Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isitha Esiqaphile

    Lesi sitha esiqaphile sifaka unyawo Iwaso kuwo wonke amakhaya, kuyo yonke imigwaqo, emabandleni, phakathi kwezigungu zesizwe, ezinkantolo, sikhathaza, sikhohlisa, silahlekisa, yonke indawo sonakalisa imiphefumulo nemizimba yabesilisa, abesifazane kanye nezingane. Sibhidliza amakhaya, sitshala inzondo, ukulwa, isiphithiphithi, nokubulala. Nezwe selizithatha lezinto sengathi zadalwa uNkulunkulu nokuthi kufanele zenzeke. Bonke abangakhethi ukulandela uKristu bayizinceku zikaSathane. Uma amaKristu ekhetha ukuzihlanganisa nabangamesabi uNkulunkulu, azivulela izilingo. USathane uyacasha angabonakali, amboze amehlo abo ngenkohliso.IE 20.1

    Ukuhambisana nemikhuba yezwe kuphendulela ibandla ezweni. Kungekona ukuthi izwe lizophendukela kuKristu. Ukwejwayelana nesono kuzosenza sibukeke singesibi kangako. Uma ekusebenzeni kwethu sihlangana nezilingo, singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzosivikela; kodwa uma sizifaka thina esilingweni, kungekudala sizokuwa.IE 20.2

    Umlingi uvame ukusebenza ngempumelelo enkulu ngalabo okungacatshangwa ukuthi babuswa nguye. Amathalente nobuciko kuyizipho zikaNkulunkulu; kodwa uma lokhu kudedisa abantu kuNkulunkulu, kuba yisihibe. Abaningi abanobuciko nabahlakaniphile futhi bezihlonipha, bangamathuluzi amahle ezandleni zikaSathane.IE 20.3

    Ungalingi ukhohlwe yisixwayiso esiphefumulelwe esisuka emakhulwini eminyaka eyedlule kuze kube yisikhthi sethu, esithi: “Qondani, nilinde. Isitha senu uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhongayo sifuna esingamgwinya.” “Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.” 1 Petru 5:8; Efesu 6:11. Isitha sethu esikhulu sizilungisela umkhankaso waso wokugcina. Bonke abalandela uJesu bazoshayisana nalesitha. Uma umKristu ephokophelele ukufana nomfanekiso wezulu, yilapho ezozithola eqondwe yimicibisholo kaSathane.IE 21.1

    USathane wahlasela uKristu ngezilingo ezibabayo kanye nezicashile; kodwa wanqotshwa sonke isikhathi. Lokho kunqoba kwenza nathi sikwazi ukunqoba. UKristu uzobanika amandla bonke abawafunayo. Akekho umuntu onganqotshwa nguSathane ngaphandle kwentando yakhe. Umlingi akanamandla okubusa intando noma ukuphoqa umuntu ukuba enze isono. Angakwenza ukukhathazeka emphefumulweni, kodwa ngeke awungcolise. Ukuthi uKristu wanqoba, kufanele kukhuthaze abalandeli baKhe babe nesibindi sokulwa lempi elwa nesono noSathane.IE 21.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents