Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukuphela Kokuhlupheka

    Labo “ abatholakele befanele” uvuko lokuphila “ babusisiwe, bangcwele.” “Kulabo ukufa kwesibili akunamandla.” (Luka 20:35; iSambulo 20:6). Kodwa labo abangazitholelanga intethelelo ngokuphenduka nokukholwa, bathola “ inkokhelo yesoni,” isijeziso “ngokwemisebenzi yabo,” okuphelela “ekufeni kwesibili.”IE 49.1

    Njengoba kungenzeke ukuthi uNkulunkulu asindisi isoni esihlezi ezonweni, usiphuca ukuphila esitshengisile ngezono zaso ukuthi asikufanele. “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho: kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.” “Babe njengokuthi abazange babekhona.” (iHubo 37:10; Obadiya 16). Bacwila kwalasha waphakade ongenathemba.IE 49.2

    Ngaleyo ndlela kuyopheliswa isono. “Ubabhubhisile ababi, igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade. Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade.” (iHubo 9:5,6). UJohane kwiSambulo, uzwa iculo lokudumisa lomhlaba wonke, elingenakho nokuncane ukubhimba. Akukho noyedwa umuntu olahliwe ohlambalaza uNkulunkulu njengoba bezibhuqabhuqa emlilweni ongapheli. Ababi abasesihogweni ngeke bahlanganise ukukhala kwabo nokuhlabelela kwabasindisiwe.IE 49.3

    Imfundiso ethi abantu bayezwe ekufeni, yesekelwe phezu kwamanga athi umuntu wadalwa nokungafi. Njengaleyo ekhuluma ngokuhlushwa kwaphakade, iphikisana nemiBhalo, nokucabanga kanye nemizwa yethu yobuntu.IE 49.4

    Ngokuya kwenkolelo edumile, abasindisiwe besezulwini, bazi konke okwenzeka emhlabeni. Kodwa kungabajabulisa kanjani abafile ukwazi ngezinhlupheko zabaphilayo, ukubabona besosizini, ukujabha, nokuhlupheka kwasemhlabeni? Futhi lenkolelo ethi umphefumulo womuntu ongaphendukile uya esihogweni masinyane nje ngemuva kokufa komuntu, iyanengeka.IE 49.5

    Ithini imiBhalo? Umuntu akezwa uma esefile: “Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” “Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa; kepha abafileyo abazi lutho ....Uthando Iwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo, sekuphelile; futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga.” “Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi, nokufa akukudumisi; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho. Abaphilayo, abaphilayo bayakubonga njengami namuhla.” “Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na? ” (iHubo 146:4; Umshumayeli 9:5,6; Isaya 38:18,19; iHubo 6:5).IE 50.1

    Ngosuku IwePentekoste uPetru wathi uDavide “wafa, wembelwa, futhi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.” “Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini,” (iZenzo 2:29,34). Ukuthi uDavide usesethuneni kuyoze kube lusuku lovuko, kufakazisa lcashunwe Encwadini ukuthi abalungileyo abayi ezulwini uma befa.IE 50.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents