Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Qondani ImiBlhlo

    Imimoya yamadimoni ezenza izihlobo nabangane, izothinta uzwela Iwethu, isebenze imilingo. Siding ukumelana nayo ngeqiniso leBhayibheli elithi abafileyo abazi lutho, nokuthi labo esibabonayo yimimoya yamadimoni.IE 59.3

    Bonke abakukholwa kwabo kungesekelwe eZwini likaNkulunkulu bazokhohliseka banqotshwe. USathane “usebenza ngayo yonke inkohliso yokungalungi,” futhi izinkohliso zakhe zizokwanda. Kodwa labo abafuna ulwazi ngeqlniso, bahlanze imiphefumulo yabo ngokulalela, bazothola isiphephelo sangempela eqinisweni likaNkulunkulu. UMsindisi angathumela ngokushesha zonke izingelosi zasezulwini ukuze avikele abantu baKhe kunokuthi ashiye nomphefumulo owodwa owethembela kuYena ukuba unqotshwe nguSathane. Labo abaziduduza ngesiqiniseko sokuthi asikho isijeziso sezoni, abadela iqiniso elithunyelwe yizulu njengesiphephelo osukwini Iwenhlupheko, bazokwamukela amanga alethwa nguSathane, izinkohliso zobulozi.IE 59.4

    Abahleka usulu bahlekisa ngokushiwo yimiBhalo mayelana necebo losindiso nempindiselo eyofikela abenqaba iqiniso. Bezwakalisa usizi olukhulu ngalabo abanemiqondo emincane, ebuthakathaka nekholwa yikho konke baze balalele okufunwa ngumthetho kaNkulunkulu. Sebezinikele kuSathane, basondelana naye, wabapha umoya wakhe, ngendlela yokuthi abasafisi ukuphunyuka kunoxhaka wakhe.IE 60.1

    Isisekelo somsebenzi kaSathane sabekwa ngesiqiniseko asinika uEva e Edeni, ethi: “Aniyi kufa nokufa.” Mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi,” Genesise 3:4, 5. Isiqongo senkohliso yakhe siyokuba ezinsukwini zokugcina. Uthi umprofethi: “Ngabona... omoya abathathu abangcolileyo befana nezingxangxa...ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” (iSambulo 16:13, 14).IE 60.2

    Ngaphandle kwalabo abalondwe ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa eZwini laKhe, umhlaba wonke uyokhukhulwa yilenkohliso. Abantu balolozelelwa ebuthongweni bokuzethemba okuyingozi, abayophaphama kubona sekuthululwa ulaka lukaNkulunkulu.IE 60.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents