Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 4—UKUVUMA IZONO.

    “Lowo owembesa izono zake kayi kupumelela: kodwa lowo ovuma izono azitshiye uyakutola umusa.”1Amazwi 28. 13.IEK 31.1

    Izimo zokutola umusa ka Nkulunkulii zilula zilungile azinansolo. I Nkosi a ifuni ukuba senze into embi nebuhlungu ukuze sizuze ukutetelelwa kwezono. Akuswelekile ukuba sihambe indhlela ende nedinisayo, umhlaumbe sibulale inyama ngobuhlungu, ukuyaleza imipefumulo yetu ku Nkulunkulu wezulu, mhlaumbe sizitetelele izono zetu; kodwa lowo ozivumayo, azitshiye izono zake uyakutola umusa.IEK 31.2

    U Mpostoli uti, “Vumani amacala enu omunye komunye nikulekelane ukuze nipiliswe.”2Jakobe 5. 16. Vumani izono zenu ku Nkulunkulu, okukupela konako ukuzitetelela namacala enu omunye komunye. Uma wonile isihlobo sako mhlaumbe, umakelwane wako kufanele uvume isono sako, ku imfanelo yake ukuba akutetelele ngokukululeka. Konake ufanele ufune utetelo luka Nkulunkulu ngokuba umfo wenu omlimazileyo ungumuntu ka Nkulunkulu, ngokumlimaza kwako wone ku Menzi wake naku Msindisi wake. Icala liletwa pambi ko Mteteleli woqobo, uMprisiti wetu omkulu owati “walingwa ngazo zonke indhlela ngokufana nati, kanti akabanga nasono.” Oti futi “epetwe lusizi lokwehluleka nobutakataka betu.”1Heb. 4. 15. abenamandhla okuhlambulula kuwo onke amacapaza esono.IEK 31.3

    Labo abauga i tobi imipefumulo yabo pambi kuba Nkulunkulu ngokuvuma amacala abo, abakasigcwalisi isimiselo sokwamkelwa. Uma singakabi nako ukwazi loko ukupenduka okungahambi nokusola, uma singatanga ngokutobeka kweqiniso kompefumulo nokwapuka kwomoya sazivuma izono zetu, sa i zonda inkohlakalo yetu; asikalufuni ngokweqiniso utetelelo lwezono. Umake singazange silufune, asizange sikufumane ukutula kuka Nkulunkulu. Isizatu esibangela ukuba singatoli ukutetelelwa kwezono zesikati esidhulile ilesi kupela. ukuba singavumi ukutoba inhliziyo zetu sivumelane wezimiselo zeZwi leqiniso. lsifundiso esingapandhle srvashnnyayelwa ngaloludaba. Ukuvuma isono, ngokusobala nokuba kungasese, kufanele ukuba kube okwenhliziyo kushiwo ngokusobala. Akufanelekile ukuba kube okokuqutshwa kumoni Akufanelekile futi ukuba kwenziwe ngendhlela etshetshisayo nenganakekeliyo, mhlaumbe luqutshwe ngamandhla kulabo abangakazi ngeqiniso ngesimilo esizondekayo sesono. Ukuvuma okuwukupumisela kwompefumulo pakati kuya i fumanisa indhlela eya emhawini ka Nkulunkulu ongenakupela Umhlabeleli uti, “I Nkosi iseduze kulabo abanenhliziyo ezapukileyo; iyabasindisa, abanemimoya edabukileyo.”2Izihla 34. 18.IEK 32.1

    Ukuvuma izono kweqiniso ku isibonakaliso esiqondileyo, kuvuma izono ezitile ngokusobala. Zingaba ezohlobo olufanele ukuletwa pambi kuka Nkulunkulu yedwa; Kungaba kona izono ezifauele ukuvunywa kulabo abahlupekile ngenxa yokwenziwa kwazo, mhlaumbe zingaba ezisobala, zidinga ukuba zivunywe ngokusobala. Kodwa konke ukuvuma izono kufanele ukuba kuqonde kucije, kube ukuvuma zona lezo zono uqobo esinecala ngazo.IEK 32.2

    Ezintsukwini zika Samuyeli, ama Israyeli ednka ku Nkulunkulu. Ahlupeka ukujeziswa kwezono: ngokuba ayelahle ukukolwa kwawo ku Nkulunkulu, alahlekelwa kukuqonda kwawo amandhla Ake noku hlakanipa kwake kokubusa isizwe; alahlekehva ukutemba kwawo emandhleni Ake okuvikela, kumiswe ubukosi Bake. Ahlubuka ku Mbusi omkulu wezwe lonke, afisa ukubuswa njengokubuswa kwezizwe ezisemaceleni awo. Ngapambi kokuba afumane ukutula enza ukuvuma okuqondile ati: “Sengezelele kuzozonke izono zetu lobububi, bokuzicelela i Nkosi.”1Sam. 12. 19. Kwakufanele avume sona lesosono uqobo awayone ngaso. Ukungabongi kwawo kwacindezela imipefumulo yawo, kwawehlukanisa ku Nkulunkulu.IEK 33.1

    Ukuvuma izono akunako ukwamkeleka ku Nkulunkulu ngapandhle kokupenduka kweqiniso nokubuya kuso isono. Kufanele ukuba kube kona ukupenduka okuqondileyo nokusobala ekupileni; zonke izinto ezi isicunulo ku Nkulunkulu kufanele zisuswe. Loku ke kuyakuvezwa usizi olu isiminya ngenxa yesono. Umsebenzi esifanele ukuwenza tina, ongowetu ubekwe ugokusobala pambi kwetu, uti: “Zihlanzeni, nibemhlope; nisuse zonke izenzo zenu ezikohlakeleyo pambi kwamehlo Ami; yekani ukwenza okungalungile fundani ukwenza okulungileyo; funani ukwahlula, nikulule abacindezekile, nibonele izintandane, nibe nosizi ngomfelwakazi.”1Isa 1. 16, 17. “Uma omubi ebuyisa isitembiso abambise ngaso, abuyise loko akupangileyo, ahambe ezimiselweni zokupila, ngapandhle kokwenza okukohlakeleyo; uyakupila ngeqiniso angafi.”2Ezek. 33. 15. U Paule uti, ekuluma ngomsebenzi wokupenduka, “Loku, nako kona loko, ukudabuka kwenu ngokuka Nkulunkulu, kwenza kini ukucopelela, yebo, ngitsho ukuzihlanguza, ngitsho ukuzisola, ngitsho ukuzisola, ngitsho ukwesaba, ngitsho uku fisa okuknlu, ngitsho ukupisekela, ngitsho ukuhlanguliswa! Kuko konke niziqamisile ngokuti aninacala kuloko kwenza.”32 Cor. 7. 11.IEK 33.2

    Uma isono sesibulele isimilo sokuqonda, umoni akabe esaba nako ukubona amacala asesimilweni sake, angaqondi nobukulu bobubi abenzileyo; ngapandhle kokuba avumele amandhla anqobayo o Moya O cwebileyo; uhlala esenkungwini ngezono zake. Ukuzivuma kwake izono akusiko okweqiniso futi akusiko okwesiminya. Kukokonke ukuvuma kwake izono wenezela ukunxepeza, ukuzitetelela indlilela yake; eshumayela ukuti uma bekungenzanga ngoba kuye ngezigameko ezitile ubengekubengekwenze loku naloku, loko ajeziselwa kona.IEK 34.1

    Emva kokuba u Adamu no Eva, bewudhlile umuti owawenqatyelwe, bagcwalwa zinhloni nokwesaba. Okwokuqala okwabafikela kwaba ukuba bazakutini ukuzitetelela, basinde esijezisweni esibi sokufa. Ite uma ibuza i Nkosi ngesono sabo, u Adamu wapendula, walitata icala walibeka kumngane wake naku Nkulunkulu Eti:—“Umfazi onginike ukuba abenami—nguyena onginike umuti ngadhla.” Umfazi icala walibeka pezn kwen- yoka eti, “Ngikohliswe inyoka ngadhla.”1Gen. 3. 12, 13. Wayenzelani inyoka? Wa ivumelelani inyoka? Wa ivumelelani ukuba ingene ensimini yase Eden? Imibuzo ke le eyaba pakati kokuzitetelela kwake ngenxa yesono sake, ngayo ebuyisela icala ku Nkulunkulu ugokuwa kwabo. Umoya wokuzihlanguza waqamuka kuyise wamanga, wabonkaliswa ngawo onke amadodana namadodakazi ka Adamu. Ukuvuma izono ngaloluhlobo akusiko okuqutywa nguMova wobu Nkulunkulu; futi akunakwamkelwa ngu Nkulunkulu; Imifanekiso esezwini lika Nkulunkulu engokupenduka kweqiniso nokuzitoba iveza u Moya wokuvuma izono okungenako ukuzitetelela ngesono; mhlaumbe ukulinga ukuzihlanguza. Ukupenduka kweqiniso kuyakumhola amuntu ukuba asitwale yena isono sake ngowake. asivume ngapandhle kokukohlisa nokuzensiza. Njegombuti mnikelo odabukileyo engapakamisi namehle ukuwabhekisa ezulwini, uyakukala ati:—“Nkulunkulu yiba nomusa kimina umoni.” Nalabo abazivumayo izono zabo buyakuhlanguzwa, batetelelwe; ngokuba u Jesu uyakulinika igazi Lake ngenxa yompefumulo opendukayo.IEK 34.2

    U Paule akafunanga ukusibhacisa isono sake; kepa usibeka obala njengobubi baso obukulu, engalingi ukuba asenze sibe sincane, uti:—“Baningi kwabacwebileyo engabavalela ematilongweni, amandhla ngiwamkele kuba Pristi abakulu; uma basebebulewe ngakuluma kakulu ngabo. Ngioajezisa ngokubatshaya futi-futi ezindhlini zokukuleka ngibacindezela ukuba bakulume kabi betuke; ngibazonda ngokungati ngiluhlanya, yebo, ngabahlupa kwaza kwaba semizini engapandhle.”2Imi 26. 10, 11. Akatandabuzanga ukushumayela ngokusobala ukuti: “U Kristu Jesu weza elizweni ukusiudisa aboni; engingomkulu wabo mina.”IEK 35.1

    Inhlizivo edabukileyo, netobileyo, etanjiswe ukupenduka kweqiniso iyakuzwa ubumnandi botando luka Nkulunkulu nenhlaulo yase Kalvari; nanjengaloku indodana ivuma izono kuyise otandekayo, ngokunjalo uyakwenza njalo ozisola ngeqiniso alete zonke izono zake pambi kuka Nkulunkulu. Kulotyiwe futi ukuti:—“Uma sivuma izono zetu, ulungile futi ukolekile akuba asitetelele izono zetu, asihlambulule kukokonke ukungalung.”11 Johane 1. 9.IEK 36.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents