Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukungeneliseki Kupnenduka Uhlubuko

    UNkulunkulu ekuhlakanipheni kwaKhe, wamvumela uSathane ukuba aqhube umsebenzi wakhe, kwaze kwaba lapho ukungeneliseki kuba ukuhlubuka. Kwakudingekile ukuthi amacebo akhe akhule ngokuphelele ukuze ubunjalo bawo bubonwe yibo bonke. ULusifa wayethandwa kakhulu yizingelosi zezulu, nomthelela wakhe phezu kwazo wawumkhulu. Umbuso kaNkulunkulu wawungabandakanyi abasezulwini kuphela, kodwa yonke imihlaba ayenzile. USathane wacabanga ukuthi uma nje engase azuze izingilose zibe ngakuyena kulolu hlubuko, angayizuza nalemihlaba eminye. Ngokusebenzisa ubuqili nenkohliso, amandla akhe okukhohlisa ayemakhulu. Ngisho nezingelosi azikwazanga ukusibona kahle isimilo sakhe nokubona ukuthi umsebenzi wakhe uholelaphi. USathane wayehlonishwa kakhulu. Zonke izenzo zakhe zazifihleke ngendlela yokuthi kwakulukhuni ukuchazela izingelosi ngobunjalo bazo beqiniso. Isono sasingeke sibonakale siyilento embi esiyisona, ngaphandle kokuthi sivunyelwe sikhule ngokuphelele. Izidalwa ezingcwele zazingeke ziyibone imiphumela yokugudlula umthetho ongcwele. Ekuqaleni uSathane wayethi usebenzela ukuphakamisa udumo lukaNkulunkulu nenhlalakahle yabo bonke abasezulwini.IE 11.2

    Ekubhekaneni kwaKhe nesono, uNkulunkulu wasebenzisa kuphela ukulunga neqiniso. USathane wasebenzisa lokho uNkulunkulu ayengenakho ukukusebenzisa—ukuncoma kwamanga nenkohliso. Isimilo sangempela somhlubuki kwakufuneka sibe sobala kubo bonke. Kwakudingeka athole isikhathi esanele sokuzibonakalisa ngemisebenzi yakhe emibi.IE 12.1

    USathane wasola uNkulunkulu ngothuthuva olutshalwe uyena ezulwini. Wathi bonke ububi kuwumphumela wokungaphathi kahle kukaNkulunkulu. Ngakhoke, kwakudingekile ukuthi kubonakale obala ukusebenza kwalezinguquko azihlongozayo emthethweni wasezulwini. Kwafuneka ukuthi alahlwe umsebenzi wakhe. Kwakudingeka ukuthi embulwe phambi kwayo yonke indalo umkhohlisi.IE 12.2

    Nangemuva kwesinqumo sokuthi uSathane akasenandawo ezulwini, uNkulunkulu ekuhlakanipheni kwaKhe, akambhubhisanga. Ukwethembeka kwezidalwa zikaNkulunkulu kwakudingeka kwesekelwe phezu kobulungiswa baKhe.IE 12.3

    Njengoba abahlala ezulwini nakweminye imihlaba babengakulindele ukwamukela imiphumela yesono, babengeke babubone ubulungiswa bukaNkulunkulu nomusa waKhe ukuba wayembhubhisile. Ukuba wayebhujiswe ngaleso sikhathi, babezokhonza uNkulunkulu ngokwesaba esikhundleni sokumkhonza ngokuzithandela. Umthelela womkhohlisi wawungeke uphele nya, kanti nomoya wohlubuko wawungeke usiphuleke. Ngenxa yendalo yonke eminyakeni engenakuphela, uSathane waba nethuba lokutshengisa imithetho yakhe, ukuze izinsolo zakhe ngombuso kaNkulunkulu zibonwe yizo zonke izidalwa njengoba zinjalo.IE 12.4

    Uhlubuko lukaSathane Iwaluzokuba ubufakazi kuyo yonke indalo ngemiphumela emibi yesono. Ukubusa kwakhe kwakuzobonakalisa izithelo zokubeka eceleni umthetho wezulu. Umlando walokhu kuhlubuka wawuzohlala uyisivikelo kuzo zonke izidalwa ezingcwele, zisinde esonweni nesijeziso saso.IE 13.1

    Kwathi sekumenyezelwa ukuthi umhlubuki omkhulu nalabo abazwelana naye bazoxoshwa ezulwini, ngeqholo uSathane wafunga ukuthi uzowudicilela phansi umthetho woMdali. Wathi umthetho unqunda inkululeko, wezwakalisa injongo yakhe yokuwushabalalisa umthetho. Imikhosi yasezulwini seyikhululekile kulokhu kunqundeka kwenkululeko, yayizophila ezingeni eliphakeme.IE 13.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents