Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    USathane Uzama Ukagciaa Abantu Ngaphansi Kwamandla Akhe

    Ngokusebenzisa izinkohliso ezimbili, ukuthi umphefumulo awufi nobungcwele beSonto, uSathane uzokhohlisa abantu. Lena yokuqala inkohliso ibeka isisekelo sokukhonza abafileyo, eyesibili yakha ubuhlobo bokuzwelana neRoma.IE 95.1

    Ngokusebenzisa ubulozi, uSathane ubonwa njengowenzela abantu okuhle, ephilisa izifo, efaka nendlela entsha yokukhonza, kodwa ngaso leso sikhathi uholela izigidi ekubhujisweni. Ukweswela ukuzithiba kulimaza umqondo; ukwanelisa izinkanuko, imibango nokuchitheka kwegazi, kuba ngumphumela. Impi ivusa imizwa emibi kabi emntwini, kufe abantu. Kuyinjongo kaSathane ukushoshozela izizwe ukuba zingene empini, ngoba ngaleyo ndlela uzokwazi ukususa emiqondweni yabantu ukuzilungisela ukuma ngokuku lukaNkulunkulu.IE 95.2

    USathane uzazi kahle izimfihlo zendalo, futhi usebenzisa wonke amandla akhe ukuze alawule nesimo sezulu, ngendlela uNkulunkulu amyeka ngayo ukuthi akwenze lokho. UNkulunkulu ovikela izidalwa zaKhe kumbulali. Kodwa amaKristu atshengisa ukungawunaki umthetho waKhe. UNkulunkulu uzokwenza lokho athi uzokwenza—asuse isivikelo saKhe kulabo abahlubuka emthethweni waKhe nabacindezela abanye ukwenze njalo. USathane ulawula bonke abangekho phansi kokuvikelwa nguNkulunkulu. Abanye uzobanika ukunethezeka, ukuze aqhube izinhloso zakhe; alethele abanye izinhlupheko ukuze kusolwe uNkulunkulu ngokuthi uYena ohlupha abantu.IE 95.3

    Ngesikhathi ezibonakalisa njengomphilisi omkhulu okwazi ukwelapha zonke izifo zabantu, uSathane uzoletha izifo nezinhlekelele kuze kuchithakale amadolobha agcwele abantu. Ngezingozi olwandle nasemhlabeni, imililo, izivunguvungu nezichotho, izikhukhula, izishingishane, amagagasi olwandle, nokuzamazama komhlaba, uSathane usebenzisa amandla akhe ngezindlela eziyizinkulungwane. Uchitha isivuno emasimini ukuze kube khona indlala nosizi. Ufaka amagciwane abulalayo emoyeni, kufe izigidi.IE 96.1

    Umkhohlisi omkhulu-ke bese efaka umoya ebantwini ukuba basole labo abalalela imiyalo kaNkulunkulu, abazenzo zabo zikhomba izono zabeqa umthetho. Kuyomenyezelwa ukuthi abantu bathukuthelisa uNkulunkulu ngokungahloniphi iSonto, kuthiwe lesi sono silethe izinhlekelele ezingeke ziphele kuze kucindezelwe abantu ukuhlonipha iSonto ngokuphelele. “Labo abangalihloniphi iSonto bavimbela ukubuyiswa komusa kaNkulunkulu nempumelelo.” Ngaleyo ndlela izinsolo ezabekwa ezincekwini zikaNkulunkulu kudala, ziyophindwa. “Kwathi uAhabi esembonile (uEliya)...uAhabi wathi kuye: ‘Nguwe ongumhluphi kalsrayeli na?’ ” 1 Amakhosi 18:17,18).IE 96.2

    Labo abahlonipha iSabatha laseBhayibhelini bazobizwa njengezitha zomthetho wezwe nokuthula, kuthiwe badilizela phansi indlela yokuziphatha emphakathini, babanga isiyaluyalu nenkohlakalo, futhi benza ukuthi umhlaba ufikelwe yizijeziso zikaNkulunkulu. Bazosolwa ngokuthi bazonda uhulumeni. Abefundisi abaphika okushiwo ngumthetho wasezulwini bazoshumayela ngesidingo sokuhlonishwa kwababusi bomphakathi. Kwizishayamthetho nasezinkantolo, abagcina imiyalo bayolahlwa ngecala. Amazwi abo ayohlanekezelwa; kanjalo nezinhloso zabo.IE 97.1

    Izikhulu zebandla nezombuso ziyohlangana ukuheha noma ukuphoqa wonke umuntu ukuba ahloniphe iSonto. Nakhona ezweni elikhululekile laseMelika, ababusi nabenzi bemithetho bayogobela lokho okufunwa yizihlwele—ukuthi kucindezelwe ukuhlonishwa kweSonto. Ilungelo lokukhululeka kukanembeza, okuyinto eyabiza umhlatshela omkhulu kangaka, ngeke lisahlonishwa. Kuloludweshu oluzayo masinyane, sizobona kugcwaliseka amazwi omprofethi athi: “Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.” (iSambulo 12:17).IE 97.2

    Izinceku zikaNkulunkulu, zinobuso obukhanya ukuzinikela okungcwele, ziyoshesha zisuka lapha ziya laphaya, zishumayela isigijimi sasezulwini. Kuyokwenziwa izimangaliso, abagulayo baphiliswe. USathane naye uyosebenza ngezimangaliso zamanga, aze enze umlilo wehle uvela ezulwini. (iSambulo 13:13). Ngaleyo ndlela abakhile emhlabeni kuyofuneka bakhefhe.IE 97.3

    Isigijimi asiyikuhanjiswa ngobugagu bokukhuluma, kodwa ngokuphefumulelwa okujulile ngoMoya kaNkulunkulu. Obekufanele kushiwo sekushiwo, izincwadi ziyidlalile indima yazo, kodwa abaningi bavinjelwe ukuliqondisisa iqiniso. Manje iqiniso selibonakala obala. Imindeni, nabazalwane okukhonzwa nabo abasenamandla okuvimbela abantwana bakaNkulunkulu abaqinisekile manje. Abaningi bayothatha indawo yabo ngasohlangothini lukaNkulunkulu, bengabanakile labo abahlangene ukuphikisana neqiniso.IE 98.1

    Labo abahlonipha umthetho kaNkulunkulu bazothathwa njengembangela yesiphithiphithi esesabekayo nokuchitheka kwegazi okuzogcwalisa umhlaba ngosizi. Amandla ahambisana nesixwayiso sokugcina athukuthelisa ababi, uSathane uzovusa umoya wenzondo nokuhlushwa kwalabo abamukela isigijimi.IE 98.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents