Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Umusa Bvela kuKristu

    UKristu ufaka ngaphakathi komuntu ubutha ngoSathane. Ngaphandle komusa oletha inguquko namandla emvuselelo, umuntu ubezoqhubeka abe yisigqila esilhlale silindele ukwenza okushiwo nguSathane. Kodwa umthetho omusha emphefumuiweni wakha ubutha; amandla esiwaphiwa nguKristu enza sikwazi ukumelana nesiqhwaga. Ukuzonda isono esikhundleni sokusithanda, kutshengisa ukusebenza komthetho ovela ngaphezulu.IE 18.3

    Ubutha phakathi kukaKristu noSathane babonakala ngokusobala endleleni umhlaba owamukela ngayo uJesu. Ubumsulwa nobungcwele bukaKristu bamlethela inzondo yabantu abangenaNkulunkulu. Ukuzidela kwaKhe kwakuyisicunulo kwabaziphakamisile nabaqhutshwa yizinkanuko. USathane nezingelosi zobumnyama bahlangana nabantu ababi ukulwa neQhawe leqiniso. Yona leyo nzondo itholwa abalandeli bakaKristu. Noma ubani omelana nezilingo uzovusa ulaka lukaSathane. UKristu noSathane ngeke bazwane. “Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.” 2 Thimothewu 3:12.IE 19.1

    Izithunywa zikaSathane zifuna ukukhohlisa abalandeli bakaKristu zibahehe basuke ekwethembekeni kwabo. Zihlanekezela imiBhalo ukufeza izinhloso zabo. Lomoya owenza kubulawe uKristu uqhuba ababi ukuba babulale abalandeli baKhe. Konke lokhu kwashiwo esiprofethweni sokuqala esithi: “Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho neyowesifazane.”IE 19.2

    Kwenziwa yini ukuthi kungabi khona ukumelana noSathane okukhulu kunalokhu? Kungenxa yokuthi amabutho kaKristu axhumene kancane kabi noKristu. Isono asenyanyeki kubona ngendlela esasenyanyeka ngayo eNkosini yabo. Abahlangabezani naso ngokuzimisela. Abayiboni ngendlela eyiyo lenkosi yobumnyama. Abaningi abazi ukuthi isitha sabo umkhuzi mabutho onamandla olwisana noKristu. Nabefundisi imbala ababunaki ubufakazi bokusebenza kwakhe. Sengathi abanakile nokuthi ukhona uSathane.IE 19.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents