Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 3—UGUQUKO

    Umuntu angalunga kanjani ku Nkulunkulu? Umoni angalungiswa kanjani? Kungo Kristu kupela, angaletwa ekuzwaneni no Nkulunkulu nobungcwele; kodwa singeza kanjani ku Kristu na? Baningi ababuza lowombuzo, njengaloku senzenjalo isixuku ngosuku lwePentikosi, lapo, sesihlatyiwe isono, samemeza sapumesela sati:— “Siyakwenzenjani?” Izwi lika Petros lokuqala lempendulo lati “Guqukani.” Kwesinye isikati, ngemva kancane, futi wati: “Guqukani . . . . . . nipendulwe ukuze izono zenu zesulwe.”1Izenzo 2. 38; 3. 19.IEK 16.1

    Ukuguquka kuhlanganisa ukudabuka ngenxa yesono, nokupenduka kusona. Asiyi kusenqaba isono ngapandhle kwokuba sibone ububi baso; uma singapendukanga kuso ngenhliziyo, akunakubakona ukupenduka kwempela ekupileni.IEK 16.2

    Baningi abehluleka ukuqonda isimo seqiniso so kupenduka. Baningi abadabukiswa ukuba bonile, benze isibonakaliso sangapandhle sokupenduka, ngoba besaba ukuti ukwenza kwabo okubi kuyakuleta inhlupeko kubona. Kodwa ke pela loku akusiko ukupenduka okukulunywa ngako esi Balweni. Bakalela inhlupeko, kunoma bakalele isono abasenzile. Kwabe kunjalo ke ukudabuka kuka Esau uma ebona ukuti ubuzibulo bake bulahleke ngonapakade. U Balamu esabiswa isituny- wa esabe simi endhleleni siveze inkemba, wavuma isono sake esaba ukulahlekelwa ukupila kwake; kodwa kwabe kungeko ukupenduka kwesiminya, kungeko ukuguquka okuqonde nto, kungeko ukuzonda ububi.IEK 16.3

    U Judas Iskarioti emva kwokunikela i Nkosi wakala wati “Ngonile ngaloku, ngokuba nginihele igazi elingenasono.”1Mat. 27. 4. Ukuvuma kwabe kuqutywa kuvela empefumulweni onecala, kupetwe luvalo olukulu lokuzilahla, nokwesaba okukulu okulindele ukulahlwa okuzayo. Loko okwabe kuzakulandela ukwona kwake kwamgcwalisa ngokwesaba; kodwa kwabe kungeko ukudabuka kwenliliziyo okujulileyo, ukudabuka kwenhliziyo enosizi empefumulweni wake, kwokuti unikele nge Ndodana ka Nkulunkulu eng na bala, wampika o ingcwele ka Israel. U Faro, lapo ehlupeka pansi kwezahlulelo zika Nkulunkulu, wavuma isono sake enzela ukuba apepe ukujeziswa futi, kodwa wapindela kuko ukwedelela i Zulu masinyane ngemva kokususwa kwezitshayo zake. Konke loku kwabe kungukukalela loko okuvezwa isono, kodwa kungesiko ukudabuka ngenxa yesono uqobo lwaso.IEK 17.1

    Kodwa lapo inhliziyo ivuma, ivumela amandhla o Moya ka Nkulunkulu—isazelo siyapila, umoni abonisise kahle ukujula, nokusweba komteto ka Nkulu nkulu ongcwele, nesiseko soMbuso wake ezulwini nasemhlabeni—Ongu: “Kukanya okukanyisa wonke umuntu ozayo elizweni,”2Johane 1. 19. okukanyisa izindawo ezifihlakeleyo zobumnyama zivezwe ekukanyeni—Ukuzibekicala kufike kuhlale emcamangweni nasenhliziyweni. Umoni atole ukwazi ngokulunga kuka Jehova, ezwe ukwesaba kumfikela, kokuba abonakale, esese macaleni ake nasekung- coleni, pambi kwalowo umPenyi wezinhliziyo. Ubona utando luka Nkulunkulu, nbuhle bobungewele, ukutokoza kokueweba; afise ukuhlanzwa, abuyiselwe ebudhlelaneni ne Zulu.IEK 17.2

    Umkuleko ka Davide emva kwokuwa kwake utyenisa isimo sokudabuka kweqiniso ngenxa jesono. Ukupenduka kwake kwabe kungokwesiminya kujulile. Kwabe kungeko mzamo wokuncipisa isono sake; kungeko sifiso sokubalekela ukwehlulelwa okwabonakala emkulekweni wake. U Davide wabona ubukulu besiposiso sake; wabona ukungcola kwompefumulo wake; wavedabuka ngenxa yesono sake. Akakulekelanga ukutetelelwa kupela, kodwa wakulekela ukucweba kwenhliziyo. Walangazelela intokozo yobungewele,—ukuba abuyiswe, abuyiselwe ubudhlelaneni. nase nhlanganweni no Nkulunkulu. Nalu ulimi lompefumulo wake:—IEK 18.1

    “Ubusisiwe oziposiso zitetelelweyo, osono simboziweyo.
    Ubusisiwe umuntu i Nkosi engabaleli kuye ukwona.
    Nase moyeni wake ekungeko ku kohlisa.”
    “Yiba nesirau pezu kwami, O Nkulunkulu, njengokomusa Wako otandekayo;
    Njengobuningi bomusa Wako otambileyo, yesula iziposiso zami..
    Ngokuba ngiyazivuma izono zami; isono sami sihlala njalo sipambi kwami . . . . . .
    Ngihlanze ngo hisope, ngiyakuhlanzeka; ngigeze, ngiyakuba mhlope ngapezu kweqwa . . . . . .
    Dala kimi inhliziyo emhlope, o Nkulunkulu;
    Wenze mutsha umoya olungile pakati kwami.
    Ungangilahli ebusweni Bako;
    Ungamsusi U Moya Wako O ewebileyo kimi.
    Buyisa kimi intokozo yokusindisa Kwako;
    Nngipakamise ngo Moya Wako ovamileyo . . . . . . Ngikulule ezonweni zegazi, O Nkulunkulu, Wena ungu Nkulunkulu wokusindiswa kwami.
    Ulwimi lwami luyakulilabelela kakulu ubulungisa Bako.”1Ps. 1. 2; 51. 1-4.
    IEK 18.2

    Upenduko olunjengalolu lungapezu kwamandbla etu ukuba silwenze; luzuzwe kupela ku Kristu. owenyuka waya pezulu wanika izipo kubantu.IEK 19.1

    Kukulendawo ke lapo iningi lifike liposise konar ngenxa yaloko lahluleke ukwamkela usizo u Kristu afisa ukubanika Iona. Bocamanga ukuti abanako ukuza ku Kristu ngapandlile kokuba baqale ngokupenduka, nokuti upenduko ilona lulungisa indhlela yokutetelelwa kwezono zabo. Kuliqiniso ukuti upenduko luhambela pambili ukutetelwa kwezono; ngoba inhliziyo eyapukileyo. nependukayo kupela eyakuzwa ukufuneka ko Msindisi. Kodwa kuswelekile ini ukuba umoni alinde aze apenduke ngapambi kokuba abe nokuza ku Jesu? Ukupenduka kuswelekile ini ukuba kwenziwe isitintelo pakati komoni no Msindisi na?IEK 19.2

    I Baibele alifuudisi ukuba umoni ufanele ukupenduka ngapambi kokuba asamkele isimemo sika Kristu, “Wozani kimi, nonke nina enisebenzayo, nisindwa imitwalo, ngiyakuninika ukupumula.”2Matt. 11. 28. Kungamandhla avela ku Kristu arolela ekupendukeni kweqiniso. U Petrosi walucasisa loludaba enkulumeni yake nabakwa Israeli, uma waeti, “Yena u Nkulunkulu umpakamisile ngesandhla Sake sokunene ukuba abe iNkosi, u Msindisi. ukuba anike npenduko ku Israeli, nokutelelelwa kwezono.”3Imisebenzi 5. 31. Asinako ukupenduka ngapandlile ko Moya ka Kristu ovusa umqondo wetu. njengaloku singenako ukutetelelwa ngapandhle kuka Kristu.IEK 19.3

    U Kristu ungumtombo wayo yonke imicamango elungileyo. Uye kupela kwake ongatyala enhliziyweni ubuta besono. Yonke infiso veqiniso nokucweba, konke ukuhlabeka ngazo izono zetu, kuugubufakazi bokuti u Moya Wake uyahamba pakati kwezinhliziyo zetu.IEK 20.1

    U Jesu wati, “Mina, uma sengi pakanyisiwe, emhlabeni, ngiyakubadonsa bonke abantu beze kimi.”1Johane 11. 33. U Kristu ufanele ukuba abonkaliswe ku moni njengo Msindisi ofayo, efela izono zelizwe; nanjengokuba si i bona iNdodana ka Nkulunkulu pezu kwesipambano sase Calvari, imfihlakalo yokusindiswa iqafa nkuvuleka emcamangweni yetu, nobulungisa buka Nkulunkulu busiholela ekupendukeni. Ekufeni ngenxa yaboni, U Kristu, wabonakalisa utando olungena kuqondwa, okuti uma umoni ebona lolutando, lutambise inhliziyo, luhlale enhliziyweni, lukanyise ukupenduka embefumulweni.IEK 20.2

    Kuliqiniso ukuti ngesinye isikati abantu baba— namahloni ngenxa yendhlela zabo ezikohlakeleyo, ba i yeke eminye imikuba yabo emibi, ngapambi kokuba baqonde ukuba baholelwa ku Kristu. Kodwa uma belinga ukupenduka, ngenxa yemfiso epeleleyo yokwenza okulungileyo, kungenxa yamandhla ka Kristu abadonsayo. Amandhla abangawaqondiyo asebenza emipefumulweni yabo, ingqondo ipiliswe, nokupila okungapandhle kupendulwe. Ati u Kristu uma ebadonsa ukuba babheke esipambanweni Sake, ukubona Yena owahlatywa izono zabo, kufike ke isiyalo emiqondweni yabo. Ukukohlakala kokupila kwabo, nesono esizikileyo empefumulweni sibonakaliswe kubo. Baqale ukuqonda ngobulungisa buka Kristu, bamemeze ngokuti, “Si ini isono, ukuba sifune umnikelo ongaka ukuba kuhlengwe lowo esimbambileyo? Lonke lolutando, konke lokukuhlupeka, konke loku kuzitoba, kwabiza ukuba siugafi; kodwa sibe nokupila okupakade ?”IEK 20.3

    Umoni angalweuqaba lolutaudo, enqabe ukuholelwa ku Kristu; kodwa uma engenqabi, uyakuholelwa ku Jesu; ukwazi kwecebo lokusindiswa kuyakumholela enyaweni zesipambano ependukile ezonweni zake, ezabangela izinhlupeko ze Ndodana ka Nkulunkulu etandekayo.IEK 21.1

    Ngulowomqondo wobu Nkulunkulu osebenza pezu kwezinto zendabuko okuluma ezinhliziyweni zabantu, odala ukulangaza okuanganqandekiyo kokufumanisa loko esingenako, lzinto zezwe azinako ukukolisa loko kulangaza kwazo. U Moya ka Nkulunkulu uyasinxusa ukuba sifune lezozinto ekukupela kwazo ezinganika ukutula nokupumula,—umusa ka Kristu, intokozo yokucweba. Ngemisebenzi ebonakalayo, nengabonakaliyo, U Msindisi wetu u sebenza njalo ukudonsa imiqondo yabantu kulezontokozo ezinga kolisiyo zesono aise ezibusisweni ezingapeliyo ezingaba ngezabo Kuye. Kuyo Yonke lemipefumulo, efuna ezeni ukupuza emitonjeni eyapukileyo yalelizwe kutunyelwa loludaba lwa Pezulu. “Lowo womileyo makeze. Nalowo otandayo makapuze amanzi okupila ngesisa.”1Isam. 22. 17.IEK 21.2

    Nina enifisa ngenhliziyo ukufumanisa okungcono kunaloko eningakunikwa ilelizwe, kuqondeni loku kulangaza njengelizwi lika Nkulunkulu emipefumlweni yenu. Mceleni ukuba aninike ukupenduka okubonakalisa u Kristu kini otandweni Lwake olungapeliyo ekucwebeni Kwake okupeleleyo. Ekupileni ko Msindisi izihloko zomteto ka Nkulunkulu—utando luka Nkulunkulu kumuntu kwalanekiswa ngokupeleleyo. Ubulungisa, notando olungazidhliyo kwakungukupila kompefumulo Wake. Kunjengaloku simbona Vena, njengaloku ukukanya okuvela ku Msindisi wetu kuwela pezu kwetu, okubangela ukuba sibone ukukohlakala kwezinhliziyo zetu.IEK 21.3

    Singabe siyazikohlisa njengaloku enze njalo u Nikodemu, uma siti ukupila kwetu bekuhamba kahle, ukuba izimilo zetu zibe silungile, nokuti akuswelekile ukuba sizitobe izinhliziyo pambi kuka Nkulunkulu, njengomoni wempela; kodwa lapo ukukanya okuvela ku Kristu kukanya emipefumlweni yetu, siyakubona ukungcola kwetu; siyakubona imiqondo engalungile engubuta ku Nkulunkulu engcolise sonke isenzo sokupila kwetu. Kukona siyakubona ke ukuti ubulungisa betu ngempela kungamanikiniki augcolileyo, nokuti igazi lika Kristu kupela elingasihlanza ekungcoleni kwesono, lenze zintsha inhliziyo zetu ngomfanekiso Wake.IEK 22.1

    Umsebe munye wo ku kazimula kuka Nkulunkulu ukukauya okukodwa kokucweba kuka Kristu, kubhobosa imipefumulo kwenze kubonakale kabuhlungu lonke icapaza lokungcola, kwenze kube solubala ubu gwegwe nokuputa besimilo simnatu. Kwenze kubesolubala izimfiso ezingacwebile. ukungakolwa kwenhliziyo, ukungcola komlomo. Izenzo zomoni zokungatobi ngokwenza ize umteto ka Nkulunkulu zivezwa obala emehlweni ake, umoya wake utshayeke, ubese kuhlupekeni pantsi kwamandhla apenyayo uMoya ka Nkulunkulu. Uyazisola uma ebona isimilo esiewebile esingena capaza sika Kristu.IEK 22.2

    U Mprofiti u Daniel ekuboneni kwake ukukazimula okwakuzungeze isitunywa seznlu esabe situnyelwe kuye, wanqotywa isazelo sobutakataka bake, nokungapeleli. Ebalisa okwamvelelayo ekuboneni kwake lesisimmangaliso, uti, “Akusalanga mandhla kimina; ngoba ukufaneleka kwami kwapenduka kwaba ukubola kimina, angaze ngasalelwa mandhla.”1Dan. 10. 8. Umpefumulo otinteke kanje uyakuzonda uknzidhla kwawo, uzonde ukuzitanda kwawo uyakufuna, ngabo ubulungisa buka Kristu, ukuhlanzeka kwenhliziyo okuvumelana, oknzwana nomteto ka Nkulunkulu nesimilo sika Kristu.IEK 23.1

    U Panle uti, “ngokupata ebulungiseni okukuwo umteto,”—njengokubonakala kwezenzo ezingapandhle, — wayenge “nacala;”2Phil. 3. 6. kodwa lapo sekuqondwe umteto wesimilo sobumoya wazibona engumoni. Ehlnlelwa libala lomteto, njengaloku abantu bekomba ekupileni okungapandhle, wasizila isono; kodwa lapo eselebuka ekujuleni kwemfundiso zawo ezingcwele ezijulHeyo, ezibona njengaloku u Nkulunkulu embonayo, wazilahla pantsi ngokutobeka, wasivuma isono sake. Uti, “Ngangipilile ngapandhle komteto okanye; kodwa ekufikeni kwomyalelo, isono savuka, mina ngafa.”3Rom. 7. 9. Ekuboneni kwake isimo somteto ngokomoya, isono sabonakala ekwesabekeni kwaso kweqiniso, kwati ukuzincoma kwapela.IEK 23.2

    U Nkulunkulu akazibuki izono zonke ngokuti zilingana ngokufanayo; kukona izigaba zokona ekubukenl Kwake, njengaloku kunjalo nasebantwini; kodwa noma sibouakala sisincane ngokungakanani lesi noma ilesiya emehlweni abantu, akuko sono esincane emehlweni ka Nkulunknlu. Ukwahlula komuntu kunxanye kuyaketa, akupelele; kodwa u Nkulunkulii uzilinganisa zonke izinto njengaloku zinjalo. Isidakwa siyadelwa, sityelwe ukuba isono saso siyakusivalela ezulwini; kanti ukuzidhla, ukuzigabisa, ukunqwena kuvamisa ukuyekwa kungakuzwa. Kodwa lezi izono ezingatandekiyo kakulu ku Nkulunkulu; ngoba zipambene nokulunga kwesimilo Sake, kulo lolutando lokungazidhli olungenawo umoya wezwe eliwileyo. Lowo owela kwezinye zalezozono ezimbi angaba nokuliqonda ihlazo lake nobumpofu, nokuswela kwake umusa ka Kristu; kodwa ukuzidhla akuzwa kuswela, ngakoke kuvala inhliziyo ngakuye u Kristu, nakuzo izibusiso ezingapele ndawo Owayeze kuzinika.IEK 23.3

    Umbuti wo mnikelo onosizi owakuleka ngokuti “Nkulunkulii yiba nomusa kimina umoni,”1Luke 17. 13. wayezibuka njengomuntu okohlakeleyo kakulu, nabanye bembuka ngaloko kukanya; kodwa wakuzwa ukuswela kwake, nangalowomtwalo wokona, nehlazo, weza pambi kuka Nkulunkulu ecela umusa Wake. Inhliziyo yake ya iwuvulekele u Moya ka Nkulunkulii ukuba wenze umsebenzi wawo. umkulule emandhleni esono. Umkuleko wokuzibonga, wokuzidumisa wom'Farisi wabonisa ukuba inhliziyo yake ivalekile ngakuwo amandhla o Moya oyi Ngcwele. Ngokuba ngenxa yobude buka Nkulunkulu wayengenakuqonda ngokungcola kwake okupambene nokupelela kobungcwele ba Pezulu. Wayengenako ukuswela ngakoke wayengena kwamkela luto.IEK 24.1

    Uma ubona ukukolilakala kwako; musa ukulindela ukuba uzenze muhle wena. Baningi kangakanani abacamanga ukuba abafanele ukuza ku Kristu. Nicamange ukuba ugcono ugemizamo yenu! “U Mtiyopiya angasi pendula isikumba sake, mhlaumbe ingwe ingawapendula amabala ayo? Ningaba nakoke nani ukwenza okulungileyo enejwayele ukwenza okubi.”1Jer. 13. 23. Kukona ukwelekeleleka kitina kupela kuye u Nkulunkulu. Akuswelekile ukuba silinde izinxuso ezinamandhla, amatuba angcono, mhlaumbe indawo ezingcwele. Asinakwenza luto ngokwetu. Kufanele size ku Kristu njengaloku sinjalo.IEK 25.1

    Kodwa akungabiko abazikohlisayo ngomcamango wokuti u Nkulunkulu, otandweni Lwake olukulu nomusa omkulu angase abe nokusindisa nalabo abenqaba umusa Wake. Ukonakala okudhlulisile kwesono kunga linganiswa kupela ekukanyeni kwesi Pambano. Uma abantu bekuluma ngokuti u Nkulunkulu ulunge kakulir akanakusilahla isoni ababheke e Kalivari. Kwakungenxa yokuba ya ingeko enye indhlela owayengasinda ngayo umuntu ngokuba ngapandlile komnikelo kwakunqabile ukuba uluntu lusinde emandhleni angcolisayo esonor abuyiselwe ebudhlelaneni nabangcwele,—Kwakubanqabele futi ukuba babe ngabadhlelane bokupila komoya,—kwakungenxa yaloku ati u Kristu wawatatela pezu Kwake amacala alabo abangalaleliyo, ngokuhlupeka esikundhleni somoni. Utando, nokuhlupeka, nokufa kwe Ndodana ka Nkulunkulu konke kuyafakaza ubukulu bokwesabeka kwesono, kushumayela ukuti akuko ukupepa emandhleni aso, akuko temba lokupila oku, ngapezulu; kodwa ngako ukuzitoba kompefumulo ku Kristu.IEK 25.2

    Abangazisoliyo ngesinye isikati bazitetelela ngokukuIuma ngamakolwa bati, “O nami ngilunge njengabo nje. Nabo abahlali ngokuzitoba, ngokungapuzi, mhlaumbe bahlale bezilindile ezimilweni zabo ngapezu kwami. Bayatanda intokozo nokuzijabulisa njengami.” Ngokunjalo benza amacala abanye isitetelelo ngenxa ye ziposiso ngo msebenzi wabo. Kodwa izono, izikope zabanye aziteteleli muntu; ngokuba i Nkosi a isinikanga umfanekiso wenyama oposisayo. I Ndodana engenacapaza ka Nkulunkulu yanikwa njengomfanekiso, nalabo abatata ngendhlela engalungile yalabo abati banga makolwa, ngalabo abafanele ukubonisa ukupila ngcono. nemifanekiso emihle. Uma benomqondo opakeme kangaka waloko elifanele ukuba iko ikolwa, esabo isono akubonakali ukuba sikulu kakulu kunaloku? Bayakwazi ukwenza okulungileyo, kanti noko bayenqaba ukukwenza.IEK 26.1

    Xwayani ukubuyisela emva izikati. Musani ukubu yisela emva umsebenzi wokuyeka izono zenu nifune ukucweba kwenhliziyo ngaye u Jesu. Ilapa ke lapo inkulungwane zaposisa kona zalahleka okokupela. Angisoze lapa ngakuluma kakulu, ngobufnshane nangokungabazeka kokupila; kodwa kukona ingozi eyesabekayo,—ingozi engaqondwa ngokwaneleyo—uku libala ukuvuma elizwini elinxusayo loMoya oyi Ngewele ka Nkulunkulu, ukuketa ukuhlala esonweni; ngoba ke nem pela ukulibala kukuluma loko. Isono, noma sibukwa sisincane kangakanani singenziwa kube loko ukulahleka kompe fumulo okungenakupela. Okungehluliwe kuyakwehlula tina, kusebenze ukutshabalala kwetu.IEK 26.2

    U Adam no Eva bazikohlisa ngokuti odabeni oluncane kangaka olunje ngokudhla umuti owawenqatyiwe, akunakuvela udaba olubi kangaka njengalolo olwashumayelwa ngu Nkulunkulu. Kodwa loludaba oluncane lwalungu kweqa umteto ka Nkulunkuln ongapendukiyo, nocwebileyo, lwamehlukanisa umuntu ku Nkulunkuln, lwavula amasango omsinga okufa, nosizi olungakulumekiyo ezweni letu. Tzikati ngezikati kwenyukile kuvela emhlabeni wetu, ukukala okungayekiyo kokuzila, nayoyonke indalo yabubula, isosizini olukulu ndawonye nobuhlungu, njengempumelelo yokungalaleli komuntu. Izulu ngokwalo labuzwa ubuhlungu bokuhlubuka komuntu ku Nkulunkulu. I Kalivari emiyo njengesikumbuzo somnikelo omangalisayo owafunekayo ukuhlenga loko okwakulahlekile ngokweqa nmteto wa Pezulu. Isono masingasibheki njengodaba oluize.IEK 27.1

    Sonke isenzo sokwapula nmteto, konke ukunganakekeli mhlaumbe ukwenqaba umusa ka Kristu, kubuye kubuyele kuwe, kwenze lukuni inhliziyo, kutshonisa utando, kupelisa umqondo, kungakwenzi ukuba wenqabe ukuvuma kube kupela, kodwa kukwenza ukuba ungabi nawo amandhla okuvuma, ekunxuseni okutambileyo ko Moya oyi Ngewele ka Nkulunkuln.IEK 27.2

    Baningi abatanda ukutulisa isazelo ngomcamango wokuti bangaipendula indlilela ekohlakeleyo uma betanda; ukuti bangadhlala ngezimemo zomusa, baze Ba pinde uku ganda njalo. Bacamanga ukud bangeti ngemva kokudela u Moya womusa, ngemva kokulahla amandhla abo ngasecaleni lika Satana, ngomzuzwana wokutshetshisa masinyane bangapendula indlilela yabo. Kodwa loku akwenzeki kalula. Ukwazi, imfundo, yakokonke ukupila isibumbe ngokupeleleyo isimilo kangangokuba baingcosana abatanda ukwamkela umfanekiso ka Jesu.IEK 27.3

    Noma umunye umucu omubi esimilweni, imfiso eyodwa eyonakeleyo ehlale yongiwa ngasosonke isikati, uyakuhamba uhamba uwenze ize onke amandhla e Vangeli. Yonke intokozo embi iqinisa ukufulatela kompefumulo ku Nkulunkulu. Umuntu obonakalisa ubulunkuni bokungakolwa, mhlaumbe ukungalitandi okugxilileyo iqiniso la Pezulu, uvuna isivuno saloko akuhlwayeleyo yena ngokwake. Kulolonke i Baible asiko isiyalo esesabeka ngapezu kwalesi esiyala ekudhlaleni ngesono kunalamazwi omuntu ohlakanipile, okuti umoni “uyakubanjwa zintambo zezono zake.”1Imizekeliso 5. 22.IEK 28.1

    U Kristu ulungele ukusikulula esonweni; kodwa leyontando kaiqubi ngamandhla; kuti ke ngokweqa umteto ngaso sonke isikati intando ngokwayo ipendukele ebubini, singeze safisa ukuba sikululwe, uma asivumi ukwamkela umusa Wake ini enye angayenzayo Yena? Sizonakalisile ngokwetu ngokupikelela kwetu utando Lwake. “Bheka manje isikati esivumelekileyo; bheka namlila lusuku lwosindiso.”,2Kor. 6. 2. “Namhlanje uma nilizwa ilizwi Lake ningazenzi lukuni inhliziyo zenu.”3Heb. 3. 7. 8.IEK 28.2

    “Abantu babheka ukubonakala kwangapandhle, kodwa i Nkosi ibheka enhliziyweni,”41 Sam. 16. 7.—inhliziyo yomuntu; nenvalo zayo ezicindezelayo, zentokozo nezosizi —ukuzula kwenhliziyo elahlekayo elikaya lokungcola nenkohliso. Uyayazi imiqondo yayo nayo imicabango, nanamacebo ayo nge rapela. Hamba uye kuye ngompefumulo wako unamacapaza unjengokuba unjalo. Njengo Mculi; vula izindhlwana zayo kulo i Lisoelibona—konke, umemeze uti:—“Ngipenye o Nkulunkulu uyazi inhliziyo yami ngi linge uyazi imicabango yami; ubone ukuba kukona ini indhlela ekohlakeleyo kimi ungirole le endhleleni eya a ku pi leni.”1Umhlabeleli 139. 23-24.IEK 28.3

    Abaningi bamkela ubukolwa bengqondo. isimo nje sokulunga, kanti inhliziyo a ihlanzwanga. Makube ukukuleka kwenu ukuti:—“Dala inhliziyo ehlanzekileyo kimina O Nkulunkulu wenze mutsha umoya oqondileyo pakati kwami”2Umhlabeleli 51. 10. Sebenza ngeqiniso nompefumulo wako. Zimisele uwuyenge njengaloku ungenza njalo uma umpefumulo wako usengozini. Le indaba yokuba iqedwe pakati kwako no Nkulunkulu, nompefumulo wako, iqedwe ngonapakade. Itemba elicatyangelwayo, kungeko luto olungapezulu liyakukutshabalalisa.IEK 29.1

    Lifunde, i Lizwi lika Nkulunkulu ngokutandaza. Lelolizwi libeke pambi kwako emtetweni ka Nkulunkulu wokupila kuka Kristu, izinhloko ezinkulu zokucweba ekungati. ngapandlile kwazo “kungabiko umuntu oyakubona; i Nkosi”3Heb. 12. 14. Lehlula ngesono; libonakalisa ngokusobala indhlela yosindiso. Lilalele njenge lizwi lika Nkulunkulu likuluma empefumulweni wako.IEK 29.2

    Njengaloku ubona ubukulu besono, njengaloku uzibona njengaloku unjalo ngempela, musa ukupela itemba. Ngaboni eza kubasindisa u Kristu. Asimelwe ukuxolelanisa u Nkulunkulu kitina. kodwa Hai utando olumangalisayo! U Nkulunkulu ku Kristu uxolelanisa izwe kuye.42 Kor. 5. 19. Uyatshela ugo Tando Lwake olutambileyo izibliziyo zabantwana Hake abaposisayo. Akako umzali wasemhlabeni ongaba nesineke esinje namacala nesiposiso sabantwana Hake njengaloku enjalo u Nkulunkuln kulabo afuna ukubasindisa Vena. Akuko namunye ongancenga ngokutamba okungepezulu komonayo. Akuko mlomo pezu kwezake kodukileyo. Zonke izetembiso zake, izeluleko zake, zingu kupefumula kotando olungakulumekiyo.IEK 29.3

    Lapo u Satana ekutyela ukuba ungumoni omkulu, bheka pezulu ku Msindisi wako ukulume ngemisebenzi Yake. Loko okungakusiza ukubheka ekukanyeni kwake. Yuma isono sako kodwa tyela isita ukuba u “Kristu Jesu weza elizweni ukusiudisa, aboni.”11 Tim. 1. 15. Nokuti u ngasindiswa ngotando lwake olungena mlinganiso. U Jesu wabuza u Simon umbuzo ngababili ababenecala. O munye wayenecala enkosini yake lemali enkulu. kodwa wabatetelela bobabili u Kristu walmza ku Simon ukuti imupi kulaba abanecala owayitanda ngapezulu inkosi yake? U Simon wapendula wati:—“Yilowo emtetelele kakulu.”2Luke 7. 43. Sibesi ngaboni abakulu; kodwa u Kristu wafa ukuze sisindiswe sibuyiselwe ekuzwaneni nezulu. Ubulungisa Bake bodwa bungasinika amandhla okubasibe ngabantwana baka Nkulunkuln. Labo abatetelele kakulu bayakumtanda kakulu, bayakuma eduze kakulu nesihlalo sake sokubusa ukumbonga ngenxa yotando Lwake olukulu, nomnikelo ongenamkawulo. Kunjengaloku sirjonda utando luka Nkulunkuln esingaqondisisa kahle ububi besono. Uma sibona ubude bekatangwe elehliselwa tina nalapo siqonda uto ngomnikelo ongapelendawo u Kristu awenza ngenxa yetu, inhliziyo ingancibilika itambe ipenduke.IEK 30.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents