Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Izingelosi Ezimbi liphikisaBi HamaseHB kaHkulBBkalu

    Omoya ababi, ababedalwe bengenasono ekuqaleni, babelingana nezidalwa eziyizithunywa zikaNkulunkulu ngokwemvelo, amandla nenkazimulo. Kodwa njengoba sebawela esonweni, bahlanganele ukuhlazisa uNkulunkulu nokonakalisa abantu. Babambisene noSathane ekuhlubukeni nasekulweni nomthetho wasezulwini.IE 24.1

    Umlando otholakala eTestamenteni eliDala, uyakhuluma ngalabo moya, kodwa ngesikhathi uKristu esemhlabeni omoya ababi bazibonakalisa ngendlela egqamile. UKristu wayezele ukusindisa abantu. USathane wazimisela ukubusa umhlaba. Wayephumelele ukufaka ukukhonzwa kwezithixo emhlabeni wonke ngaphandle kwasePalestina. Kulelizwe okuphela kwalo elalingazinikele ngokuphelele kumlingi, uKristu wafika, elula izingalo zaKhe zothando, emema bonke ukuba bathole ukuthethelelwa nokuthula kuYena. Imikhosi yobumnyama yavele yabona ukuthi uma umsebenzi kaKristu ungase uphumelele, kwakuzokusho ukuphela kombuso wabo.IE 24.2

    ITestamente eliSha lisho ngokusobala ukuthi abantu babengenwa amadimoni. Abantu abagula ngalendlela, ukugula kwabo kwakungesikho nje okwemvelo; uKristu wakubona ubukhona nokusebenza komoya ababi. Ababenamadimoni kwelaseGadara, besangene, bezigingqagingqa, bekhihliza amagwebu, babezihlukumeza bona kanti futhi bebeka nabanye abangase bahlangane nabo engozini. Imizimba yabo eyophayo, eyonakalisiwe, nezingqondo zabo ezisangane, kwakuyinto ethandekayo kumbusi wobumnyama. Elinye lamadimoni elalisemntwini lathi: “Ngingu Ligiyoni, ngokuba sibaningi,” Marko 5:9. Emabuthweni amaRoma, iligiyoni lalakhiwa ngabantu abaphakathi kwezinkulungwane ezintathu nezinhlanu. Ngokuyala kukaJesu, labo moya ababi baphuma ebantwini, bebashiya bethobekile, besengqondweni, futhi bemnene. Kodwa amadimoni akhalakathisela umhlambi wezingulube olwandle. Abantu baseGadara bakubona lokho kulahlekelwa kunesisindo esikhulu ukwedlula isibusiso esasiphiwe uKristu; uMelaphi wasezulwini waxoshwa kuleyondawo, (Bheka kuMathewu 8:23- 34). Ngokusola uJesu ngokulahlekelwa kwabo, uSathane washoshozela ukuzicabangela novalo Iwabantu, wabavimbela ukuba bangabe besawezwa amazwi aKhe.IE 24.3

    UKristu wabavumela omoya ababi ukuthi bashabalalise izingulube ukuze ngaleyondlela akhuze amaJuda ayesefuya izilwane ezingahlambulukile ngoba nje efuna inzuzo. Ukuba uKristu wayengawavimbanga amadimoni, ayengezugcina ngokukhalakethisela izingulube olwandle, kodwa nabazelusile kanye nabaninizo.IE 25.1

    Phuzu kwalokho, lesehlakalo savunyelwa ukuze abafundi babone isihluku sikaSathane ebantwini nasezilwaneni, ukuze bangakhohliswa ngobuqili bakhe. Futhi kwakuyinhloso kaKristu ukuthi abantu babone amandla aKhe okubakhulula ebugqilini bukaSathane. Yize uJesu uqobo wemuka, labantu ababephiliswe ngendlela emangalisa kanje, basala bememezela umusa waLowo obakhululile.IE 25.2

    Nezinye izehlakalo zibhaliwe futhi: Indodakazi yowesifazane waseKhenani eyayihlushwa kabi yidimoni elakhishwa uJesu ngezwi laKhe (Marko 7:25-30); insizwa eyayinomoya owawuke “uyiphonse emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise” (Marko 9:17-27); onedimoni owayehlushwa umoya wedimoni elingcolile, owathikameza ukuthula kweSabatha eKapernawume (Luka 4:33- 36)—bonke laba baphiliswa nguMsindisi. Cishe kuzo zonke izehlakalo, uKristu wayekhuluma nedimoni njengelinengqondo, eliyala ukuthi lingaphindi lihlukumeze umuntu. Ababezokhonza eKapernawume “behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume.” Luka 4:36.IE 26.1

    Abanye abantu babekujabulela ukusetshenziswa nguSathane ukuze babe namandla angaphezu kwawabantu. Lokhu-ke kwakungashayisani namadimoni. Phakathi kwalabantu kwakukhona ababenomoya wokubhula—uSimoni oyisanusi, uElymas isanusi, nentombazane eyalandela uPawulu noSila eFilipi. (Bheka iZenzo 8:9,18; 13:8; 16:16-18).IE 26.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents