi wetu lapo si ufumanisa kona, sikolwa okokuti noma kuza ni, amandlila alingenelesosenzo siyakuwanikwa. IEK 120.2

Koti ngesikati esizayo amasango ezulu ayakuvulwa ukungenisa abantwana baka Nkulunkulu, kuyakuti emlonyeni we Nkosi yobu Kosi kuvele isibusiso sokugcina ezindhlebeni zabo esinjengeculo elimnandi esiti, “Wozanini nina enibusiswe ngu Raba, nidhle ifa lobukosi enilungiselwe lona kwase kusekweni kwezwe.”1Mateu 25. 34. IEK 121.1

Koti labo abahlengiwe bahlangatyezwe ekayeni aba lungiselwa lona u Jesu—Boti abangane babo bangabi okubi komhlaba, amaxoki, abakonza izitombe, abangcolile, nabangakolwayo; kodwa bayakuhlangana nalabo abenqoba uSatana, abati ngomusa ovela Pezulu baba nezimilo ezipeleleyo. Konke ukulingeka, ukuba cindezela lapa kuyakususwa ligazi lika Kristu; nobuhle nokukanya kwobukosi Rake; okwedblula kakulu ukukanya kwelanga bayakunikwa bona. Nobuhle besimilo Sake, kukanye ngabo, ngenani elikulu eledhlula kakulu ubuhle bangapandhle. Rayakuba ngapandhle kwesono pambi kwesihlalo sokubusa esimhlope, bepiwe ubukulu namatuba ezitunywa. IEK 121.2

Ngenxa yobundhlalifa bobukosi okungaba okwake, “umuntu angatela ngani ukuhlenga umpefumulo wake?”2Mateu 16. 26. Angaba mpofu, kanti noko angaba nawo umcebo, nobukulu angebunikwe izwe napakade. Umpefumulo oblengiwe wahlanzwa esonweni, nawo wonke amandhla awo amahle, anikezelwe enkonzweni ka Nkulunkulu, adhlulisele kakulu ngenani lawo; kukona ukwejabula ezulwini pambi kuka Nkulunkulu nezitunywa ezicwebileyo ngompefumulo owodwa oblengiwe,—njabulo olukulunywa ngamaculo okwenza ukujabula ngcwele. IEK 121.3