Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ngabe Kujosindiswa Wonke Umuntu?

    Abakholwa ukuthi kuyosindiswa wonke umuntu bahlanakezela imiBhalo. Ozibiza ngokuthi ungumfundisi kaKristu uphinda amanga akhulunywa inyoka e-Edeni ithi: “Aniyikufa nokufa.” “Mhla nizidla (izithelo) kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu.” Uthi nesoni esibi kunazo zonke—umbulali, isela, umpingi—siyongena enjabulweni yaphakade mhla sifayo. Inganekwane emnandi ngempela, ezwakala kahle enhliziyweni engaphendukile!IE 44.2

    Ukuba bekuyiqiniso ukuthi umuntu uya ezulwini uma efa, besingalangazelela ukufa kunokuphila. Abaningi, ngokulandela lemfundiso, baze bazibulala. Bathi ngokusindwa yizinkathazo nokudumala, bakubona kulula ukunqamula ukuphila baphaphele injabulweni yezwe laphakade.IE 44.3

    EZwini laKhe, uNkulunkulu unikeze ubufakazi obuqinile bokuthi uyobajezisa abeqa umthetho waKhe. Ngabe unomusa omkhulu kangangoba ngeke enze ubulungiswa kumuntu oyisoni? Buka isiphambano saseKalvari. Ukufa kweNdodana kaNkulunkulu kuyafakaza ngokuthi “inkokhelo yesono ukufa” (amaRoma 6:23), ukuthi konke ukweqa umthetho kaNkunkulu kuzohambisana nesijeziso. UKristu ongenasono, waba yisono ngenxa yabantu. Wathwala icala lokwephulwa komthetho, nokusithela kobuso bukaYise kwaze kwaphuka inhliziyo yaKhe waze wafa—konke lokhu kwenzelwa ukuze kusindiswe izoni. Yilowo nalowo muntu owenqaba ukuba nesabelo kulenkonzo yokubuyisana esiyenzelwe ngentengo enkulu kangaka, uyozithwalela yena icala nesijeziso sokweqa umthetho.IE 44.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents