Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    IZIHLOHO 23—WALAHLWA U PILATU.

    EKUBUYENI kwaba Juda ku Herodi baleta u Msindisi ku Pilatu futi, watukutela wababuza wati bafuna ukuba enzeni. Wabakumbuza ukuti usemhlolile u Jesu, akafumanisanga. cala kuye. Wabatyela ukuti balete izinsolo zabo abamsola ngazo, kodwa babe ngenakuzicasisa pambi kwake.UUW 141.1

    Futike babe myise ku Herodi, owa engum Juda, njengabo, naye akaze atola luto afanele ukubulawa ngalo. Kodwa ukuzeatokozise abamcebayo wati:—UUW 141.2

    “Ngako ngizomshaya, ngimkulule.” ULuka 23 :16. Lapake u Pilatu wabonakalisa ubutakataka bake. Wa esevumile ukuti u Krestu akanacala; wa esemshayelani po ? Kwaku ukuvumelana nobubi. Aba Juda abakukohlwanga loku ngaso sonke isikati sokutetwa kwecala. Basebesabisa umbusi wama Roma, manjeke baquluselela ituba labo baze batola ukulahlwa kuka Jesu.UUW 141.3

    Isixuku samemeza kakulu siti, asibulawe isiboshwa.UUW 141.4

    Wati lapa u Pilatu engabaza ngazo kwenza, kwaletwa kuye incwadi ivela kumkake iti:—UUW 141.5

    “Ungenzi luto kulowomuntu olungileyo ; ngokuba ngihlupeke kakulu ngaye epupweni nambla nje.” UMateu 27 :19.UUW 141.6

    U Pilatu ezwa lendaba wapenduka wabamhloshana ; kodwa ukumemeza kwezigebenge kwakula lapa bebona ukungabaza.UUW 142.1

    U Pilatu wabona ukuti kukona okufanele ukwenziwa. Kwaku umkuba ukuba kuti ngesidhlo sepasika, kukululwe esinye isiboshwa, esoketwa abantu. Amabuto ayesandu kubamba umpangi owazekayo ogama lake lingu Barabasi. Wa engu muntu omubi ngokupansi engambulali. Ngako u Pilatu wapendukela esixukwini wati ngenhliziyo yake yonke:— UUW 142.2

    “Nitanda ukuba ngi nikululele bani, u Barabasi noma u Jesu okutiwa u Krestu.” UMateu 27 : 17.UUW 142.3

    Bapendula bati, “Bulala lomuntu usikululele u Barabasi.” ULuka 23 : 18.UUW 142.4

    U Pilatu watula ngenxa yokumangala nokujabha. Ngokuvumela ukunquma kwake nokuncenga kwabantu, walahlekelwa ukupakama kwake, nokubusa isixuku. Emva kwaloku, wa ese imbazo yabo nje. Bamenza enze intando yabo. Wa esebuza eti:—UUW 142.5

    “Ngi yakwenzanike ngo Jesu otiwa u Krestu?”
    Bapendula kanje bati:—“Makabetelwe.”
    Umbusi wati, “Wenzeni embi ?”
    “Bamemeza kakulu beti makabetelwe,” UMateu 27 : 22, 23.
    UUW 142.6

    Isihlati sika Pilatu sapapateka, lapa ezwa lokukumemeza okwesabekayo kokuti “Makabetelwe.” Wa engazange ecabanga ukuti sekuzo fika kuloko. Wa esesho futi futi eti u Jesu akana cala noko abantu babe qonde ukuba ezwe lobubuhlungu obwesabekayo. Wa esepinda futi eti.UUW 142.7

    “Wenzeni embi na ?”UUW 143.1

    Futi kwezwakala loku kumemeza okubi kokuti, “Mbeteleni, Mbeteleni.”UUW 143.2

    U Pilatu, walinga kanye ukuba avuse isih.au sabo. U Jesu watatwa esenesi yezi sokukatala esenezingozi yonke indawo, washavwa pambi kwabamcebayo.UUW 143.3

    “Amabuto eluka umqele wameva awufaka ekanda lake, bamembatisa ingubo ebomvu, bati, Bayete Nkosi yaba Juda! bamshaya ngezandhla zabo.” Johane 19 :2, 3.UUW 143.4

    Bamfela ngamate, omunye umuntu omubi wahlwita umhlanga owa ukade ubekwe esandhleni sake, washaya umqele owa usebunzini lake anneva angena pakati, kopisa igazi lehla ebusweni bake nasesilevwini.UUW 143.5

    U Satani wayehola amabuto atukuteleyo ekwetukeni u Msindisi. Kwa kuyicebo lake ukuba kucunulwe u Jesu aze apindise uma kungenzeka, noma acindezelwe ukuba azikulule ngokwenza isibonalcaliso, anqume icebo losindiso. Icashazaua nje empilweni yake yobuntu, nokwahluleka okukodwanje kokuba abekezele ukulingwa okwesabekayo, iCwane lika Nkulunkulu lali yoba umnikelo ongapelele, nokuhlengwa kwabantu, kube ize.UUW 143.6

    Kodwa yena owa engayala imikosi yase zulwini, ngesikasliana ibize izixuku zezingilosi ukuba zizekomsiza, yena owa engase ahlule ngokushesha izigebenge ezinolaka, wa engase alahle pansi ababemhlupa ngokunyazima kobukosi bake nje,—watobela ukweyiswa okubi kakulu nonya olukulu ngokupakama okukulu.UUW 143.7

    Njengokuba izenzo zokumhlupawabo zababekezela pansi kobuntu, babanjo ngo Satani uqobo lwake, kunjaloke nobunene nokubekezela kuka Jesu kwamupakamisa ngapezu kobuntu kwabonakalisa ukusondelana kwake no Nkulunkulu.UUW 143.8

    U Pilatu wahlatywa kakulu ukubekezela ko Msindisi okwakungenansolo. Watumela u Barabasi ukuba aletwe enkantolo; wa esebeka iziboshwa zombili zimi zilinganisene. Ekomba ku Msindisi, wati ngezwi lokuncenga okukulu, “Bhekani umuntu.” “Ngimleta kinina ukuze nazi ukuti angifumani cala kuye.” Johane 19 : 5, 4.UUW 144.1

    Yema lapo i Ndodana ka Tixo, igqoke ingubo yombhinqo nomqele wameva. Ekunyulwe kwaze kwafika esiswini, umhlana wake waunemivimbo yonya emide, okwakopa igazi kakulu kuyo, ubuso bake bwabunindeke ngegazi, bwabubonakalisa ukupelamandhla nobuhlungu ; kodwa bwabungazange bube buhle kunaloko obwabuyiko. Zonke izinto zobuso bake zazi kombisa ukutamba nokuzidela nesihau esikulu eziteni zake ezinolaka.UUW 144.2

    Isiboshwa esasiseduze kwake sasahlukile kakulu. Imibimbiyobuso bake yayikombisa ubulukuni nobubi ayeyibo.UUW 144.3

    Pakati kwazo izibukeli kwa kukona ababemdabukela u Jesu. Nabapristi nababusi uqobo, ba bona ukuti wa yeyi loko ayeti u yiko. Kodwa noko abavumanga. Basebenze isixuku, esa sigebenga u Jesu satukutela ngokuhlanya, basebe memeza futi abapristi nababusi nabantu bati:—UUW 144.4

    “Mbeteleni, Mbeteleni!”UUW 144.5

    Ekugcineni, u Pilatu eselahlekelwe yiso sonke isineke ngezinhliziyo zabo ezazi ngenasizatu, nokutukutela kwempindiso u Pilatu wati kubo :—UUW 144.6

    “Mtateni, nimbetele; ngoba angifumani cala kuye.” Johane 19 : 5, 6.UUW 144.7

    U Pilatu walinga ngamandhla ukukulula u Msindisi: kodwa abaJuda bamemeza beti:—UUW 145.1

    “Uma uyeka lomuntu ahambe, awusiso isihlobo sika Siza; ozenza inkosi ulwano Siza ?” Johane 19 :12.UUW 145.2

    Loku kwamtinta u Pilatu endaweni etambileyo. Umbuso wase Roma wausumsola kadeni, wazike ukuti uma kuletwa okunje ngaye, uyopela.UUW 145.3

    U Pilatu esebonile ukuti anakuvimbela luto kungenzeki msindo, watata amanzi, wageza izandhla zake pambi kwesixuku eti:—“Anginacala egazini lalomuntu ongenacala ziboneleni nina.” UMateu 27 : 24.UUW 145.4

    Kwaba yize ukulinga kuka Pilatu ukuzi kulula kulobububi bokulahla u Jesu uma wa eke wenza ngokushesha waqinisa kona kuqala, wenza ayecabanga ukuti kuhle, wa engeke ehlulwa ilaba bantu; babe ngeke bakucabange ukumyala. Ukungaqini nokungabaza kwake kwabonakala kumvezela incitakalo.UUW 145.5

    Wabona ukuti akanakumkulula u Jesu abuye adhlule asibambe isikundhla sake nodumo lwake. Kunokuba alahlekelwe amandhla ake asemhlabeni, waketa ukunikela ukupila kwake okungenacala. Evuma kuloko okwakufunwa isixuku wapinda washaya u Jesu wamnikela ukuba abetelwe Kodwa pezu kwako konke aye kubhekile, yona leyonto ayeyesaba, yamfikela kamva. Wepucwa udumo lwake, wehliswa esikundhleni sake, esuselwa ukona, nokuzidhla okwakuna-manxeba, wazibulala ku ngakabi isikati u Jesu ebetelwe. Ngako bonke abavuma isono bozuza usizi nencitakalo. “Kukona indhlela ebukeka inhle kumuntu kodwa isigcino sayo siyizindhlela zokufa.” Amazwiahla 14 :12.UUW 145.6

    Kwati lapa u Pilatu eti akanacala ngegazi lika Krestu, uKayifasi wapendula ngokwedelela, igazi lake alibe pezu kwetu nabantwana betu. UMateu 27 : 25. Nalawo mazwi amabi apindwa abapristi, abuye apindwa abantu futi. Kwaku ukuzinqumela okwesabekayo. Kwaku ifa elibi lokuba balehlisele enzalweni yabo.UUW 146.1

    Loku kuboniswa ezincwadini ukugcwaliseka kwako, ngokubhujiswa okwesabekayo kwe Jerusalem, sekudhlule iminyaka e amashumi amane.UUW 146.2

    Kuya kupindwa kugcwaliseke ngokwesibili lapa sekuyo bhalwa okokugcina. Isibonakaliso siyakuguqulwa, nalo Jesu uyakuza, ngomlilo ovutayo nokupindisa kulabo abangamazi u Nkulunkulu. Imisebenzi 1 :11; 2 Tesalonika 1: 8.UUW 146.3

    Ngaleso sikati bayakutandaza ematyeni nasezintabeni betiUUW 146.4

    Yiwani pezu kwetu nisimboze singabuboni ubuso bohlezi esihlalweni sobukosi, naso lakeni lwe Cwane, “ngokuba usuku olukulu lolaka luyeza.” Isambulo 6 16, 17.UUW 146.5

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents