Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 14—UKUNGENA E JERUSALEM.

    U Jesu wa esesondela e Jerusalem eya kokudhla i pasika. Wa ezungezwe isixuku esikulu esasiya kulelidili elikulu leminyaka yonke.UUW 85.1

    Wa yala abafundi ababili ukuba balete izinyane lemboogolo ukuba akwele kuyo aye e Jerusalem. Bendhlala izingubo zabo pezu kwayo ba beka i Nkosi kuyo.UUW 85.2

    Wa nele wa kwela nje kwe zwakala ukumemeza okukulu kokunanela. Isixuku sati Bayede kuye njengo Mesiya i Nkosi yabo. Umprofeti wa ekade eshumayela ngalento ngeminyaka e amakulu a isihlanu eseyadhlula, wati: “Jabula ndodakazi yase Zion.... Bheka i Nkosi yako iza kuwe; . . . Itobile ikwele embongolweni, etoleni lembongolo.” Zakalia 9:9.UUW 85.3

    Bonke kuleso sixuku esasi kula njalo babe tokozile be pitizela. Babe ngenakumnika izipo ezibiza imali eningi, kodwa bendhlala izingubo zabo bazenza ukuko endhleleni. Baka amahlamvu amahle emiti yemihlwati nawe sundu bawa beka endhleleni. Babeti ba pelekezela u Krestu ukuba aye kotata isihlalo sobukosi sika Davida e Jerusalem.UUW 85.4

    UMsindisi wa engazange avumele abalandeli bake ba bonakalise uhlonipo lobukosi kuye. Kodwa ngalesisikati wa etanda ukuzibonakalisa kubantu ukuti ungu mblengi wabo.UUW 85.5

    Indodana ka Nkulunkulu ya isizoba umnikelo wezono za bantu. Ibandhla lake kuyo yonke iminyaka ezo landela lali zokwenza ukufa kwake kube into enkulu abayicabangayo kakulu bayifunde kakulu ngaleso sikati kwaku fanele ukuba amehlo abantu abhekiswe ngakuye.UUW 86.1

    Emva kwaloku ukumangalelwa kwake noku betelwa kwake kwaku ngasoze kwa fihlakala kubantu. Kwaku icebo lika Nkulunkulu ukuba kuti konke okwakwenzeka ezinsukwini zoku gcina zempilo ka Krestu zibe sobala ukuze angabibiko amandhla aya kukwenza kukohlakale.UUW 86.2

    Kwa kukona ofakazi bwa mandhla ake asebenza izibonakaliso kuso lesisixuku.UUW 86.3

    Izimpumpute ayezi vula amehlo azo zazi hola pambili.UUW 86.4

    Izimungulu ezase zi kuluma zazi memeza ohozana abakulu. Izinyonga aye zipilisile zazi xuma ngejabulo zi kutele kakulu ekwapuleni amahlamvu esundu ewa pepezelisa pambi kwake.UUW 86.5

    Abafelokazi nezintandane babe kulisa igama lika Jesu ngemisebenzi yake kubo yesihau.UUW 86.6

    Aba nocoko, abalovayo, ababe hlanzwe ngezwi babe ndhlala izingubo zabo endhleleni.UUW 86.7

    Ababe vuswe ekufeni ngokunikwa ukupila ngokomlomo wo Msindisi babe kona.UUW 86.8

    ULazarose omzimba wake wa usu bone etuneni kodwa owa ese tokoza ngamandhla endodana enhle wa enesixuku esitokozileyo, epelekezela u Msindisi beya e Jerusalem.UUW 86.9

    Umuntu wa yenele afike nje esixukweni atole umoya wa lelo hola abese memeza naye kuloko kumemeza okwankeneza emagqumeni nasezigodini.UUW 86.10

    Hozana kuyo indodana ka David ! Uya busiswa ozayo ngegama le Nkosi! Hozana kwelipezulu! UMateu 21 : 9.UUW 87.1

    Aba Farisi abaningi ba kubona loku ba cunuka. Babeti sebezo lahlekelwa ukubusa abantu. Balinga nga mandhla abo onke ukuba tulisa; kodwa ukusonga kwabo nokuyala kwabo kwabenza ukuba ukwenza kwabo kuqubekele pambili.UUW 87.2

    Bebona ukuti abanakubatulisa abantu, ba dabula pakati kwesixuku ba qonda lapa kwaku kona u Jesu bati kuye.UUW 87.3

    “Mngane, tulisa abafundi bako.” Baqinisa ngokuti isixuku esinje asifanele ngo komteto, sasi ngena ku vunyelwa ababusi.UUW 87.4

    U Jesu wapendula wati “nginityela ukuti uma be tula laba kunga kala amatye kona manje.” ULuka 19 : 39, 40.UUW 87.5

    Lesi sibonakaliso sokunqoba sasi ketwe u Nkulunkulu, abaprofeti babe profete ngaso, kwakunge koke amandhla ase mhlabeni aye ngase asi nqamule. Umsebenzi ka Nkulunkulu uya ku hamba napezu kwako konke umuntu angakwenza ukuba awuvimbele awuwise.UUW 87.6

    Ngokuqamuka komgqumo egqumeni elali bheke i Jerusalem babona ubuhle bonke bomuzi. Isixuku esikulu sa yeka ukumemeza bebanjwe batiwa ngqi ubuhle obwa shesha bwavela. Onke amehlo apenduka abheka uMsindisi eti azo bona ebusweni bake ukubuka kokutusa okwaku kubona.UUW 87.7

    U Jesu wema kwase kuba kona ifu loku dabuka ebusweni bake isixuku sa mangala simbona ese qumuka ekala.UUW 87.8

    Ababe mzungezile uMsindisi aba kuqondanga ukuhlupeka kwake, kodwa wa ekalela umuzi owa usuwa hlulelwe, ukubhujiswa. Wa ukade ungumntwana aye mondhla, inhliziyo yake yagcwala u munya lapa eseqonda ukuti usuzo citeka.UUW 89.1

    Uma abantu bawo babe lalele izifundiso zika Krestu bamamkela abe uMsindisi wabo, iJerusalem “laliyokuma kuze kube pakade.” Mhlaumbe lali yoba inkosikazi (u Kwini) yemibuso ; likululekile emandhleni okubusa kwalo elakupiwa u Nkulunkulu. Kwa kunge yubako mabuto ahlomileyo amiyo ema sangweni alo, kungeko zindwangu zama Roma zipepezela ezindongeni zalo.UUW 89.2

    Ijuba lokutula laliyo hamba kuzo zonke izizwe lisuka e Jerusalem. Lali yoba ubukosi obunomqele bwezwe.UUW 89.3

    Kodwa aba Juda babe mdelile uMsindisi ; basebezobulala iNkosi yabo. Kwakuzoti uma se ku shone ilanga ngabo lobo busuku ukulahlwa kwe Jerusalem kwakuzo valwa.*Ngeminyaka emashumi amane ngasemva, iJerusalem labujiswa nya, lashiswa ngomlilo amaRoma.UUW 89.4

    Kwafika amazwi okubika kubabusi ukuti uJesu useya sondela emzini uhamba nesixuku esikulu saba landeli. Ba puma beya ku mhlangabeza beti bazo sakaza isixuku. Betanda ukukombisa amandhla abo babuza bati:—UUW 89.5

    “Ubani lo ?” UMateu 21:10.UUW 89.6

    “Abafundi begcwele u Moya wokuvuswa bapendula bati uAdam uyanityela uyinzalo yomfazi eyakutyaya ikanda lenyoka.”UUW 89.7

    “UAbraham uya kukutyela ungu Melkisedek iNkosi yase Salem iNkosi yokutula.”UUW 89.8

    “UJakobe uyokutyela ukuti ungu Shayilo wesizwe sika Juda.”UUW 90.1

    “UIsaya uyakukutyela ukuti Immenuli, UmMangaliso, u Meluleki, uNkulunkulu onamandhla, uBaba omakade, iNkosi yokutula.”UUW 90.2

    U Jeremia uyakukutyela ukuti “Igatya lika David iNkosi ukulunga kwetu.”UUW 90.3

    UDanyela wokutyela ukuti “UMesiya.”UUW 90.4

    “UHosiya uyokutyela ukuti uJehova uNkulunkulu weMikosi, iNkosi iyi nkumbuzo yake.”UUW 90.5

    “UJohane uMbhapatisi uyo kutyela ukuti uyi Cwane lika Nkulunkulu eli susa isono sezwe.”UUW 90.6

    “UJehova omkulu uti esesi hlalweni sake sobukosi. Lo iNdodana Yami etandeweyo.”UUW 90.7

    “Tina bafundi bake siti Lo uJesu uMesiya, iNkosi yokupila, uMhlengi.”UUW 90.8

    “Futi iNkosi yamandhla obumnyama iya vuma iti, ngiya kwazi wena ukuti ungu bani, ungo yi ngcwele ka Nkulunkulu!”UUW 90.9

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents