Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ingozi Yokumelana Nobizo Lwevangeli

    Ukuchithwa kweJerusalema kuyisixwayiso esibalulekile kubo bonke abamelene nokunceka komusa wasezulwini. Isiprofetho soMsindisi maqondana nesijeziso seJerusalema sisazogcwaliseka futhi ngenye indlela. Ekubhujisweni kwalomuzi okhethiwe sibona ukubhujiswa komhlaba owenqaba umusa kaNkulunkulu, unyathele ngezinyawo umthetho waKhe. Emhlabeni sekuke kwabakhona ukuhlupheka okukhulu ebantwini. Imiphumela yokwenqaba umthetho wasezulwini iyashaqisa. Kodwa okubi kakhulu sikubona ekwambulweni kwesikhathi esizayo. Uma uMoya kaNkulunkulu oncengayo sewuhoxiswe ngokuphelele, ungasezukuvimbela ulaka Iwabantu nentukuthelo kaSathane, umhlaba uzobona imiphumela yombuso kaSathane ngendlela engazange ibonwe ngaphambili.IE 93.4

    Ngalolosuku, ngendlela efana nokuchithwa kweJerusalema, abantwana bakaNkulunkulu bayokhululwa. (Bheka kulsaya 4:3; Mathewu 24:30,31. UKristu uyokuza okwesibili ukuzozibuthela abathembekile baKhe. “Bese zikhala zonke izizwe zomhlaba, zibone iNdodana yomuntu iza emafwini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu. lyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala okukhulu kwecilongo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni omunye wezulu kuze kube komunye,” (Mathewu 24:30,31).IE 94.1

    Abantu abaqaphele, hleze bazithole benqaba amazwi kaKristu. Njengoba waxwayisa abafundi baKhe ngokuchithwa kweJerusalema ukuze babaleke, kanjalo uwuxwayisile umhlaba ngosuku lokubhujiswa kokugcina. Bonke abafunayo bangalubalekela ulaka okuzayo. “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe.” (Luka 21:25). Bheka naku Mathewu 24:29; Marko 13:24-26; iSambulo 6:12-17). “Ngakho lindani,” lawo amazwi kaKristu esixwayiso, (Marko 13:35). Labo abaqaphela ngeke bazithole besebumnyameni.IE 94.2

    Umhlaba awuzimisele ukuvuma isigijimi salesikhathi njengoba namaJuda engasamukelanga isixwayiso soMsindisi sokubhujiswa kweJerusalema. Noma lufika nini, usuku lukaNkulunkulu luyofika ababi bengazelele. Ngesikhathi impilo iqhubeka njalo, ngesikhathi abantu bethathekiswe ukuzithokozisa, imisebenzi, ukwenza imaii; ngesikhathi abaholi kwezenkolo begqamisa intuthuko yezwe, abantu balolozelwe ngokuphepha okungekho—ngaleso sikhathi, njengesela lifika ebusuku endlini engalindiwe, kanjalo abangakholwa nababi bayofikelwa ukubhujiswa ngokushesha, “abasoze baphunyuka.” (Bheka ku 1 Thesalonika 5:2-5).IE 94.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents