Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukungcweliswa KwaseBhayibhelini

    Ukungcweliswa kubandakanya yonke impilo yomuntu— umoya, umphefumulo, nomzimba, (Bheka kwabaseThesalonika 5:23). AmaKristu ayanxuswa ukuthi anikele ngemizimba yawo “ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu,” (amaRoma 12:1). Sonke isenzo esikhubaza amandla omzimba noma engqondo, senza ukuthi umuntu angafaneleki umsebenzi woMdali wakhe. Labo abathanda uNkulunkulu ngezinhliziyo zabo zonke bazolokhu befuna ukwenza wonke amandla abo ahambisane nemithetho ekhuthaza ikhono labo lokwenza intando yaKhe. Ngeke bafiphaze noma bangcolise umnikelo abawuletha kuBaba wabo wasezulwini ngokuzitika okweqile ngokudla noma ngezinkanuko.IE 71.2

    Sonke isenzo sokuzithokozisa okuyisono silalisa futhi sibulale ukukhalipha komqondo nomphefumulo; iZwi noma uMoya kaNkulunkulu uzoyithinta ngendlela engenamandla leyo nhliziyo. “ Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu,” (2 Korinte 7:1).IE 71.3

    Bangaki abazibiza ngamaKristu abonakalisa umfanekiso wabo owenziwe ngokaNkulunkulu ngokuminza kwabo, ngokuphuza iwayini, ngokuzithokozisa ngalokho okungavunyelwe. Futhi izikhathi eziningi amabandla ayabukhuthaza ububi ukuze kungene imali esikhwameni sebandla ebesifanele ukugcwaliswa yilabo abanothando lukaKristu. Ukuba uJesu ubengangena emabandleni anamhlanje abone amadili alapho enziwa egameni lenkolo, ubengeke yini abaxoshe labo abangcolisa izindlu zokukhonza ngendlela efanayo axosha ngayo ababethengisa ethempelini? IE 72.1

    “Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu,” (1 Korinte 6:19,20). Lowo omzimba wakhe uyithempeli likaMoya oNgcwele ngeke agqilazwe ngumkhuba olimazayo. Amandla akhe akaKristu. Impahla yakhe ekaNkulunkulu. Angawuchitha kanjani umcebo ongaka? IE 72.2

    Abantu abazibiza ngamaKristu, minyaka yonke bachitha imali eningi ngemikhuba elimazayo. Baphanga uNkulunkulu ngokweshumi neminikelo ngokuchitha imali eningi e-altare lezinkanuko ezilimazayo ngaphezu kwaleyo abayinikela ukuze kusizakale abampofu kanye nomsebenzi wevangeli. Ukuba bonke abazibiza ngoKristu bebengcwelisekile ngempela, imali yabo, esikhundleni sokuthi ichithwe ngemikhuba elimazayo nengadingeki, beyizofakwa esikhwameni sikaNkulunkulu. AmaKristu abezokuba yisibonelo sokuzithiba nokuzidela. Ngaleyo ndlela abezokuba ukukhanya kwezwe.IE 72.3

    “Inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila” (1 Johane 2:16) kubusa abaningi. Kodwa abalandeli bakaKristu babizwe ngobizo olungcwele. “ Phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo.” Kulabo abalalelayo, isithembiso sikaNkulunkulu kubona sithi: “Ngiyakunamukela, ngibe nguYihlo kini, nina nibe ngamadodana namadodakazi kimi, isho iNkosi uSomandla,” (2 Korinte 6:17,18).IE 73.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents