Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Isahluko 3—Izinkoliliso Eziyingozi

    Impikiswano enkuiu phakathi kukaKristu noSathane sekuseduze iphele, kanti omubi uphindaphinda imizamo yakhe ukuze ehlule umsebenzi uKristu awenzela abantu. Injongo yakhe ukugcina abantu besebumnyameni, bengaphendukile, kuze kube yisikhathi lapho uKristu eyoqeda khona umsebenzi waKhe wokusincengela. Uma kukhona ukunganaki ebandleni, uSathane akakhathazeki. Kodwa uma abantu bebuza ukuthi: “Ngingenzani ukuze ngisindiswe?” ufika qathatha, ukuzolwisana noKristu nokuphikisana nomthelela kaMoya oNgcwele.IE 29.1

    Ngesinye isikhathi, lapho izingelosi zazize kuzibonakalisa kuNkulunkulu, uSathane weza naye, engezile ukuzokhothama eNkosini yaphakade, kodwa ukuzoqhuba izinhloso zakhe ezimbi ngakwabalungile, (Bheka kuJobe 1:6). Ukhona uma abazalwane behlangene ukuzokhonza, esebenza ngokukhuthala ukulawula izingqondo zalabo abazokhonza. Uma ebona isithunywa sikaNkulunkulu siphenya imiBhalo, uyasibona isifundo okuzokhulunywa ngaso. Asuke lapho asebenzise ubuqili bakhe ukuze isigijimi singafinyeleli kulabo abakhohlisayo maqondana nalelo phuzu. Lowo osidinga kakhulu leso sixwayiso uzokuba matasatasa ngokunye noma ngandlela thize, kuzokuba khona okumvimbayo ukuze angalitholi izwi.IE 29.2

    USathane ubona izinceku zikaNkulunkulu zithwele imithwalo ngenxa yobumnyama obuzizungeze abantu, Uyayizwa imikhuleko yazo uma zicela umusa namandla ukuze zinqobe ukunganaki nokuvilapha. Kanjaloke, esenomfutho omusha, uyalinga abantu ukuba bazitike ngokudla noma ukuzijabulisa, ngaleyo ndlela athuntubeze imiqondo yabo ukuze bangazizwe lezo zinto okuyizona abadinga kakhulu ukuzazi.IE 30.1

    USathane uyazi ukuthi bonke abangawunakile umthandazo neBhayibheli bazonqotshwa ukuhlasela kwakhe. Ngakhoke uqamba amacebo amasha ukuthumba izingqondo. Abasizi bakhe abakhulu bahlale besebenza lapho uNkulunkulu esebenza khona. Bazokhuluma ngezinceku zikaNkulunkulu eziqinisekile nezizidelayo bathi ziluthekile noma zona uqobo zingabakhohlisi. Umsebenzi wabo ukuhlanakezela izinhloso zawo wonke umsebenzi omuhle, ukusabalalisa izinsolo, kutshalwe ukungabaza ezingqondweni zalabo abangakabi nesikhathi eside. Kodwa kungabonakala kalula ukuthi bangabantwana bakabani, balandela isibonela sikabani, nokuthi benza umsebenzi kabana. “Niyakubazi ngezithelo zabo,” Mathewu 7:16. Bheka naku Sambulo 12:10.IE 30.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents