Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukungafi Kuyotholakala Mhla Kubuya uJesu

    Yeka lokho kuphumula okubusisiwe kwabalungilelyo abakhathele! Isikhathi, noma side noma sifishane, sifana nomzuzwana kubona. Balele; bavuswa yicilongo likaNkulunkulu, bavukele ekungafini okunenkazimulo. “Ngokuba icilongo liyakukhala, nabafile bavuswa bengenakikubola...Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba,” (1 Korinte 15:52-54).IE 52.2

    Ngesikhathi bevuswa, abafileyo bayoqala ukucabanga lapho babegcine khona. Umuzwa wokugcina kwakuyizinhlungu zokufa; umcabango wokugcina kuwulowo wokunqontshwa amandla engcwaba. Uma sebevuka emathuneni, umcabango wabo wokuqala wenjabulo uyozwakala ngenhlokomo ethi:“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi Iwakho na?” (1 Korinte 15:55).IE 52.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents