Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    AbakaNkulunkulu Ngeke Bedukiswe

    Kodwa aba-ntu bakaNkulunkulu ngeke balahlekiswe. Okufundiswa ngukristu wamanga azihambisani neBhayibheli. Izibusiso zakhe zinikwa abakhonza isilo nomfanekiso waso, bona labo kanye iBhayibheli elithi bayokwamukela ulaka lukaNkulunkulu olungaxutshiwe.IE 100.1

    Phezu kwalokho, uSathane akavunyelwe ukulingisa indlela yokubuya kukaKristu. UMsindisi ubaxwayisile abantu ukuba bangadukiswa yilokhu. “Kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu, nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka....Ngakhoke uma bethi kini: Bhekani, usehlane, ningaphumi; noma bethi Bhekani, usendlini, ningakholwa. Ngokuba njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale kuze kube sentshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu,” (Mathewu 24:24-27. Bheka nesahluko 25:31; iSambulo 1:7; 1 Thesalonika 4:16,17.) Ayikho indlela yokulingisa lokhu kufika. Kuyobonwa umhlaba wonke.IE 100.2

    Yilabo kuphela abakhuthalele ukufunda iBhayibheli bathanda iqiniso, abayovikeleka kulenkohliso enkulu eyothathekisa umhlaba. Ngokusizwa ubufakazi beBhayibheli, labo bayombona ekucasheni kwakhe umkhohlisi omkhulu. Ngabe abantwana bakaNkulunkulu manje bagxilile eZwini laKhe yini ukuze bangakhohliswa amehlo abo? Ngabe esikhathini esinzima njengaleso bayobambelela eBhayibhelini, lona lodwa?IE 100.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents