Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Abalandeli BakaKristu Beqiniso

    Phezu kokwanda kokwehla kwezinga lokukholwa, bakhona abalandeli beqiniso bakaKristu kulamabandla. Ngaphambi kokufika kwezijeziso zikaNkulunkulu emhlabeni, kuyokuba khona phakathi kwabantu bakaNkulunkulu imvuselelo yokukholwa okufana nokwakudala, engazange ibonwe kusukela ezinsukwini zabaphostoli. UMoya kaNkulunkulu uzothululwa. Abaningi bazozihlukanisa nalamabandla lapho ukuthanda izwe kuthathe indawo yokuthanda uNkulunkulu neZwi laKhe. Abefundisi abaningi kanye nabantu bathokozela ukwamukela lamaqiniso amakhulu abalungisela ukubuya kweNkosi.IE 63.1

    Isitha semiphefumulo sifuna ukuwukhinyabeza lomsebenzi, futhi ngaphambi kokuba kwenzeke lokhu, isitha sizozama ukuwuvimba ngokuthi sifake imvuselelo-mbumbulu. Kulawo mabandla angase awafake ngaphansi kwamandla akhe, uzokwenza kubukeke sengathi isibusiso sikaNkulunkulu esikhethekile sithululiwe. Izixuku ziyokhamuluka zithi: “UNkulunkulu usebena ngamandla,” kodwa kube kungukusebenza komunye umoya. Ezifihla ngokusebenzisa inkolo, uSathane uzozama ukwenabisa umthelela wakhe phezu kwamaKristu. Kuzoba khona ukuthatheka ngemizwa, ukuxubana kwalokho okuyiqiniso nokuyinkohliso, ukuze kulutheke abantu.IE 63.2

    Noma kunjalo, ngokukhanyiselwa yiZwi likaNkulunkulu, ngeke kube lukhuni ukubona ubunjalo baleminyakazo. Nomaphi lapho abantu benganaki ubufakazi beBhayibheli, beshiya lamaqiniso asobala navivinya umphefumulo, afuna ukuzinikela nokudela izwe, singaqiniseka ngokuthi asikho isibusiso sikaNkulunkulu lapho. Ngokusebenzisa isilinganiso esithi: “Niyakubazi ngezithelo zabo” (Mathewu 7:16), kusobala ukuthi lezinhlangano aziwonaIE 63.3

    Ukuthula Kweqjniso umsebenzi woMoya kaNkulunkulu.IE 63.4

    Amaqiniso eZwi likaNkulunkulu ayisivikelo ezinkohlisweni zikaSathane. Ukungawanaki lamaqiniso sekuvule umnyango kubo bonke ububi obugcwele ezweni. Ukubaluleka komthetho kaNkulunkulu sekucishe kwaphela ezingqondweni zabantu. Ukuhlanekezela umthetho wasezulwini kuholele enguqukweni yamanga kanye nokwehliswa kwezinga lokukhonza. Kulapho-ke esithola khona imfihlo yokungabikho koMoya kaNkulunklu ezimvuselelweni zanamhlanje.IE 64.1

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents