Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukuvukela Ekuphileni Kwaphakade

    Ngesikhathi esezohlukana nabafundi baKhe, uJesu akazange abatshele ukuthi kungekudala bazokuba naYe. Wathi: “Ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginibuyisele kimi.” (Johane 14:2,3). UPawulu uyenezela athi “ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, khona thina esisekhona sisasele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo ke siyakuba nayo iNkosi njalo.” Wabuye wanezela ngokuthi: “Duduzanani ngalawo mazwi.” (1 Thesalonika 4:16-18). Ekufikeni kweNkosi izibopho zethuna ziyogqashuka, abafileyo kuKristu bavuselwe ekuphileni okuphakade.IE 51.1

    Bonke abantu bayokwahlulelwa ngezinto ezibhalwe ezincwadini, banikwe imivuzo ngokwemisebenzi yabo. Lokhu kwahlulela akwenzeki ngesikhathi sokufa komuntu. “Umisile usuku azokwahlulela ngalo izwe ngokulunga.” “Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi ukuze yahlulele bonke,” (iZenzo 17:31; Juda 14,15).IE 51.2

    Kepha uma abafile sebezithokozisa ngezulu noma bebhuqabhuqeka esihogweni, kudingeke ngani ukwahlulela okuzayo na? Izwi likaNkulunkulu lingaqondwa nangumuntu ongenakuhlakanipha okungakanani. Kodwa yimuphi umuntu othembekile ongabona lemfundiso isile noma inobulungiswa? Abalungileyo bayowezwa yini amazwi athi “Kuhle, nceku enhle nethembekileyo....ngena ekuthokozeni kwNkosi yakho,” kanti vele sekuyiminyaka behlezi nayo iNkosi? Ababi bona ngabe babizwa esihogweni yini ukwamukela ukwahlulelwa okuvela kumahluleli kuthi: “Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade”? (Mathewu 25:21,41).IE 51.3

    Imfundiso yokuthi umphefumulo awufi, enye yalezo zimfundiso zamanga ezathathwa yiRoma ezinkolweni zobuhedeni. UMartin Luther wayihlanganisa “nezinganekwane eziyinxenye yomquba ovela kuPhapha.” 2 E. Petavel, The Problem ol Immortality, p. 255. IBhayibheli lifundisa ukuthi abafileyo balele, kuze kube lusuku lovuko.IE 52.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents