Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukukholwa Nesibindi

    Kwakungeyona intando kaNkulunkulu ukuthi ulsrayeli azule ehlane iminyaka engamashumi amane; wayefisa ukubaholela eKhanani ngendlela eqondile, bazinze khona beyisizwe esingcwele nesithokozile. Kodwa “babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo,” (amaHeberu 3:19). Ngendlela efanayo, kwakungeyona intando kaNkulunkulu ukuthi ukufika kukaKristu kubambezeleke kangaka, nabantu baKhe bahlale emhlabeni wesono nosizi iminyaka eminingi kangaka. UJesu ubambezele ukubuya kwaKhe ukuze izoni zizwe isixwayiso, zithole isiphephelo ngaphambi kokuthi ulaka lukaNkulunkulu luthululwe.IE 87.1

    Manie, njengasezikhathini zakuqala, ukushumayelwa kweqiniso kuzovusa ukuphikiswa. Abaningi abanezinhloso ezimbi bazohlasela izimilo nezinjongo zalabo abavikela iqiniso elingamukelekile. U Eliya wabizwa njengohlupha ulsrayeli. UJeremiya kwathiwa uthengisa ngesizwe. UPawulu kwathiwa ungcolisa ithempeli. Kusukela kuleyo mihla kuze kube manje, labo abafuna ukwethembeka eqinisweni kuthiwa basusa udweshu, bafundisa inkohliso, noma babanga ukwehlukana.IE 87.2

    Isivumo sokukholwa esenziwa ngabangcwele namafelankolo, abantu abayizibonelo zobungcwele nokuqina kobuqotho, sifaka ugqozi Iwethemba abalindeleke manje ukuthi bame njengofakazi bakaNkulunkulu. Lomyalo ubhekiswe encekwini kaNkulunkulu kulesikhathi samanje: “Phakamisa izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.” “Ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwalsrayeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi,” (Isaya 58:1; Hezekeli 33:7).IE 88.1

    Isikhubekiso esikhulu ekwamukelweni kweqiniso ukuthi kubandakanya ihlazo nokuphathwa kabi. lyona nkulumo kuphela lena emelene neqiniso abesekeli bayo abangakwazi ukuyichitha. Kodwa abalandeli bakaKristu boqobo abalindi iqiniso lize lamkeleke kuwo wonke umuntu. Bathatha isiphambano, besho kanye nomphostoli uPawulu ukuthi “usizi Iwethu olululana, olungolomzuzwana, luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade”; kanye nowakudala “ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe,” (2 Korinte 4:17; amaHeberu 11:26).IE 88.2

    Simelwe ukukhetha okulungile ngoba kulungile, siyekele imiphumela kuNkulunkulu. Umhlaba unesikweleti ebantwnin abanobuqotho, ukukholwa nesibindi, ngezinguquko zabo ezinkulu. Abantu abanjalo abaqhuba umsebenzi wemvuselelo nakulezikhathi.IE 88.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents