Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isimemezelo Sesijeziso Kubahlubuki

    INdodana kaNkulunkulu iyagcotshwa phambi kwabahlali basemhlabeni nabasezulwini. Manje, iNkosi yamakhosi seyiphethe ubukhosi namandla, imemezela isijeziso kubahlubuki abeqe umthetho waKhe, bacindezela abantu Bayo. “Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba, akutholelwanga indawo. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo,” (iSambulo 20:11,12).IE 116.3

    Ngesikhathi iso likaJesu libuka ababi, bakhumbula isono ngasinye abake basenza. Bayabona lapho izinyawo zabo zaphambuka khona endleleni yobungcwele. Izilingo ezilahlekisayo abazikhuthaza ngokwenza isono, izithunywa zikaNkulunkulu abazibukela phansi, izixwayiso abazenqaba, umusa abawuyeka ngenxa yezinhliziyo ezinenkani nezingaguqukanga—konke lokhu bakubona sengathi kubhalwe ngamagama omlilo.IE 116.4

    Phezu kwesihlalo sobukhosi kuvela isiphambano. Njengesithombe sividiyo, kuvela umbono ngokuwa kuka Adamu nezinyathelo zecebo losindiso ngokulandelana kwazo. Ukuzalwa koMsindisi ngendlela ethobekile; impilo yaKhe elula; ukubhabhadiswa kwaKhe emfuleni iJordani; ukuzila kwaKhe ukudla nokulingwa kwaKhe ehlane; umsebenzi waKhe embulela abantu izibusiso zasezulwini; izinsuku ezazigcwele imisebenzi yomusa, ubusuko bomthandazo entabeni, amacebo amabi enzondo nomona okwaba ngumvuzo waKhe ngokulunga kwaKhe; ukukhathazeka komphefumulo waKhe eGethsemane esindwa ngumthwalo wezono zomhlaba; ukukhashelwa kwaKhe kubabulali; izigigaba zalobo busuku obushaqisayo—eyisiboshwa esingenamzabalazo, eshiywe ngabafundi baKhe, ethweswa icala esigodlweni somprisit omkhulu, endlini yokwahlulela kaPilatu, phambi kwegwala uHerodi, kuhlekiswa ngaYe, ethukwa, ezwiswa ubuhlungu, wagcina ngokugwetshwa ukufa—konke lokhu kuyabuya ezingqondweni. Manje-ke, phambi kwezixuku, kubonakaliswa izehlakalo zokugcina: ehamba ngokubekezela indlela eya eKhalvari; iNkosi yezulu ilenga esiphambanweni; abaprisit norabi bekolodela ukufa kwaKhe; ubumnyama obungejwayelekile obabusho umzuzu aphefumula ngawo okokugcina.IE 117.1

    Konke kubonakala ngendlela okwenzeka ngayo. Usathane nabalandeli bakhe abanamandla okufulathela lomfanekiso. Yilowo nalowo muntu owaba nesabelo kukho konke, ukhumbula kahle into ayenza. UHerodi, owabulala abantwana baseBethlehema abangenacala; uHerodiya ongenasimilo owenza ukuthi kubulawe uJohane umbhabhadisi; uPilatu ongenamgogodla nowayezama ukuthenga isikhathi; amabutho ayehlekisa ngaYe, isixuku esasisangene simemeza sithi: “Igazi laKhe alibe phezu kwethu nabantwana bethu!”— bonke bazama ukuzifihla ebusweni baKhe bobukhosi, ngesikhathi abasindisiwe belahla imiqhele yabo ezinyaweni zoMsindisi, bememeza bethi “Wafela mina!”IE 118.1

    UNero ukhona lapho, lowomuntu wesihluku nenkohlakalo, ebona sekuphakanyiswa labo ayejajuliswa ukubabona behlukumezeka. Unina naye, ubona umsebenzi wakhe, isihluku esakhuthazwa ngumthelela wakhe saze sathela izithelo zobugebengu obashaqisa umhlaba.IE 118.2

    Bakhona lapho abapristi bakaPhapha nabefundisi ababezibiza ngokuthi bangamanxusa kaKristu, kodwa besebenzisa isihluku esinjengombhede wezipikili, ijele lasemgodini nomlilo ukubusa phezu kwabantu bakaNkulunkulu. Bakhona lapho oPhapha abaziphakamise ngaphezu kukaNkulunkulu, besho nokuthi ba[negunya lokuguqula umthetho wePhezukonke. Labo ababezibiza ngokuthi bangobaba bamakholwa, kuzodingeka bachaze kuNkulunkulu. Bayobona sekudlule isikhathi ukuthi Yena owazikonke unesikhwele ngomthetho waKhe. Bayabona manje ukuthi uKristu uzihlanganise nabantu baKhe abahluphekayo.IE 119.1

    Bonke abantu bomhlaba abenza okubi bathweswa icala lokuvukela umbuso wasezulwini. Abanaye ozobancengela; abanazaba; bathola isigwebo sokufa okuphakade.IE 119.2

    Ababi bayabona abalahlekelwe yikho ngohlubuko Iwabo. Uzwakala ekhala omunye wabalahliwe, ethi: “Ngabe ngiyakuthola konke lokhu. Ngazilibazisa ngeze! Esikhundleni sokuthula, injabulo, nokuhlonipheka ngalibala yize, ngazithathela ukungabi nathemba.” Bonke bayobona ukuthi ukuvalelwa kwabo ngaphandle kwezulu kufanelekile. Impilo ababeyiphila yayithi: “Asifuni ukuba lomuntu (uJesu) abuse phezu kwethu.”IE 119.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents