Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukungena Emzini Ongcwele

    Zonke lezo zixuku zabasindisiwe ezingenakubalwa zigqolozele uJesu. Wonke amehlo abuka inkazimulo yaKhe Lowo “ubuso bakhe babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu,” (Isaya 52:14). UJesu uthwesa abanqobi imiqhele yenkazimulo. Umuntu ngamunye unomqhele obhalwe “igama lakhe elisha,” (iSambulo 2:17) nombhalo othi, “UNgcwele uJehova.” Bonke banikwa amasundu njengophawu lokunqoba, kanye namahabhu akhazimulayo. Kuthi lapho izingelosi eziholayo ziqala ukudlala amahabhu, bonke abasindisiwe nabo badlale ngobuciko obukhulu. Amazwi abo bonke ahlabelela amaculo okudumisa nokubonga, bethi: “Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe, nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade,” (iSambulo 1:5, 6).IE 108.1

    Phambi kwaleso sixuku sabasindiswa, kumi umuzi ongcwele. UJesu uvula amasango, izizwe ezalonda iqiniso zingene. Kuzwakale izwi laKhe lithi: “Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba,” (Mathewu 25:34). UKristu uyabethula kuYise labo abathengwa ngegazi laKhe, ethi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.” “Ngabagcina egameni lakho labo ongeiphe bona, ngabalonda,” (amaHeberu 2:13; Johane 17:12). Yeka leyo njabulo ngaleso sikhathi lapho uSimakade ebuka abasindisiwe, ebona umfanekiso waKhe kubona, ichashaza lesono selisusiwe, nabantu sebezwana futhi nezulu!IE 108.2

    Intokozo yoMsindisi igcwaliseka ngokubona imiphefumulo eyasindisiwa ngokuhlupheka nokuthotshiswa kwaKhe seyingena embusweni wenkazimulo. Abasindisiwe bayokuba nesabelo enjabulweni yaKhe; bayobona labo ababazuza ngemithandazo yabo, imizamo yabo, kanye nokuzidela kothando. izinhliziyo zabo ziyogcwala intokozo lapho bebona uchungechunge Iwendlela omunye azuza ngayo omunye, nokuthi nalabo bezuza abanye futhi.IE 109.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents