Loading...
Larger font
Smaller font
Copy
Print
Contents
Ithemba Elikhulu - Contents
  • Results
  • Related
  • Featured
No results found for: "".
  • Weighted Relevancy
  • Content Sequence
  • Relevancy
  • Earliest First
  • Latest First
    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents

    Amanga Okuqala

    Lowo owathembisa ngokuthi kukhona ukuphila ekwephuleni umthetho wayengumkhohlisi omkhulu. Nalokhu okwashiwo yinyoka e-Edeni, ukuthi—“Aniyi kufa nokufa”— kwakuyintshumayelo yokuqala eyake yashunyayelwa maqondana nokungafi komphefumulo. Kodwa lamazwi asekelwe ngokuphelele phezu kwegunya likaSathane, enanelwa emapulpiti, amukelwe kalula abantu abaningi njengoba kwenza abazali bethu bokuqala. Isigwebo sezulu esithi: “Umphefumulo owonayo uyakufa” (Hezekeli 18:20), sihunyushwa ngokuthi: umphefumulo owonayo ngeke ufe, kodwa kunalokho uyokuphila ngunaphakade. Ukuba umuntu wayevunyelwe ukudla emthini wokuphila ngemuva kokona kwakhe, isono sasizoqhubeka singaphinde siphele. Kodwa akukho noyedwa wabantwana baka Adamu owavunyelwa ukudla lezo zithelo zokuphila. Ngakhoke asikho isoni esiyophila naphakade.IE 41.4

    Ngemuva kokuwela esonweni, uSathane wanxusa izingelosi zakhe ukuba zifake inkolelo yokuthi ngokwendalo, umuntu akafi. Sezikwenzile lokhu, abantu benziwa bakholwa ukuthi isoni siyophila ekuhluphekeni kwaphakade. Manje inkosi yobumnyama yenza isithombe sikaNkulunkulu ogcwele impindiselo futhi ebusa ngesandla sensimbi, ukuthi uphonsa bonke abangamthokozisi esihogweni, ukuthi njengoba bezibhijabhija emalangabini angacimi, uMdali wabo uyabukela, kube mnandi. Ngalendlela ka isitha sigqokisa uBaba womusa ngezimpawu okungezaso. Isihluku yint o kaSathane. UNkulunkulu uluthando.IE 42.1

    USathane yisitha esiyenga umuntu ukuba one, bese simbhubhisa uma sinakho. Yinto engahambisani nakancane nothando, nomusa, nobulungiswa, ukuthi ababi abafile bahlushwa ngunaphakade esihogweni esivuthayo, ukuthi ngenxa yezono ezenziwe empilweni emfishane yasemhlabeni zihlushwa yonke impilo kaNkulunkulu!IE 42.2

    Into enje itholakala-phi neZwi likaNkulunkulu? Ingaguquka yini imizwa esinayo njengabantu ibe eyezilwane ezinesihluku! Cha, akuyona imfundiso yeZwi likaNkulunkulu leyo. “Kuphila kwami, isho iNkosi, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimabi; niyakufelani nina ndlu yakwalsrayeli na?” Hezekeli 33:11.IE 43.1

    UNkulunkulu uthokoziswa ukubona ukuhlupheka okungapheli yini? Uyathokoza yini ngokububula nokukhala kwezidalwa ezihlukumezekayo azigcine emalangabini? Ukukhala okunjalo kungase kuzwakale njengomculo omnandi yini ezindlebeni zikaNkulunkulu oluthando? Ukuhlambalaza lokho! Ukuqhutshekiselwa kwesono ngunaphakade akumniki udumo uNkulunkulu.IE 43.2

    Larger font
    Smaller font
    Copy
    Print
    Contents