Ubudlelwane Obungavunyelwe
Futhi uNkulunkulu wenqabela ukuzama ukuxhumana nemimoya yasebasishiya. “ imimoya yamadlozi,” njengoba lezivakashi ezivela kweminye imihlaba ibizwa kanjalo, kuthiwa eBhayibhelini “yimimoya yamadimoni.” (Bheka uNumeri 25:1-3; iHubo 106:28; 1 Korinte 10:20; iSambulo 16:14. Ukusebenzisana nayo kwakuhamba nesijeziso sokufa, (Levitikusi 19:31; 20:27). Kodwa ubulozi sebungene nakwezesayensi, kwahlasela amabandla, kwamukeleka nasezishayamthetho, ngisho nasezigodlweni zamakhosi. Lenkohliso enkulukazi kuse yilokho kuthakatha okwakugxekwa kwasendulo.IE 57.1
Ngokwakha isithombe esithi nabantu ababi kabi basezulwini, uSathane utshela umhlaba ukuthi: “Noma uyamkholwa uNkulunkulu noma awumkholwa, noma uphila ngendlela othanda ngayo; izulu yikhaya lakho.” IZwi likaNkulunkulu lithi: “Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama,” (Isaya 5:20).IE 57.2