Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isiphelo Sababi Ngesihluku

    Isimilo sikaSathane asiguqukile. Luyazibonakalisa futhi uhlubuko Iwakhe, njengempophoma yamanzi. Wenza isinqumo sokuthi ngeke anikezele umzamo wakhe wokugcina wokulwa neNkosi yezulu. Kodwa kuzo zonke izigidi zabantu abayenga ukuba bahlubuke naye, akusekho noyedwa ovuma ubukhulu bakhe manje. Ababi bagcwele yona leyo nzondo ngakuNkulunkulu eqhuba uSathane, kodwa bayabona ukuthi imizamo yabo iyize.IE 122.1

    Kwehla umilo uvela kuNkulunkulu ezulwini. Umhlaba uyagebhuleka. Amalangabi aqhamuka kuzo zonke izikhala. Namadwala imbala, ayasha. Konke kuyancibilika ngenxa yokushisa okukhulu, umhlaba nawo, nemisebenzi yawo, kuyasha (2 Petru 3:10). Ubuso bomhlaba bufana nensimbi encibilikile—ichibi lomlilo elikhulu elithukuthele. Lolu “usuku lokuphindisela lukaJehova; ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni,” (Isaya 34:8).IE 122.2

    Ababi bajeziswa “ngokwemisebenzi yabo.” USathane akajeziselwa ukuhlubuka kwakhe yedwa, kodwa nazo zonke izono azenzisa abantwana bakaNkulunkulu. Ekugcineni, ababi bayashiswa emalangabini, impande namagatsha—uSathane impane, abalandeli bakhe amagatsha. Sonke isijeziso sesono sesikhishiwe; ubulungiswa benziwe. Umsebenzi kaSathane wencithakalo usuphele unomphelo. Manje izidalwa zikaNkulunkulu sezikhululiwe ngunaphakade ezilingweni zakhe.IE 122.3

    Ngesikhathi umhlaba usesemalangabini, abalungile bahlezi ngokuphepha emzini ongcwele. Ngesikhathi uNkulunkulu efana nomlilo oshisayo kwababi, uyisiphephelo kwabalungile. (Bheka iSambulo 20:6; iHubo 84:11).IE 122.4

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents