Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 18—UKUNIKELWA NOKUBANJWA.

    Kwati lapa u Jesu ehlangabezana nabamnikelayo kwakungeko okubonisa ukuhlupeka kwake ayesandukuba nako. Emi ngapambi kwabafundi bake wabuza ababambi wati:—UUW 113.1

    “Nifuna ubani na ?”
    “Bapendula bati u Jesu wase Nazareta.”
    U Jesu wati, “ngi uye.” Johane 18 : 4, 5.
    UUW 113.2

    Esakuluma lamazwi u Jesu, ingelosi eyayikade imkonza yema pakati kwake nababambi. Ukukanya kobutixo kwakanyisa ubuso bo Msindisi wambozwa into enjenge juba.UUW 113.3

    Isixuku sababulali sasingenakuma pambi kwalokukukanya kwangapezulu nesincane isikati. Bantenga babuyelemuva. Abapristi namalunga namabuto bawapansi njengabantu abafileyo.UUW 113.4

    Ingelosi yesuka ukukanya kwapela, u Jesu wa engase abaleke kepa wema watula enokuzi bamba. Abafundi bake bamangala kwala noma bakulume.UUW 113.5

    Amabuto amaRoma ema ngezinyawo masinyane. Babutana bazungeza u Krestu benabapristi no Judas. Babukeka sengati banamahloni ngobutakataka bwabo, besaba ukuti uzobaleka. U Msindisi wabuye wabuza lombuzo futi:—UUW 113.6

    Nifuna ubani na ?
    Babuye bapendula bati, “u Jesu wase Nazareta.”
    UUW 114.1

    U Msindisi wa eseti nginityelile ngati ngi uye. Uma nifuna mina, yekani laba (ekomba abafundi bake) bahambe. Johane 18 : 7, 8.UUW 114.2

    Ngalesisikati sokulingwa u Krestu wa ecabanga ngabafundi bake abatandekayo. Wa engafuni ukuba bahlupeke nokuba yena ezofakwa etilongweni abulawe.UUW 114.3

    U Judas umnikeli aka kohlwanga ayezo kwenza yena. Wasondela ku Jesu wamanga.UUW 114.4

    U Jesu wati kuye, mhlobo uvelapi ? UMateu 26 :50. Izwi lake laqaqazela lapa eti, uyayibetela i Ndodana yomuntu ngokwanga ? ULuka 22 : 48.UUW 114.5

    Lamazwi atambileyo aeyoyihlaba inhliziyo ka Judas; kodwa konke ukutamba nenhlonipo kwakungati sekusukile kuye. U Judas wazinikezela ekubusweni u Satani. Wema ngesibindi pambi kwe Nkosi akaze aba namahloni okumnikela ezandhleni zababambi bake abanonya. U Krestu akakwalanga ukwangiwa umnikeli. Ngaloku waesinika isibonelo sokubekezela notando nesihau. Uma singabafundi bake masipate izita zetu njengokupata kwake u Judas.UUW 114.6

    Isixuku sababulali sabanesibindi lapa sibona u Judas epata umuntu owa ekade edunyisiwe pambi kwamehlo abo. Bambamba u Msindisi bambopa lezo zandhla ezazi kade zisebenza okulungileyo ngaso sonke isikati.UUW 114.7

    Abafundi babe ngacabangi ukuti u Krestu uyozivumela ukuba atatwe. Babe kwazi ukuti amandhla angawisa pansi ababambi njengabantu abafileyo, anga benza bahlale bengati diki, baze babaleke bona (abafundi) no Krestu.UUW 114.8

    Bejabha batukutela lapa bebona kutatwa izintambo ukuba ziyo bopa izandhla zalowo ababe mtanda kangaka. U Peter ngokutukutela kwake watata inkemba walinga ukuvikela i Nkosi yake. Wanquma indhlebe yenceku yompristi omkulu nje.UUW 115.1

    U Jesu ekubona okwenzakeleyo wakulula izandhla zake nokuba zazibanjwe zatiwa ngqi amabuto amaRoma, eti, vumela loku nje (uLuka 22 : 51), wapata indhlebe elimeleyo wayipolisa ngaso lesosikati. Wa eseti ku Peter, buyisela inkemba yako endaweni yayo, ngoba abapata inkemba bayakufa ngenkemba. Awucabangi ukuti ngingakuleka ku baba angipe isixuku ezingapezu kweshumi nambili zezingelosi. Kodwa imibhalo iyogcwaliseka kanjani, ukuti kufanele ukuba kubenje. UMateu 26 :54. Isitya u baba anginike sona angiyikusipuza na ? Johane 18:11.UUW 115.2

    U Krestu wa esependukela kubapristi abakulu nezinduna zetempeli ababe nababambi wati. “Nize sengati nizobamba isela nipete izinkemba nezinduku ukuzo tata mina ? Ngangi nani zonke izinsuku etempelini ngifundisa aningitatanga; kodwa Imibhalo ifanele ukugcwaliseka.” UMarko 14: 48, 49.UUW 115.3

    Abafundi bacunuka lapa bebona ukuti u Msindisi akayenzi neyodwa imizamo yokuzi kulula eziteni zake. Bamsola ngokungakwenzi loko. Abaqondanga ngokuvuma kwake atatwe izigebenge, base bemshiya babaleka benovalo olukulu.UUW 115.4

    U Krestu wa esekulume ngapambili ngalokukushiywa. Wa ete, “Bhekani isikati siyeza sesifikile lapa niyaku- hlakazeka, kube ilowo aziyele kweyake indawo ningishiye ngedwa. Noko angi ngedwa ngokuba u Baba u nami.” Johane 16: 32.UUW 115.5

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents