Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukunqoba Kothando LukaNKulunkulu

    Lapho-ke uthando nesihe okutshalwe nguNkulunkulu uqobo emphefumuiweni, kuthola ukusebenza kweqiniso nokumnandi. Ukuxhumana okumsulwa nezingelosi kanye nabasindisiwe beminyaka yonke, izibopho ezingcwele ezisihlanganisayo “imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni”—lokhu kuyasiza ukwakha injabulo yabasindisiwe. (Efesu 3:15).IE 125.3

    Lapho, izingqondo ezingenakho ukufa ziyozindla zithokoza zingaqedi, ngezimanga zamandla endalo, izimfihlakalo zothando olusindisayo. Imiqondo iyothuthuka, nolwazi lukhule. Ukuthola ulwazi ngeke kube umthwalo. Kuyokwenziwa imisebenzi emikhulu, kufinyelelwe ezifisweni eziphakeme kakhulu, nezinjongo eziphakeme zifinyeleleke. Noma kunjalo, kuyovela amanye amathuba okuthuthuka, ezinye izimangaliso zokunconywa, amanye amaqiniso adinga ukuqondwa, izinto ezintsha ezizodinga amandla engqondo, umzimba nomphefumulo.IE 125.4

    Yonke ingcebo yasezulwini iyobe ivulelekile kubasindiswa bakaNkulunkulu. Bengasaboshiwe ukufa, bayondiza bengakhathali, beya emihlabeni ekude. Abantwana basemhlabeni bayongena enjabulweni nokuhlakanipha kwezidalwa ezingawanga, kwabelwane ngomcebo wolwazi Iweminyaka ngeminyaka. Ngamehlo angafiphali, babuka inkazimulo yendalo—amalanga, izinkanyezi, konke kuhamba ngohlelo Iwakho kuzungeza isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.IE 126.1

    Njengoba iyobe ihamba iminyaka yaphakade, iyokwembula enye futhi inkazimulo kaNkulunkulu nekaKristu. Uma abantu belokhu beqhubeka ngokufunda ngoNkulunkulu, nokuncoma kwabo isimilo sikaNkulunkulu kuyokwanda. Njengoba uJesu ebavulela umcebo wosindiso nacho konke ukunqoba kulempi enkulu yokulwisana noSathane, izinhliziyo zabasindisiwe ziyochichima ngokuzinikela, kuzwakale amazwi angamashumi ezinkulungwane eziphindwe ngamashumi ezinkulungwane ecula izingoma zokudumisa.IE 126.2

    “Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nacho konke okukukho, ngakuzwa kuthi: Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade,” (iSambulo 5:13).IE 126.3

    Impikiswano enkulu isiphelile. Isono nezoni akusekho. Indalo yonke ihlanzekile. Sekukhona umuzwa owodwa wokuzwana kuyo yonke indalo ngobubanzi bayo. KuYena owadala zonke izinto, kugeleza ukuphila nokukhanya nenjabulo kuyo yonke imikhawulo engapheli. Kusukela entweni encane kunazo zonke, kuye emhlabeni omkhulu kunayo yonke, zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, ebuhleni bazo nenjabulo ephelele, zimemezela ukuthi uNkulunkulu uluthando.IE 126.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents