Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Ukutlhathkisa Abanomqondo

    Ebantwini abaphucuzekile, inkosi yobumnyama iletha ubulozi ngendlela ephucuzekile nebonakala inomqondo. Uthokozisa abanye nezigameko ezithathekisayo nezothando. Uholela abantu ukuba bazigabise kakhulu ngokuhlakanipha kwabo baze bebukele phansi Lowo ohlala kuze kube phakade.IE 55.1

    USathane ulutha abantu manje njengoba wakhohlisa uEva e Edeni, ngokukhuthaza ukuziphakamisa. Wathi: “Niyakuba njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi,” (Genesise 3:5). Ubulozi bufundisa ukuthi “umuntu yisidalwa esinenqubekela phambili... ekufaneni noNkulunkulu.” Futhi: “Ukwahlulela kuzokuba okulungile ngoba umuntu uzahlulela yena.Jsihlalo sobukhosi singaphakathi kwakho.” Omunye aphinde athi: “Noma ubani olungile nophelele, unguKristu.”IE 55.2

    Ngaleyo ndlela uSathane ufake imvelo yesono yomuntu uqobo, njengesilinganiso sokwahlulela. Lokhu kuyinqubekala phambili, engayi phezulu, kodwa phansi. Umuntu ngeke aze athuthuke ngaphezu kwesilinganiso sakhe sobumsulwa noma ukulunga. Uma “umina” kuyisona silinganiso esiphakeme aphokophelele kusona, ngeke aze afinyelele kunoma yini ephakeme ngaphezu kwalokho. Umusa kaNkulunkulu kuphela onamandla okuphakamisa umuntu. Ngaphandle kwalokho, indlela yomuntu ishona phansi.IE 55.3

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents