Go to full page →

Ukuphepha KuJesu IE 28

Singathola isiphephello nokukhululwa emandleni amakhulu oMsindisi wethu. Siyazivikela izindlu zethu ngemishudo nezihluthulelo ukuze kuphephe impahla yethu nezimpilo zethu ebantwini ababi, kodwa akuvamile ukuthi sicabange ngezingelosi ezimbi esingenamandla okuzivikela ekuhlaselweni yizo. Uma zivunyelwa, zingazulisa izingqondo zethu, zihlukumeze imizimba yethu, zishabalalise impahla yethu nemizimba yethu. Kodwa labo abalandela uKristu baphephile ngaphansi kweso laKhe elibukhali. Izingelosi ezinamandla amakhulu ziyathunywa ukuba zibavikele. Omubi akakwazi ukugqobhoza isivikelo uNkulunkulu avikele ngaso abantu baKhe. IE 28.1